Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 7/1 kk. 4-5
  • 1. Cela Umlobi Walo Akusize

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 1. Cela Umlobi Walo Akusize
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isipho SikaJehova Somoya Ongcwele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Uyini Umoya Ongcwele?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Ukuqondiswa Umoya KaNkulunkulu Ekhulwini Lokuqala Nanamuhla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Hamba Ngomoya, Uphile Ngokuvumelana Nokuzinikezela Kwakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 7/1 kk. 4-5

Indlela Ongaliqonda Ngayo Ibhayibheli

1. Cela Umlobi Walo Akusize

UNinfa, ohlala e-Italy, uyalandisa: “Kwake kwaba nesikhathi lapho ngangilifunda njalo iBhayibheli ngaphambi kokuyolala. Lokho ngangikwenza ngoba ngangazi ukuthi liyiZwi likaNkulunkulu. Nakuba ngangingakujabuleli ukulifunda, ngangifuna ukwazi ukuthi yini uNkulunkulu ayeyibhale kulo. Ngangifuna ukukufunda konke. Ekuqaleni lalilula, kodwa njengoba ngangiqhubeka nalo ngathola ukuthi ezinye izingxenye zinzima, ngabe sengiliyeka.”

INGABE nawe wake wazithola usesimweni esinjengesikaNinfa? Kunjalo ngabaningi. Nokho, njengoba sibonile esihlokweni esandulele, uMlobi weBhayibheli, uJehova uNkulunkulu, ufuna uliqonde iZwi lakhe. Kodwa ungaliqonda kanjani? Isinyathelo sokuqala siwukumcela ukuba akusize.

Abaphostoli bakaJesu babebhekwa njengabantu “abangafundile nabavamile” ngoba babengayanga ezikoleni zorabi ukuze bathole imfundo yenkolo. (IzEnzo 4:13) Nokho, uJesu wabaqinisekisa ngokuthi babengaliqonda iZwi likaNkulunkulu. Kanjani? Wachaza: “Umsizi, umoya ongcwele, uBaba azowuthumela egameni lami, wona uyonifundisa zonke izinto.” (Johane 14:26) UNkulunkulu wasebenzisa lo moya ongcwele, noma amandla akhe asebenzayo, ukuze adale umhlaba nazo zonke izinto ezikuwo. (Genesise 1:2) Wawusebenzisa nasekuphefumuleleni ababhali abangaba ngu-40 ukuba babhale imicabango yakhe eBhayibhelini. (2 Petru 1:20, 21) Lowo moya usengabasiza nalabo abafuna ukuqonda iBhayibheli.

Ungawuthola kanjani umoya ongcwele kaNkulunkulu? Kumelwe uwucele ngokholo. Eqinisweni, kungase kudingeke uwucele ngokungaphezi. UJesu wathi: “Qhubekani nicela, niyophiwa . . . uma nina, nakuba nibabi, nikwazi ukunika abantwana benu izipho ezinhle, kangakanani-ke ngoBaba osezulwini, uyobanika umoya ongcwele labo abawucela kuye!” (Luka 11:9, 13) UJehova uzimisele ukubapha umoya wakhe ongcwele labo abawucela ngobuqotho. Lawo mandla asebenzayo angakusiza ukuba uqonde amazwi aphefumulelwe abhalwa eBhayibhelini eminyakeni eyizinkulungwane edlule. Umoya kaNkulunkulu ungakunikeza nokuhlakanipha okudingayo ukuze ukwazi ukusebenzisa umyalezo walo onamandla ekuphileni kwakho.—Hebheru 4:12; Jakobe 1:5, 6.

Ngakho-ke, njalo lapho ufunda iBhayibheli, thandaza kuNkulunkulu, umcele akuphe umoya ongcwele ozokusiza ukuba uliqonde.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela