Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 6/1 k. 27
  • Ingabe Bewazi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Bewazi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • U-“Amen” Wakho Ubalulekile KuJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • Yazise Indima KaJesu Eyingqayizivele Enjongweni KaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Ukuthandaza Phambi Kwabanye Ngenhliziyo Ethobekile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 6/1 k. 27

Ingabe Bewazi?

Kungani abantu bethi “amen” ekupheleni komthandazo?

NgesiNgisi nangesiGreki, igama elithi “amen,” livela kwelesiHebheru elithi ʼa·menʹ. Leli gama, ngokuvamile abantu abalisho kanye kanye lapho belalele umthandazo, isifungo, isibusiso noma isiqalekiso, ngokuyisisekelo lisho ukuthi “makube njalo,” noma ukuthi “ngokuqinisekile.” Ukulisho kubonisa ukuthi uvumelana namazwi aqeda ukushiwo. Enye incwadi ithi “leli gama lisho ukuqiniseka, ukuba yiqiniso kwento, ukwethembeka kwayo noma ukungangabazi neze.” Ngezikhathi zeBhayibheli, leli gama lalibopha lowo olishoyo ukuba agcine isifungo noma isithembiso futhi lalibonisa ukuthi wayevuma ukubhekana nemiphumela uma engasigcini.—Duteronomi 27:15-26.

Lapho eshumayela futhi efundisa, uJesu wayeqala ezinye zezinkulumo zakhe ngegama elithi “amen.” Ngokwenza kanjalo, wayebonisa ukuthi lokho ayezokusho kuthembeke kakhulu. Kulezo zimo, igama lesiGreki elithi a·menʹ lihunyushwe ngokuthi “ngiqinisile.” (Mathewu 5:18; 6:2, 5) Lapho eliphinda kabili, njengoba enza kulo lonke iVangeli likaJohane, leli gama lahunyushwa ngokuthi “ngiqinisile impela.” (Johane 1:51) Ukusebenzisa kukaJesu igama elithi “amen” ngale ndlela kuthiwa kuvela kuphela emibhalweni engcwele.

EmiBhalweni YamaKristu YesiGreki, uJesu ubizwa ngesiqu esithi “Amen” ukuze kuboniswe ukuthi ubufakazi bakhe ‘buthembekile futhi buqinisile.’—IsAmbulo 3:14.

Yayiyini i-Urimi neThumimi?

Kubonakala sengathi i-Urimi neThumimi kwakuyizinto ezazisetshenziswa kwa-Israyeli wasendulo ukuze kutholakale ukuthi yayiyini intando kaJehova ezindabeni ezithile ezazihilela isizwe noma abaholi baso. Lezi zinto zaziphathiswe abapristi abaphakeme futhi zigcinwa esikhwameni ‘sesiqephu sesifuba sokwahlulela.’ (Eksodusi 28:15, 16, 30) Nakuba imiBhalo ingazichazi lezi zinto nokuthi yayiyini kahle-hle injongo yazo, amanye amavesi abonakala ebonisa ukuthi zaziphonswa ukuze kutholakale ukuthi uNkulunkulu uyayivuma noma akayivumi nhlobo into ethile.

Isibonelo sokusetshenziswa kwazo yileso sikaDavide ecela u-Abhiyathara ukuba amlethele lokho ngokusobala okwakuyi-efodi elaline-Urimi neThumimi. UDavide wabuza uJehova imibuzo emibili: ‘Ingabe uSawule uzongijaha?’ nothi ‘Ingabe abanikazi bamazwe baseKheyila bazonginikela esandleni sakhe?’ Impendulo yayo yomibili le mibuzo yaba nguyebo, futhi lokho kwasiza uDavide ukuba enze izinqumo ezifanele.—1 Samuweli 23:6-12.

Ngaphambidlana, iNkosi uSawule yayisebenzise i-Urimi neThumimi ukuze ithole, okokuqala ukuthi ngabantu ababesecaleni noma icala lalikuye noJonathani, okwesibili ukuthi nguyena noma yindodana yakhe eyayonile. (1 Samuweli 14:40-42) Kamuva lapho uNkulunkulu esemlahlile uSawule, uJehova akabange esamnika isiqondiso “ngamaphupho noma nge-Urimi noma ngabaprofethi.”—1 Samuweli 28:6.

Ngokwenkolelo yamaJuda, ukusetshenziswa kwe-Urimi neThumimi kwaphela lapho ithempeli likaJehova libhujiswa ngo-607 B.C.E.

[Isithombe ekhasini 27]

“Amen,” isAmbulo 3:14. I-Codex Alexandrinus, yekhulu lesihlanu C.E.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela