Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 9/1 k. 18
  • Ingabe Bewazi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Bewazi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uyini Umphongolo Wesivumelwano?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Esikufunda Kumfowabo KaJesu Omncane
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Ukhetha Abaphostoli Bakhe
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 9/1 k. 18

Ingabe Bewazi?

Washonaphi ngempela umphongolo wesivumelwano?

Kuma-Israyeli, ukuba khona kukaNkulunkulu kwakumelelwa umphongolo wesivumelwano. (Eksodusi 25:22) Lo mphongolo wawuyibhokisi elingcwele elakhiwe ngokhuni lanamekwa ngegolide, futhi uMose wayefake kuwo izibhebhe zamatshe ezimbili ezazibhalwe uMthetho. Ngesikhathi ama-Israyeli esehlane, uMphongolo wawugcinwa eNgcwelengcwele ngaphakathi kwetende lokuhlangana. (Eksodusi 26:33) Wagcina ubekwe eNgcwelengcwele yethempeli likaSolomoni.—1 AmaKhosi 6:19.

Sigcina ukuzwa ngoMphongolo kweyesi-2 IziKronike 35:3 ngesikhathi iNkosi uJosiya iwuphindisela ethempelini ngo-642 B.C.E. Kungenzeka ukuthi wawukhishwe uManase oyisihlubuki owabusa ngaphambi kukaJosiya, owafaka isithombe ethempelini. Kungenzeka nokuthi wakhishwa wayobekwa endaweni ephephile ngesikhathi uJosiya evuselela ithempeli. (2 IziKronike 33:1, 2, 7; 34:1, 8-11) Akwaziwa ukuthi uMphongolo washonaphi ngemva kwalokho ngoba awubalwa phakathi kwezinto ezathathwa ethempelini ngesikhathi abaseBhabhiloni benqoba iJerusalema ngo-607 B.C.E.—2 AmaKhosi 25:13-17.

ImiBhalo ayisho ukuthi uMphongolo waphindiselwa eNgcwelengcwele yethempeli elaphinde lakhiwa uZerubhabhele, futhi akubonakali kukhona omunye owenziwa.—Ezra 1:7-11.

Ayengobani amadoda ahlukahlukene abizwa ngoJakobe eBhayibhelini?

La madoda ayemane uma esewonke, futhi kulula ukuba akudide.a Enye yawo kwakunguyise womphostoli uJuda (hhayi Iskariyothe), futhi akukho okunye okwaziwayo ngaye.—Luka 6:16; IzEnzo 1:13.

Enye yala madoda kwakuyindodana kaZebedewu. Lo Jakobe wayengumfowabo kaJohane, bobabili bengabaphostoli bakaJesu. (Mathewu 10:2) Kubonakala sengathi unina kwakunguSalome, udadewabo kanina kaJesu. (Qhathanisa noMathewu 27:55, 56; Marku 15:40, 41 noJohane 19:25.) Uma kunjalo, kusho ukuthi uJakobe noJesu babeyizihlobo. Yena kanye nomfowabo babengabadobi, bebambisene noPetru no-Andreya kulo msebenzi.—Marku 1:16-19; Luka 5:7-10.

Kube sekulandela uJakobe indodana ka-Alfewu, naye owayengomunye wabaphostoli bakaJesu. (Marku 3:16-18) KuMarku 15:40, uchazwa ngokuthi ‘uJakobe Omncane.’ Kungenzeka wayebizwa kanjalo ngenxa yokuthi wayenomzimba omncane noma emncane ngeminyaka kunoJakobe, indodana kaZebedewu.

Owokugcina yindodana kaJosefa noMariya, umfowabo kaJuda nomfowabo kaJesu ngamzali munye. (Marku 6:3; Galathiya 1:19) Phakathi nenkonzo kaJesu, uJakobe wayengeyena umlandeli wakhe. (Mathewu 12:46-50; Johane 7:5) Nokho, ngaphambi kwePentekoste lika 33 C.E., uJakobe wathandaza ekanye nonina, nabafowabo nabaphostoli ekamelweni eliphezulu eJerusalema. (IzEnzo 1:13, 14) Kamuva, uJakobe waba yilungu eliqavile lebandla laseJerusalema futhi wabhala incwadi yeBhayibheli ebizwa ngegama lakhe.—IzEnzo 12:17; Jakobe 1:1.

[Umbhalo waphansi]

a Igama elithi Jakobe, ngesiNgisi lingase lihunyushwe ngokuthi James noma Jacob, kulesi sihloko sizoxoxa ngoJakobe ohunyushwa ngokuthi nguJames.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela