Lingisa UJesu Ngokufundisa Ngothando
“Akekho omunye umuntu owake wakhuluma kanje.”—JOH. 7:46.
1. Indlela kaJesu yokufundisa yenza abantu basabela kanjani?
CABANGA ukuthi kumelwe ukuba kwakujabulisa kangakanani ukuzwa uJesu efundisa! IBhayibheli lisinika amazwibela ethonya aba nalo kulabo ayebafundisa. Ngokwesibonelo, umlobi weVangeli uLuka uthi abantu bomuzi wakubo kaJesu “bamangala ngamazwi amnandi ayephuma emlonyeni wakhe.” UMathewu ubika ukuthi labo ababelalele uJesu efundisa eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni ‘bakhexa ngendlela yakhe yokufundisa.’ UJohane uphawula ukuthi izikhonzi ezazithunywe ukuyombopha zabuya zilambatha, zithi: “Akekho omunye umuntu owake wakhuluma kanje.”—Luka 4:22; Math. 7:28; Joh. 7:46.
2. Iziphi izindlela zokufundisa uJesu azisebenzisa?
2 Lezo zikhonzi zazingenzi phutha. Akungatshazwa ukuthi uJesu wayenguMfundisi omkhulu kunabo bonke abake baphila. Wayefundisa ngendlela ecacile, elula futhi ebonisana nabantu ngendlela engenakuphikiswa. Wasebenzisa imifanekiso nemibuzo ngekhono. Wafanelanisa ayekufundisa nabantu ayekhuluma nabo, kungakhathaliseki ukuthi babenezikhundla eziphakeme noma bengabantu nje. Amaqiniso ayewafundisa kwakulula ukuwaqonda kodwa ayengeve ejulile. Nokho, akuzona lezi zinto kuphela ezenza uJesu waba uMfundisi omkhulu.
Imfanelo Eyisihluthulelo—Uthando
3. UJesu wayehluke kanjani njengomfundisi kubaholi benkolo bosuku lwakhe?
3 Cishe phakathi kwababhali nabaFarisi kwakunabantu abahlakaniphile ababenolwazi namakhono okuludlulisela kwabanye. Pho yini eyenza indlela kaJesu yokufundisa yahluka kangaka kweyabo? Abaholi benkolo bangaleso sikhathi babengabathandi abantu abavamile. Kunalokho, babebabukela phansi, bebabheka ‘njengabantu abaqalekisiwe.’ (Joh. 7:49) Ngokungafani nabo, uJesu washukunyiswa isihawu ngabo, njengoba ‘babephundlekile futhi behlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.’ (Math. 9:36) Wayenobungane, enozwela nomusa. Ngaphezu kwalokho, abaholi benkolo babengenalo uthando lweqiniso ngoNkulunkulu. (Joh. 5:42) Nokho, uJesu wayemthanda uYise futhi ekujabulela ukwenza intando yakhe. Abaholi benkolo babesonta amazwi kaNkulunkulu ukuze avumelane nabo, kodwa uJesu wayelithanda “izwi likaNkulunkulu”—walifundisa, walichaza, walivikela futhi waphila ngalo. (Luka 11:28) Yebo, uthando lwaluwumgogodla wobuntu bukaKristu, lubonakala kulokho ayekufundisa, endleleni ayesebenzelana ngayo nabantu nasendleleni ayebafundisa ngayo.
4, 5. (a) Kungani kubalulekile ukufundisa ngothando? (b) Kungani ulwazi nekhono nakho kubalulekile lapho sifundisa?
4 Thina senzenjani? Njengabalandeli bakaKristu, sifisa ukumlingisa enkonzweni yethu nasekuphileni kwethu. (1 Pet. 2:21) Ngakho umgomo wethu awukona ukufundisa abanye ngeBhayibheli kuphela kodwa sifuna nokubonakalisa izimfanelo zikaJehova, ikakhulukazi uthando lwakhe. Kungakhathaliseki ukuthi sinolwazi oluningi noma oluncane, ukuthi sinamakhono amaningi okufundisa noma sisafufusa, uthando esilubonisayo lungenza lukhulu ekufinyeleleni izinhliziyo zalabo esibashumayezayo. Ukuze siphumelele ngempela emsebenzini wethu wokwenza abafundi, kumelwe silingise uJesu ngokufundisa ngothando.
5 Yiqiniso, ukuze sibe abafundisi abahle, kudingeka sibe nolwazi oluhle ngendaba esizoxoxa ngayo futhi sibe nekhono lokuludlulisela. UJesu wasiza abafundi bakhe ukuba babe nakho kokubili lokhu, futhi namuhla uJehova usebenzisa inhlangano yakhe ukuze asisize ukuba sibe nolwazi nekhono lokufundisa. (Funda u-Isaya 54:13; Luka 12:42.) Noma kunjalo, kufanele silwele ukuba singahileli izingqondo zethu kuphela lapho sifundisa kodwa nezinhliziyo zethu. Lapho kuhlangene ulwazi, ikhono nothando, umphumela ungaba othokozisa kakhulu. Khona-ke, singalubonisa ngaziphi izindlela uthando lapho sifundisa? UJesu nabafundi bakhe balubonisa kanjani? Ake sibone.
Kumelwe Sithande UJehova
6. Sikhuluma kanjani ngomuntu esimthandayo?
6 Siyakujabulela ukukhuluma ngezinto esizithandayo. Lapho sikhuluma ngento eyigugu kithi, siba nomdlandla futhi sibonakalise intshiseko nemfudumalo. Lokhu kuyiqiniso ikakhulu lapho sikhuluma ngomuntu esimthandayo. Ngokuvamile, siyakulangazelela ukuxoxela abanye lokho esikwaziyo ngalowo muntu. Siyambabaza, simdumise futhi simmelele. Lokhu sikwenza ngoba sifuna nabanye bamthande lowo muntu nezimfanelo zakhe njengathi.
7. Uthando lukaJesu ngoNkulunkulu lwamshukumisela ukuba enzeni?
7 Ngaphambi kokuba sihlakulele uthando ngoJehova kwabanye, kumelwe thina siqale ngokumazi futhi simthande. Kakade, ukukhulekela kweqiniso kusekelwe othandweni ngoNkulunkulu. (Math. 22:36-38) UJesu wabeka isibonelo esiphelele. Wathanda uJehova ngayo yonke inhliziyo yakhe, ingqondo, umphefumulo namandla. Njengoba mhlawumbe achitha izinkulungwane zezigidi zeminyaka ezulwini enoYise, uJesu wayemazi kahle. Waba yini umphumela? Wathi: “Ngiyamthanda uBaba.” (Joh. 14:31) Lolo thando lwalubonakala kukho konke ayekusho nayekwenza. Lwamshukumisela ukuba ngaso sonke isikhathi enze izinto ezijabulisa uNkulunkulu. (Joh. 8:29) Lwamqhubela ukuba alahle abaholi benkolo ngokuzenzisa ababethi bamelela uNkulunkulu. Lwamshukumisela nokuba akhulume ngoJehova futhi asize abanye ukuba bamazi futhi bamthande.
8. Ukuthanda uNkulunkulu kwashukumisela abafundi bakaJesu ukuba benzeni?
8 NjengoJesu, abafundi bakhe bekhulu lokuqala babemthanda uJehova, futhi lolo thando lwabashukumisela ukuba bashumayele izindaba ezinhle ngesibindi nangentshiseko. Bagcwalisa iJerusalema ngemfundiso yabo, ngisho noma babephikiswa abaholi benkolo abanamandla. Laba bafundi babengeke bayeke ukukhuluma ngezinto ababezibonile nababezizwile. (IzE. 4:20; 5:28) Babazi ukuthi uJehova wayenabo futhi wayeyobabusisa—okuyilokho kanye akwenza! Eqinisweni, eminyakeni engaphansi kwengu-30 ngemva kokufa kukaJesu, umphostoli uPawulu wakwazi ukusho ukuthi izindaba ezinhle zase zishunyayelwe “kuyo yonke indalo engaphansi kwezulu.”—Kol. 1:23.
9. Singaluqinisa kanjani uthando lwethu ngoNkulunkulu?
9 Uma sifuna ukuba abafundisi abaphumelela ngempela, nathi kudingeka siqiniseke ukuthi siyaqhubeka siqinisa uthando lwethu ngoNkulunkulu. Singakwenza kanjani lokhu? Ngokukhuluma njalo noNkulunkulu ngomthandazo. Siqinisa uthando lwethu ngoNkulunkulu nangokutadisha iZwi lakhe, ngokufunda izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini nangokuya emihlanganweni yobuKristu. Njengoba ulwazi lwethu ngaye lukhula, izinhliziyo zethu ziyochichima uthando ngaye. Ngakho-ke, lapho sibonisa uthando lwethu ngoNkulunkulu ngamazwi nangezenzo, abanye bayolubona bese bedonsekela kuye.—Funda iHubo 104:33, 34.
Kumelwe Sikuthande Esikufundisayo
10. Umfundisi omuhle ubonakala ngani?
10 Umfundisi omuhle ubonakala ngokukuthanda lokho akufundisayo. Kumelwe akukholelwe ukuthi kuyiqiniso, kubalulekile futhi kunenzuzo. Uma umfundisi ekukhathalela lokho akufundisayo, intshiseko yakhe iyoba sobala, ibe nethonya elinamandla kulabo abafundisayo. Ngakolunye uhlangothi, uma umfundisi engakwazisi ngempela lokho akufundisayo, angalindela kanjani ukuba labo abafundisayo bakwazise? Ungalokothi ulibukele phansi ithonya lesibonelo sakho njengomfundisi weZwi likaNkulunkulu. UJesu wathi: “Wonke umfundi oqeqeshwe kahle uyofana nomfundisi wakhe.”—Luka 6:40, The New Berkeley Version in Modern English.
11. Kungani uJesu ayekuthanda lokho ayekufundisa?
11 UJesu wayekuthanda lokho ayekufundisa. Wayazi ukuthi wayenokuthile okuyigugu okwakufanele akutshele abanye—iqiniso ngoYise osezulwini, wona kanye “amazwi kaNkulunkulu” “namazwi okuphila okuphakade.” (Joh. 3:34; 6:68) Njengokukhanya okukhulu, amaqiniso afundiswa uJesu adalula okubi futhi akhanyisa okuhle. Aduduza futhi abanika ithemba abantu abathobekile ababekhohliswe abaholi benkolo yamanga futhi becindezelwe uDeveli. (IzE. 10:38) Uthando uJesu ayenalo ngeqiniso alubonakali kuphela ezimfundisweni zakhe kodwa nakukho konke akwenza.
12. Umphostoli uPawulu wayezizwa kanjani ngezindaba ezinhle?
12 NjengoJesu, abafundi bakhe balithanda futhi balazisa iqiniso ngoJehova nangoKristu kangangokuba abaphikisi bahluleka ukubayekisa ukukhuluma ngalo kwabanye. UPawulu wabhalela amaKristu ayekanye nawo aseRoma: “Kimi kukhona ukulangazelela ukuba ngimemezele izindaba ezinhle . . . Ngoba anginamahloni ngezindaba ezinhle; eqinisweni, zingamandla kaNkulunkulu ensindiso kuwo wonke umuntu onokholo.” (Roma 1:15, 16) Wayekubheka njengelungelo ukumemezela iqiniso. Wabhala: “Lo musa ongafanelwe waphiwa mina, . . . ukuba ngimemezele ezizweni izindaba ezinhle zengcebo kaKristu engenakuqondakala.” (Efe. 3:8) Kulula ukuyibona ngeso lengqondo intshiseko uPawulu ayeyibonisa lapho efundisa abanye ngoJehova nangezinjongo zaKhe.
13. Sinaziphi izizathu zokuthanda izindaba ezinhle?
13 Izindaba ezinhle eziseZwini likaNkulunkulu zisenza simazi uMdali futhi sibe nobuhlobo naye obusekelwe othandweni. Lezo zindaba ezinhle ziphendula imibuzo ebalulekile ekuphileni futhi zinamandla okuguqula ukuphila kwethu, okusinika ithemba nokusiqinisa ezikhathini ezinzima. Ngaphezu kwalokho, zisibonisa indlela yokuthola ukuphila okunenjongo okungasoze kwaphela. Alukho ulwazi oluyigugu noma olubaluleke ngaphezu kwezindaba ezinhle. Ziyisipho esingenakuqhathaniswa, esisilethela injabulo enkulu. Sithola injabulo eyengeziwe lapho sihlanganyela lesi sipho nabanye.—IzE. 20:35.
14. Singaluqinisa kanjani uthando lwethu ngalokho esikufundisayo?
14 Yini ongayenza ukuze uluqinise nangokwengeziwe uthando lwakho ngezindaba ezinhle? Lapho ufunda iZwi likaNkulunkulu, yiba nezikhawu zokuzindla ngalokho okufundayo. Ngokwesibonelo, zibone ngeso lengqondo uhamba noJesu ngenkathi enza inkonzo yakhe emhlabeni noma uhamba nomphostoli uPawulu. Zibone usezweni elisha futhi uzakhele umbono ngokuthi ukuphila kuyoba okuhluke kanjani. Zindla ngezibusiso oye wazithola ngokulalela izindaba ezinhle. Uma ulugcina luqinile uthando lwakho ngezindaba ezinhle, labo obafundisayo bayoluzwa lolo thando. Ngakho, sinesizathu esihle sokuzindla ngokujulile ngalokho esiye sakufunda nokukunaka lokho esikufundisayo.—Funda eyoku-1 Thimothewu 4:15, 16.
Kumelwe Sithande Abantu
15. Kungani umfundisi kufanele abathande labo abafundisayo?
15 Umfundisi omuhle wenza labo abafundisayo bazizwe bekhululekile ukuze bakulangazelele abakufundayo futhi bakujabulele ukuveza imizwa yabo. Umfundisi onothando udlulisela ulwazi kulabo abafundisayo ngoba ebakhathalela ngobuqotho. Ufanelanisa lokho akufundisayo nezidingo zabo kanye nezinga labo lokuqonda. Uyawacabangela amakhono nezimo zabo. Lapho abafundisi benothando olunjalo, abafundi bayolubona, futhi ukufunda nokufundisa kuyojabulisa.
16. UJesu walubonisa ngaziphi izindlela uthando lwakhe ngabantu?
16 UJesu wabonisa uthando olunjalo. Isenzo sakhe esikhulu kunazo zonke sothando saba ukunikela ngokuphila kwakhe okuphelele ukuze abanye basindiswe. (Joh. 15:13) Phakathi nenkonzo yakhe, uJesu wasebenza engakhathali ekhathalela abantu ngokwenyama nangokomoya. Kunokuba alindele ukuba abantu beze kuye, wahamba amabanga amade ngezinyawo ukuze ayobashumayeza izindaba ezinhle. (Math. 4:23-25; Luka 8:1) Wayenesineke futhi ebaqonda abantu. Lapho kudingeka ayale abafundi bakhe, wayekwenza ngothando. (Marku 9:33-37) Wabakhuthaza ngokubabonisa ukuthi wayebethemba ukuthi babeyoba abashumayeli abaphumelelayo bezindaba ezinhle. Akekho umuntu owaba umfundisi onothando ukudlula uJesu. Uthando alubonisa abafundi bakhe lwabashukumisela ukuba bamthande futhi bagcine imiyalo yakhe.—Funda uJohane 14:15.
17. Abafundi bakaJesu balubonisa kanjani uthando kwabanye?
17 NjengoJesu, abafundi bakhe babonisa abantu ababebashumayeza uthando olujulile. Babekezelela ushushiso, bafaka ukuphila kwabo engozini ukuze bakhonze abanye futhi baphumelela ekushumayeleni izindaba ezinhle. Yeka uthando ababenalo ngalabo ababasiza ngokomoya! Aweve ethinta inhliziyo ngempela amazwi omphostoli uPawulu, owabhala: “Saba mnene kini, njengalapho umdlezane enakekela abantwana bakhe ngozwela. Kanjalo, njengoba sasinothando lomzwelo ngani, sakujabulela kakhulu ukungadluliseli kini nje kuphela izindaba ezinhle zikaNkulunkulu, kodwa futhi nemiphefumulo yethu uqobo, ngoba nathandeka kithi.”—1 Thes. 2:7, 8.
18, 19. (a) Kungani sizimisele ukuzidela ukuze sifeze umsebenzi wokushumayela? (b) Nikeza isibonelo esibonisa ukuthi abanye bayaluphawula uthando esilubonisayo.
18 Ngokufanayo, ezikhathini zanamuhla, oFakazi BakaJehova behla benyuka emhlabeni wonke befuna labo abanxanela ukwazi uNkulunkulu nokumkhonza. Eqinisweni, sekuyiminyaka engu-17 ilandelana silokhu sichitha amahora angaphezu kwezigidi eziyinkulungwane ngonyaka emsebenzini wokushumayela nokwenza abafundi—futhi siyaqhubeka nalo msebenzi. Lokhu sikwenza ngokuzithandela nakuba umsebenzi wokushumayela udinga ukuba sidele isikhathi, amandla nezinto zethu ezibonakalayo. NjengoJesu, siyaqonda ukuthi uBaba wethu onothando osezulwini ufuna ukuba abantu babe nolwazi oluholela ekuphileni okuphakade. (Joh. 17:3; 1 Thim. 2:3, 4) Uthando lusishukumisela ukuba sisize abantu abanhliziyo ziqotho ukuba bazi uJehova futhi bamthande njengathi.
19 Abantu bayalubona uthando esilubonisayo. Ngokwesibonelo, udade oyiphayona e-United States ubhalela labo abashonelwe abathandekayo babo izincwadi zokubaduduza. Umlisa othile waphendula: “Kwaqale kwangimangaza ukuthi umuntu angenza umzamo wokubhalela umuntu angamazi nhlobo ukuze amsize ukuba abhekane nosizi lwakhe. Kusobala kimi ukuthi uthanda omakhelwane bakho noNkulunkulu obelusayo.”
20. Kubaluleke kangakanani ukufundisa ngothando?
20 Kuye kwashiwo ukuthi lapho into yenziwa ngothando nangekhono, kuphuma ingcwenga! Emsebenzini wethu wokufundisa, sifuna ukusiza esibafundelayo ukuba babe nengqondo eyazi uJehova nenhliziyo emthandayo. Yebo, ukuze sibe abafundisi abaphumelela ngempela, kudingeka sibe nothando olukathathu—uthando ngoNkulunkulu, uthando ngeqiniso nothando ngabantu. Lapho sihlakulela lolo thando futhi silubonisa enkonzweni yethu, ngeke sithole injabulo yokupha kuphela kodwa siyothola nokwaneliseka kokwazi ukuthi silingisa uJesu futhi sithokozisa uJehova.
Ungaphendula Kanjani?
• Njengoba sifundisa abanye izindaba ezinhle, kungani kubalulekile ukuba . . .
sithande uNkulunkulu?
sithande esikufundisayo?
sithande labo esibafundisayo?
[Isithombe ekhasini 15]
Yini eyenza indlela kaJesu yokufundisa yahluka kweyababhali neyabaFarisi?
[Isithombe ekhasini 18]
Ukuze ube umfundisi omuhle kudingeka ube nolwazi nekhono futhi, ngaphezu kwakho konke, ube nothando