Sondela KuNkulunkulu
“Mina Jehova UNkulunkulu Wenu Ngingcwele”
“UNGCWELE, ungcwele, ungcwele uJehova uNkulunkulu.” (IsAmbulo 4:8) La mazwi eBhayibheli asitshela ukuthi uJehova ungcwele, okuhlanganisa ubumsulwa nokuhlanzeka kwezinga eliphakeme kakhulu. UNkulunkulu akanaso nhlobo isono; akanakugcoliswa noma onakaliswe isono nganoma iyiphi indlela. Ingabe lokho kusho ukuthi akunandlela yokuba abantu abangaphelele babe nobuhlobo nalo Nkulunkulu ongcwele? Lutho neze! Ake sizwe amazwi asinika ithemba akuLevitikusi isahluko 19.
UJehova watshela uMose: “Khuluma nayo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli.” Amazwi awasho ngemva kwalokho ayeqondiswe kubo bonke abantu esizweni. Yini uMose okwakufanele abatshele yona? UNkulunkulu waqhubeka: “[Kumelwe] uthi kuyo, ‘Kufanele nibe ngcwele, ngoba mina Jehova uNkulunkulu wenu ngingcwele. ‘” (Ivesi 2) UmIsrayeli ngamunye kwakumelwe abonise ubungcwele. Igama elithi “kufanele” libonisa ukuthi lokhu kwakungekhona ukusikisela, kwakuwumyalo. Ingabe uNkulunkulu wayefuna abantu benze okungaphezu kwamandla abo?
Phawula ukuthi lapho uJehova ekhuluma ngobungcwele bakhe, wayengasho ukuthi lena yimfanelo nabantu okufanele babe nayo ngezinga lakhe, kodwa wayenikeza isizathu esenza wakhipha lo myalo. Ngamanye amazwi, uJehova akazange atshele abakhulekeli bakhe bakwa-Israyeli abangaphelele ukuba babe ngcwele njengaye. Lokho kwakungenakwenzeka. UJehova, “oNgcwelengcwele,” akalingani namuntu ngobungcwele. (IzAga 30:3) Nokho, ngenxa yokuthi uJehova ungcwele, ulindele abakhulekeli bakhe ukuba nabo babe ngcwele—okungukuthi, ngezinga abantu abangaphelele abangaba ngcwele ngalo. Bangaba ngcwele kanjani?
Ngemva kokunikeza umyalo wokuba ngcwele, uJehova wasebenzisa uMose ukuze atshele abantu ngezimfuneko ezazisebenza kuzo zonke izici zokuphila. UmIsrayeli ngamunye kwakulindeleke ukuba aphile ngokwalezi zimiso ezilandelayo: ahloniphe abazali nabantu abadala (amavesi 3, 32); acabangele izithulu, izimpumputhe nabahluphekayo (amavesi 9, 10, 14); athembeke futhi angabandlululi lapho esebenzelana nabantu (amavesi 11-13, 15, 35, 36); futhi athande abanye abakhulekeli njengoba ezithanda yena. (Ivesi 18) Ngokuphila ngalezi zimiso nezinye, umIsrayeli ‘wayeyobe ungcwele ngempela kuNkulunkulu wakhe.’—Numeri 15:40.
Umyalo ophathelene nobungcwele usisiza ukuba sikuqonde kahle ukucabanga nezindlela zikaJehova uNkulunkulu. Okunye esikufundayo ukuthi ukuze sibe nobuhlobo obuhle naye, kudingeka senze konke okusemandleni ukuze siphile ngokuvumelana nemithetho yakhe yokuziphatha okungcwele. (1 Petru 1:15, 16) Uma silalela le mithetho, siyoba nokuphila okujabulisa kakhulu.—Isaya 48:17.
Umyalo wokuba sibe ngcwele ubonisa nokuthi uJehova uyabethemba abakhulekeli bakhe. Akalokothi alindele okungaphezu kwamandla ethu. (IHubo 103:13, 14) Uyazi ukuthi njengoba singabantu abenziwe ngomfanekiso wakhe, singakwazi ukuhlakulela ubungcwele—ngomqondo olinganiselwe. (Genesise 1:26) Ingabe ushukumiseleka ukuba ufune ukwazi okwengeziwe ngendlela ongasondela ngayo kuJehova, uNkulunkulu ongcwele?
[Isithombe ekhasini 9]
Singakwazi ukuhlakulela ubungcwele