Inzuzo Ezedlula Zonke Yemfundo Yaphezulu
“Ngempela zonke izinto ngizishaya indiva ngenxa yenzuzo edlula zonke izinto, yolwazi ngoKristu Jesu.”—FIL. 3:8.
1, 2. Amanye amaKristu aye akhetha ukwenzani, futhi ngani?
KUSUKELA esemncane, uRobert wayebaqwaqwada emakhanda esikoleni. Lapho eneminyaka engu-8 nje ubudala, omunye wothisha bakhe waya kubo ngokukhethekile eyomtshela ukuthi akukho lutho olwalungamvimba kunoma yini ayefuna ukuyenza. Wathi uthemba ukuthi ngelinye ilanga uyoba udokotela. Indlela aphumelela ngayo kumatikuletsheni yamenza wafanelekela ukufunda kunoma iyiphi iyunivesithi ephambili ezweni lakubo. Kodwa uRobert wakhetha ukuliyeka leli thuba abanye ababelibheka njengethuba eliyingqayizivele ukuze aphishekele umgomo wakhe wokukhonza njengephayona elivamile.
2 NjengoRobert, amaKristu amaningi—amasha namadala—anamathuba okuchuma kulesi simiso sezinto samanje. Amanye akhetha ukungawasebenzisi ngokugcwele lawo mathuba ukuze aphishekele imigomo engokomoya. (1 Kor. 7:29-31) Yini eshukumisela amaKristu anjengoRobert ukuba azikhandle emsebenzini wokushumayela? Ngaphezu kothando lwawo ngoJehova, oluyisona sizathu esisemqoka, ayayiqonda inzuzo ezedlula zonke yemfundo yaphezulu. Uke wacabanga muva nje ukuthi ukuphila kwakho ngabe kunjani ukube awulazi iqiniso? Ukucabanga ngezinye zezibusiso ezinhle kakhulu esizijabulela ngenxa yokufundiswa uJehova kuyosisiza ukuba sihlale sizazisa izindaba ezinhle futhi sizihlanganyele nabanye ngentshiseko.
Kuyilungelo Ukufundiswa UNkulunkulu
3. Kungani singaqiniseka ukuthi uJehova uzimisele ukufundisa abantu abangaphelele?
3 Ngenxa yokuthi muhle, uJehova uzimisele ukufundisa abantu abangaphelele. Ngokwesiprofetho, u-Isaya 54:13 uthi ngamaKristu agcotshiwe: “Bonke abantwana bakho bayoba ngabantu abafundiswé uJehova, nokuthula kwabantwana bakho kuyochichima.” Lawo mazwi ayasebenza ‘nakwezinye izimvu’ zikaKristu. (Joh. 10:16) Lokhu kubonakala kahle esiprofethweni esigcwaliseka osukwini lwethu. U-Isaya wabona embonweni abantu bazo zonke izizwe bethuthelekela ekukhulekeleni kweqiniso. Uthi bathi komunye nomunye: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova, endlini kaNkulunkulu kaJakobe; uzosifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe.” (Isaya 2:1-3) Yeka ilungelo okuyilo ukufundiswa uNkulunkulu!
4. Yini uJehova ayifunayo kulabo abafundisayo?
4 Singakufanelekela kanjani ukuzuza emfundweni yaphezulu? Imfanelo ebaluleke kakhulu ukuba umuntu abe mnene futhi afundiseke. Umhubi uDavide wabhala: “UJehova muhle futhi uqotho. . . . Uyofundisa abamnene indlela yakhe.” (IHu. 25:8, 9) UJesu naye wathi: “Ngikudumisa obala, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngoba uzifihle ngokucophelela lezi zinto kwabahlakaniphileyo nakongqondongqondo, wazambulela izingane.” (Luka 10:21) Awuzizwa yini usondela kuNkulunkulu ‘opha abathobekile umusa ongafanelwe’?—1 Pet. 5:5.
5. Yini esenze saba nolwazi ngoNkulunkulu?
5 Njengezinceku zikaJehova, ingabe sithole iqiniso ngenxa yokuhlakanipha kwethu? Cha. Eqinisweni, ngokwethu besingeke silazi iqiniso ngoNkulunkulu. UJesu wathi: “Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumileyo emdonsa.” (Joh. 6:44) Ngokushunyayelwa kwezindaba ezinhle nangomoya ongcwele, uJehova udonsa abanjengezimvu, “izinto ezifiselekayo zazo zonke izizwe.” (Hag. 2:7) Awujabuli yini ngokuba omunye walabo uJehova abadonsele eNdodaneni yakhe?—Funda uJeremiya 9:23, 24.
Inamandla Okuthuthukisa Ukuphila
6. Ukungenisa “ulwazi ngoJehova” kungaba namuphi umphumela omangalisayo kubantu?
6 Isiprofetho sika-Isaya sisebenzisa umfanekiso omuhle obonisa indlela ubuntu babantu obushintsha ngayo esikhathini sethu. Abantu ababenobudlova manje sebenokuthula. (Funda u-Isaya 11:6-9.) Ababezondana ngenxa yokuhlukana ngokohlanga, ubuzwe noma isizinda sebefunde ukuhlala ndawonye ngobunye. Kunjengokungathi ‘bakhande izinkemba zabo zaba ngamageja.’ (Isaya 2:4) Yini ebasize ukuba benze ushintsho olungaka? Baye bangenisa “ulwazi ngoJehova” futhi balusebenzisa ekuphileni kwabo. Nakuba izinceku zikaNkulunkulu zingaphelele, zakha ubuzalwane beqiniso bomhlaba wonke. Ukuthandeka kwezindaba ezinhle emhlabeni wonke nezithelo ezinhle ezizivezayo kufakazela ukuthi imfundo yaphezulu inenzuzo ezedlula zonke.—Math. 11:19.
7, 8. (a) Iziphi ezinye ‘zezinto ezimbelwe ngokuqinile’ imfundo yaphezulu esiza abantu ukuba bazinqobe? (b) Yini ebonisa ukuthi imfundo yaphezulu iletha udumo kuJehova?
7 Umphostoli uPawulu wafanisa inkonzo yezinceku zikaNkulunkulu nempi engokomoya. Wabhala: “Izikhali zempi yethu azizona ezenyama, kodwa ngoNkulunkulu zinamandla okugumbuqela izinto ezimbelwe ngokuqinile. Ngoba sigumbuqela imicabango kanye nayo yonke into ephakeme ephakanyiswe yamelana nolwazi ngoNkulunkulu.” (2 Kor. 10:4, 5) Iziphi ezinye ‘zezinto ezimbelwe ngokuqinile’ imfundo yaphezulu ekhulula abantu kuzo? Umthwalo oyizimfundiso zamanga, izinkolelo-ze namafilosofi, uma sibala ezimbalwa nje. (Kol. 2:8) Imfundo yaphezulu isiza abantu ukuba banqobe imikhuba emibi futhi bahlakulele izimfanelo ezinhle. (1 Kor. 6:9-11) Ithuthukisa ukuphila komkhaya. Inikeza labo abangenathemba injongo yangempela ekuphileni. Yilolu hlobo lwemfundo oludingekayo namuhla.
8 Enye yezimfanelo uJehova asiza abantu ukuba bazihlakulele ukwethembeka, njengoba okuhlangenwe nakho okulandelayo kubonisa. (Heb. 13:18) ENdiya, owesifazane othile wavuma ukufundelwa iBhayibheli futhi kamuva waba ummemezeli ongabhapathiziwe. Ngelinye ilanga lapho ebuya emsebenzini wokwakha iHholo LoMbuso, wacosha umgexo wegolide obiza amaRandi ayizinkulungwane ezingu-8 ngasesitobhini sebhasi. Nakuba ayehlupheka, wawuthatha wawuyisa esiteshini samaphoyisa. Iphoyisa alizange likholwe! Kamuva elinye labuza lona wesifazane, “Kungani ukhethe ukuwuletha lapha?” Wachaza, “Ukufunda iBhayibheli kungishintshile, sengithembekile manje.” Lihlabeke umxhwele, leli phoyisa lathi kumdala ongumKristu owayemphelezele: “Kunabantu abangaphezu kwezigidi ezingu-38 kulesi sifundazwe. Uma ningasiza abayishumi ukuba babe njengalona wesifazane, niyobe nisebenze ngempela.” Uma sicabanga ngezigidi zabantu eziye zaguqulwa imfundo yaphezulu, asibi yini nezizathu eziningi zokudumisa uJehova?
9. Kungenzeka kanjani ukuba abantu benze izinguquko ezinkulu ekuphileni kwabo?
9 Amandla aguqulayo eZwi likaNkulunkulu kanye nosizo uJehova alunikeza ngomoya wakhe ongcwele kusiza abantu ukuba benze izinguquko ezinkulu ekuphileni kwabo. (Roma 12:2; Gal. 5:22, 23) EyabaseKolose 3:10 ithi: “[Gqokani] ubuntu obusha, obenziwa bube busha ngolwazi olunembile ngokomfanekiso waLowo owabudala.” Umyalezo oseZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli, unamandla okwembula lokho umuntu ayikho ngempela ngaphakathi futhi ungashintsha indlela acabanga ngayo ngisho nazizwa ngayo ngezinto. (Funda amaHebheru 4:12.) Ngokuthola ulwazi olunembile ngemiBhalo nangokuvumelanisa ukuphila kwakhe nezindinganiso zikaJehova zokulunga, umuntu angaba umngane kaNkulunkulu, abe nethemba lokuphila phakade.
Ukulungiselela Ikusasa
10. (a) Kungani kunguJehova kuphela osesimweni sokusilungiselela ikusasa? (b) Iziphi izinguquko ezinkulu ezizokwenzeka maduzane emhlabeni wonke?
10 NguJehova kuphela osesimweni sokusisiza silungiselele ikusasa ngoba uyazi ukuthi lisiphatheleni. Uyena onqumayo ukuthi ikusasa lesintu liyoba njani. (Isaya 46:9, 10) Isiprofetho seBhayibheli sembula ukuthi “usuku olukhulu lukaJehova luseduze.” (Zef. 1:14) Mayelana nalolo suku, amazwi ezAga 11:4 ayogcwaliseka: “Izinto zenani elikhulu ngeke zibe nanzuzo ngosuku lolaka, kodwa ukulunga kuyokhulula ekufeni.” Lapho kufika isikhathi sokuba uJehova akhiphe isahlulelo ezweni likaSathane, ukuma okuhle noNkulunkulu yikona okuyobe kusemqoka. Imali ngeke isize. Empeleni, uHezekeli 7:19 uthi: “Isiliva labo bayoliphonsa ezitaladini, igolide labo liyoba yinto enyanyekayo.” Ukwazi lokhu kungasisiza ukuba senze ngokuhlakanipha manje.
11. Iyiphi enye indlela imfundo yaphezulu esisiza ngayo ukuba silungiselele ikusasa?
11 Enye indlela evelele imfundo yaphezulu esilungiselela ngayo usuku lukaJehova oluzayo iwukusisiza ukuba sibeke izinto eziza kuqala endaweni yazo. Umphostoli uPawulu wabhalela uThimothewu: “Yala labo abacebile esimisweni samanje sezinto ukuba bangaqhoshi, futhi bangabeki ithemba labo engcebweni engaqinisekile, kodwa kuNkulunkulu.” Ngisho noma singacebile, singazuza kulesi seluleko saphezulu esiphefumulelwe. Sihilelani? Kunokuba siqongelele ingcebo, kufanele sizikhandle ‘ekwenzeni okuhle’ futhi ‘sicebe emisebenzini emihle.’ Ngokwenza izinto ezingokomoya zize kuqala ekuphileni kwethu, ‘sizibekelela isisekelo esihle sesikhathi esizayo.’ (1 Thim. 6:17-19) Inkambo enjalo yokuzidela ibonisa ukuhlakanipha okusebenzayo, ngoba njengoba uJesu asho, “kuyoba nanzuzoni kumuntu uma ezuza izwe lonke kodwa alahlekelwe umphefumulo wakhe?” (Math. 16:26, 27) Ngenxa yokusondela kosuku lukaJehova, ngamunye wethu wenza kahle ngokuzibuza: ‘Ngizibekelela kuphi ingcebo? Ingabe ngikhonza uNkulunkulu noma iNgcebo?’—Math. 6:19, 20, 24.
12. Kungani kungafanele siphele amandla uma abathile beyibukela phansi inkonzo yethu?
12 Umsebenzi obaluleke kunayo yonke ‘emisebenzini emihle’ yamaKristu okukhulunywa ngayo eZwini likaNkulunkulu, umsebenzi wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi osindisa ukuphila. (Math. 24:14; 28:19, 20) Njengoba kwakunjalo ngekhulu lokuqala, abanye bangase bayibukele phansi inkonzo yethu. (Funda eyoku-1 Korinte 1:18-21.) Kodwa lokho akukushintshi ukuba yigugu kwesigijimi sethu futhi akukunciphisi ukubaluleka kokunikeza wonke umuntu ithuba lokuba nokholo kuso kusenesikhathi. (Roma 10:13, 14) Njengoba sisiza abanye ukuba bazuze emfundweni engokomoya, sizibeka ethubeni lokuthola izibusiso eziningi.
Siyabusiswa Ngokuzidela
13. Yini umphostoli uPawulu ayidela ngenxa yezindaba ezinhle?
13 Ngaphambi kokuba abe umKristu, umphostoli uPawulu wayeqeqeshelwe isikhundla esiphakeme esimisweni sezinto samaJuda. Cishe engakevi eminyakeni engu-13 ubudala, wasuka emzini wakubo eTarsu waya eJerusalema eyofundiswa umfundisi woMthetho ohlonishwa kakhulu, uGamaliyeli. (IzE. 22:3) Ngokuhamba kwesikhathi, uPawulu waqala ukuvelela phakathi kontanga yakhe futhi ukube waqhubeka naleyo nkambo, kungenzeka wayeyoba isikhulu senkolo yobuJuda. (Gal. 1:13, 14) Lapho amukela izindaba ezinhle futhi eqala ukushumayela, wakushiya konke lokho. Ingabe uPawulu wazisola ngesinqumo asenza? Cha. Empeleni wabhala: “Ngempela zonke izinto ngizishaya indiva ngenxa yenzuzo edlula zonke izinto, yolwazi ngoKristu Jesu iNkosi yami. Ngenxa yakhe ngiye ngamukela ukulahlekelwa yizo zonke izinto futhi ngizibheka njengenqwaba yezibi.”—Fil. 3:8.
14, 15. Iziphi izibusiso esizithola ngokuba “izisebenzi ezikanye noNkulunkulu”?
14 NjengoPawulu, amaKristu namuhla ayazidela ngenxa yezindaba ezinhle. (Marku 10:29, 30) Ingabe kukhona okusiphuthelayo ngokwenza kanjalo? URobert, okukhulunywe ngaye ekuqaleni kwalesi sihloko, uveza indlela abaningi abazizwa ngayo lapho ethi: “Angizisoli nhlobo. Inkonzo yesikhathi esigcwele inginikeze injabulo nokwaneliseka, ingenze ‘nganambitha futhi ngabona ukuthi uJehova muhle.’ Noma nini lapho ngizidela ukuze ngiphishekele imigomo engokomoya, uJehova wayehlale engibusisa ngaphezu kwalokho engakudela. Kunjengokungathi angidelanga lutho. Ngiye ngazuza nje kuphela!”—IHu. 34:8; IzAga 10:22.
15 Uma usunesikhathi uhlanganyela emsebenzini wokushumayela nokufundisa, akungabazeki ukuthi nawe usuke wanambitha futhi wabona ukuthi uJehova muhle. Zikhona yini izikhathi oye wabona ngazo usizo lomoya wakhe njengoba wawutshela abanye izindaba ezinhle? Usuke wababona yini abanye bejabula njengoba uJehova evula inhliziyo yabo ukuze banake isigijimi? (IzE. 16:14) Ingabe uJehova uye wakusiza ukuba unqobe izithiyo, mhlawumbe wakuvulela indlela yokwandisa inkonzo yakho? Uke wakusekela yini ezikhathini ezinzima, wakwenza wakwazi ukuqhubeka umkhonza ngisho nalapho wawuzizwa uphelelwa amandla? (Fil. 4:13) Lapho silubona usizo lukaJehova njengoba sifeza inkonzo yethu, uba ngokoqobo nakakhulu kithi futhi sizizwa sisondelene naye nakakhulu. (Isaya 41:10) Akusona yini isibusiso ukuba esinye ‘sezisebenzi ezikanye noNkulunkulu’ emsebenzini omkhulu wokusakaza imfundo yaphezulu?—1 Kor. 3:9.
16. Uzizwa kanjani ngemizamo nokuzidela kwakho ngemfundo yaphezulu?
16 Abantu abaningi banethemba lokufeza okuthile okubalulekile nokuhlala njalo lapho besaphila. Sibonile ukuthi ngisho nezinto ezinkulu kakhulu ezifezwayo ezweni lanamuhla ngokuvamile ziyashesha ukulibaleka. Noma kunjalo, imisebenzi efezwa uJehova namuhla, ehlobene nokungcweliswa kwegama lakhe, nakanjani iyohlale iyingxenye yomlando wezindaba ezingokwasezulwini. Iyokhunjulwa phakade. (IzAga 10:7; Heb. 6:10) Kwangathi singalazisa ilungelo lokuhlanganyela emsebenzini oyingqopha-mlando wemfundo yaphezulu.
Ungaphendula Kanjani?
• Yini uNkulunkulu ayifunayo kulabo abafundisayo?
• Imfundo yaphezulu ikuthuthukisa kanjani ukuphila kwabantu?
• Iziphi izibusiso esizithola ngokusiza abanye ukuba bazuze emfundweni yaphezulu?
[Isithombe ekhasini 23]
Labo abafundiswa uJehova bakha ubuzalwane beqiniso bomhlaba wonke
[Isithombe ekhasini 24]
Akusona yini isibusiso ukuba omunye ‘wezisebenzi ezikanye noNkulunkulu’?