Sondela KuNkulunkulu
Ubumnene Buyigugu KuJehova
UKUQHOSHA, umona, isifiso sokuvelela. Lezi zici zivamile kulabo abafuna ukuba ngongqá phambili kuleli zwe. Kodwa ingabe ziyasisondeza kuJehova uNkulunkulu? Cha, uJehova ubheka ubumnene njengemfanelo eyigugu kubakhulekeli bakhe. Lokhu kucace bha ekulandiseni okusencwadini kaNumeri isahluko 12. Le ndaba yenzeka eSinayi ngemva kokuba ama-Israyeli ekhululwe eGibhithe.
Umfowabo nodadewabo kaMose omdala, uMiriyamu no-Aroni, “bakhuluma kabi” ngomfowabo. (Ivesi 1) Kunokuba bakhulume noMose, bakhuluma kabi ngaye, futhi kungenzeka babekhononda ngaye nakwabanye ekamu. Kusobala ukuthi nguMiriyamu owayengubhongoza ngoba nguye okukhulunywa ngaye kuqala. Into yokuqala abakhononda ngayo ukuthi uMose wayeshade nowesifazane ongumKushe. Kungenzeka yini ukuthi uMiriyamu wayenomona wokuthi lona wesifazane wayesezonakwa ukwedlula yena—engeyena nomIsrayeli nokwenza?
Abagcinanga ngokukhononda ngalokho kuphela. UMiriyamu no-Aroni babelokhu bethi: “Ingabe uJehova ukhulume ngoMose kuphela? Akakhulumanga yini nangathi?” (Ivesi 2) Ingabe ukufisa ukuvelela negunya kwakuyisisusa salokhu kukhononda?
Ukulandisa kubonisa ukuthi uMose akazange aphendule lapho bekhononda. Kusobala ukuthi wamane wazithulela wakhuthazelela lokho kuhlushwa. Ukubekezela kwakhe kuvumelana nendlela iBhayibheli elimchaza ngayo lapho lithi “wayemnene ukubadlula kude bonke abantu” emhlabeni.a (Ivesi 3) Sasingekho isidingo sokuba uMose azivikele ngoba uJehova wayelalele futhi wamlwela.
UJehova wabheka lokho kububula njengokwakubhekiswe kuye. Phela nguyena owayemise uMose. Ngesikhathi uNkulunkulu esola uMiriyamu no-Aroni, wabakhumbuza ukuthi wayenobuhlobo obukhethekile noMose. Wathi: “Ngikhuluma naye umlomo nomlomo.” Wabe esebabuza: “Pho-ke, kungani nina ningesabanga ukukhuluma kabi . . . ngoMose?” (Ivesi 8) Eqinisweni, ukukhuluma kabi ngoMose kwakufana nokuthi bakhuluma kabi ngoNkulunkulu. Babefanelwe isijeziso sikaNkulunkulu ngenxa yokwedelela okungako.
UMiriyamu, okusobala ukuthi nguye owayengumshoshozeli, washaywa ngochoko. Ngokushesha u-Aroni wancenga uMose ukuba amcelele uxolo. Cabanga nje—impilo kaMiriyamu yayisixhomeke ekukhulunyelweni uyena kanye umuntu ababemonile! Ubumnene bukaMose bamshukumisa ukuba enze ngokwesicelo sika-Aroni. Eqala ngqa ukuvula umlomo wakhe kule ndaba, uMose wathandaza ngobuqotho kuJehova ethandazela udadewabo. UMiriyamu waphulukiswa, kodwa kwadingeka abhekane nehlazo lokuhlaliswa yedwa izinsuku ezingu-7 ngenxa yochoko.
Le ndaba isisiza ukuba siqonde izimfanelo uJehova azazisayo nezici zobuntu azizondayo. Uma sifuna ukusondela kuye, kufanele silwele ukusiphula noma yikuphi ukuqhosha, umona nesifiso sokuvelela esingase sibe naso. UJehova uyabathanda abantu abamnene. Uyathembisa: “Abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”—IHubo 37:11; Jakobe 4:6.
[Umbhalo waphansi]
a Ubumnene buyimfanelo enamandla eyenza umuntu akukhuthazelele ngesineke ukuphathwa kabi futhi angaphindiseli.