Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 8/15 k. 23
  • Ingabe Uyakhumbula?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyakhumbula?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Babelithanda IZwi LikaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Incwadi “Ekhuluma” Izilimi Eziphilayo
    Incwadi Yabo Bonke Abantu
  • Shisekela Indlu KaJehova!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Ingabe Uyakhumbula?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 8/15 k. 23

Ingabe Uyakhumbula?

Ukujabulele yini ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Bona ukuthi ungayiphendula yini le mibuzo elandelayo:

• Likhona yini ithemba lovuko ngomntwana oshona engakazalwa?

Ukuphila kuqala lapho kuhlala isisu. UJehova angabavusa abantu kungakhathaliseki ukuthi bakusiphi isigaba sokuphila ngoba “zonke izinto zingenzeka kuNkulunkulu.” (Marku 10:27) Kodwa iBhayibheli alisho ngokuqondile ukuthi uyobavusa yini abantwana abashona besesesibelethweni.—4/15, amakhasi 12, 13.

• Kungani kungasizuzisa ukuqaphela izintuthwane, izimbila, izinkumbi nezigcilikisha?

Lezi zilwane ezine zibonisa ukuhlakanipha okungokwemvelo. Ngakho, zisenza sibone ubukhulu bokuhlakanipha kukaNkulunkulu. (IzAga 30:24-28)—4/15, amakhasi 16-19.

• Unyaka ka-2009 uhlanganisa liphi ikhulu leminyaka emlandweni woFakazi BakaJehova?

Ngo-1909 indlunkulu ye-Watch Tower Bible and Tract Society, uphiko lwezomthetho lwenhlangano enyathelisayo esetshenziswa oFakazi BakaJehova, yasuka ePittsburgh, ePennsylvania, yathuthela eBrooklyn, eNew York, lapho isekhona namanje.—5/1, amakhasi 22-24.

• Kungani iBhayibheli litusa ukuthula?

Libonisa ukuthi ukuthula kungaba uphawu lwenhlonipho, usizo ekuzindleni nobufakazi bokuqonda. (IHu. 37:7; 63:6; IzAga 11:12)—5/15, amakhasi 3-5.

• Ikuphi ukufana okukhona phakathi kukaJohn Wycliffe, uWilliam Tyndale, uRobert Morrison no-Adoniram Judson?

Bonke babelithanda iZwi likaNkulunkulu futhi balihumushela ezilimini abantu abavamile abakwazi ukuzifunda. Abokuqala ababili balihumushela esiNgisini, uMorrison esiShayineni, kwathi uJudson walihumushela olimini lwaseBurma (eMyanmar).—6/1, amakhasi 8-11.

• Mangaki amakhosi akwaJuda abonisa intshiseko evelele ngendlu kaNkulunkulu?

Emakhosini angu-19 abusa embusweni wakwaJuda oseningizimu, mane aphawuleka ngentshiseko enjalo—u-Asa, uJehoshafati, uHezekiya noJosiya.—6/15, amakhasi 7-11.

• Ingabe wonke amaKristu agcotshiwe asemhlabeni anengxenye ekulungiseleleni ukudla okungokomoya?

Cha. Bonke abagcotshwe ngomoya kaNkulunkulu bayingxenye yenceku ethembekileyo neqondayo, kodwa yilabo abakha iNdikimba Ebusayo abalungiselela ukudla okungokomoya.—6/15, amakhasi 22-24.

• Kungani amasosha angamaRoma ayithanda ingubo kaJesu yangaphakathi?

Ngenkathi kubulawa uJesu, amasosha awazange ahlukaniselane ngale ngubo. Ngokuvamile, ingubo yangaphakathi yayenziwa ngokuhlanganiswa kwezindwangu ezimbili, kodwa ekaJesu yayingenamthungo, okwayenza yaba eyenani elikhulu.—7/1, ikhasi 22.

• Kungani kungase kuthiwe wuthando olwenza uJesu ehluke kubaholi benkolo?

Kunokuba labo baholi babathande abantu abavamile, bababukela phansi. Ngaphezu kwalokho, babengamthandi uNkulunkulu. UJesu wayemthanda uYise futhi wayeshukunyiswa uzwela ngabantu. (Math. 9:36) Wababonisa uthando, uzwela kanye nomusa.—7/15, ikhasi 15.

• Kungani ukusebenzisa kahle imali kungaba inselele emshadweni, futhi yini engasiza imibhangqwana ukuba iphumelele?

Izingxabano mayelana nemali zivame ukubangelwa ukungathembani noma ukwesaba futhi abantu abashadile kungenzeka banezizinda ezingefani. Nazi izihluthulelo ezine zempumelelo: Fundani ukuxoxa ngomoya ophansi ngemali, vumelanani ngendlela okufanele ibhekwe ngayo, bhalani phansi indlela enizoyisebenzisa ngayo bese ninquma ukuthi ubani ozokwenza ini.—8/1, amakhasi 10-12.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela