Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 9/15 kk. 3-6
  • Ingabe Wazikhethela Inkolo Noma Wayikhethelwa Abazali?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Wazikhethela Inkolo Noma Wayikhethelwa Abazali?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indima Yabantwana
  • Indima Yabazali
  • Indima Yebandla
  • Isinqumo Sakho Siqu
  • Basha—Yenzani Inhliziyo KaJehova Ithokoze
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Ukwakha Umkhaya Oqinile Ngokomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Ukukhulisa Abantwana Bakho Ukuba Bathande UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Uyamsiza Yini Umntanakho Ukuba Akhethe UJehova?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 9/15 kk. 3-6

Ingabe Wazikhethela Inkolo Noma Wayikhethelwa Abazali?

ABANTU abaningi ePoland bavame ukuthi koFakazi BakaJehova, “Ngazalelwa kule nkolo futhi ngizofela kuyo.” Ngokombono wabo, lokhu kusho ukuthi inkolo isuka kwesinye isizukulwane idluliselwe kwesinye. Ingabe nabantu bendawo yakini banesimo sengqondo esifanayo? Ngokuvamile, uba yini umphumela wombono onjalo? Inkolo igcina isibhekwa njengesiko lasekhaya. Ingabe lokhu kungenzeka nakulabo abangoFakazi BakaJehova abaye bathola ifa elingokomoya elimangalisayo kubazali noma kogogo nomkhulu babo?

Lokhu akwenzekanga kuThimothewu, owaqeqeshwa unina nogogo wakhe ababezinikele ukuze akholelwe kuNkulunkulu weqiniso futhi amthande. UThimothewu wazi imiBhalo engcwele ‘kusukela esewusana.’ Ngokuhamba kwesikhathi, uThimothewu, unina nogogo wakhe, baziqinisekisa ukuthi ubuKristu babuyiqiniso. UThimothewu ‘wathonyelwa ukuba akukholelwe’ lokho ayekufunde emiBhalweni ngoJesu Kristu. (2 Thim. 1:5; 3:14, 15) Ngakho, nakuba abazali abangamaKristu namuhla benza konke okusemandleni abo ekusizeni abantababo ukuba babe izinceku zikaJehova, ngabantwana ngokwabo okudingeka bahlakulele isifiso sokukhonza uJehova.​—Marku 8:34.

Ukuze umuntu ngamunye akhonze uJehova ngoba emthanda futhi agcine ubuqotho bakhe kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani, kudingeka kube nezizathu ezikholisayo ezimthonyayo. Ngaleyo ndlela ukholo lwakhe luyoqina futhi lugxile.​—Efe. 3:17; Kol. 2:6, 7.

Indima Yabantwana

U-Albert,a owakhuliswa abazali abangoFakazi uyachaza: “Bengilokhu nginomuzwa wokuthi oFakazi BakaJehova bayinkolo yeqiniso, kodwa kwakunzima ukuba ngamukele lokho ababekusho ngendlela okufanele ngiphile ngayo.” Uma ungumuntu osemusha, kungenzeka ukuthi unombono ofanayo. Yenza umzamo wokuzitholela okuhilelekile endleleni uNkulunkulu afuna siphile ngayo bese uthola injabulo ngokwenza intando yakhe. (IHu. 40:8) U-Albert uthi: “Ngavele ngaqala ngokuthandaza. Ekuqaleni ngakuthola kunzima. Kwakudingeka ngiziphoqe ukuze ngithandaze. Nokho, kungakabiphi ngaba nomuzwa wokuthi ngangingaba igugu emehlweni kaNkulunkulu uma ngizama ukwenza okulungile. Lokhu kwanginika amandla okwenza izinguquko okwakudingeka ngizenze.” Ngokuhlakulela ubuhlobo bomuntu siqu noJehova, ungaba nesifiso sokwenza lokho akufunayo kithi.​—IHu. 25:14; Jak. 4:8.

Cabanga ngomdlalo owuthandayo, njengebhola likanobhutshuzwayo noma omunye umdlalo. Uma ungayazi imithetho yawo noma ungakwazi ukuwudlala kahle, cishe ngeke uwujabulele. Kodwa uma ufunda imithetho yawo futhi uba ingcweti ekuwudlaleni, ubungeke yini ulangazelele ukuwudlala, uze ufune namathuba okuwudlala? Lokhu kuyefana nemisebenzi yobuKristu. Ngakho, thatha isinyathelo sokulungiselela imihlangano yobuKristu. Yiba nengxenye kuyo. Phela kungakhathaliseki ukuthi ungakanani, ungase ukhuthaze ngisho nabanye ngesibonelo sakho.​—Heb. 10:24, 25.

Lokhu kuyasebenza nalapho utshela abanye ngokholo lwakho. Nalo msebenzi kufanele wenziwe ngenxa yothando, hhayi ngokucindezelwa. Zibuze: ‘Kungani ngifuna ukutshela abanye ngoJehova? Nginaziphi izizathu zokumthanda?’ Kudingeka wazi uJehova njengoBaba onothando. Esebenzisa uJeremiya, wathi: “Impela niyongifuna futhi ningithole, ngoba niyongifuna ngayo yonke inhliziyo yenu.” (Jer. 29:13, 14) Lokhu kungase kufune ukuba wenzeni? UJakub uthi: “Kwadingeka ngishintshe indlela engangicabanga ngayo. Ngangilokhu ngiya emihlanganweni nasensimini kusukela ngisemncane, kodwa lezi zinto zamane nje zaba umkhuba. Yilapho kuphela ngiqala ukwazi uJehova kangcono futhi ngiba nobuhlobo naye lapho ngenza khona iqiniso laba ngelami.”

Abangane abahle nabakhayo banethonya elikhulu endleleni oyijabulela ngayo inkonzo yakho. Isaga esiphefumulelwe sithi: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha.” (IzAga 13:20) Ngakho, funa abangane abaphishekela imigomo engokomoya nabakujabulelayo ukukhonza uJehova. UJola uthi: “Ukuba nabangane abaningi abasebasha nabanomqondo ongokomoya kwangikhuthaza. Ngaqala ukuhlanganyela njalo enkonzweni futhi ngayijabulela kakhulu.”

Indima Yabazali

UJola uthi: “Ngibabonga kakhulu abazali bami ngokungifundisa ngoJehova.” Yebo, abazali bangaba nethonya elinamandla ezintweni ezikhethwa abantwana babo. Umphostoli uPawulu wabhala: “Nani bobaba, . . . qhubekani nibakhulisa [abantwana benu] ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efe. 6:4) Lesi seluleko esiphefumulelwe sibonisa ngokucacile ukuthi indima yabazali iwukufundisa abantwana izindlela zikaJehova, hhayi ezabo. Kunokuba nifake ezingqondweni zabantabenu lokho okungenzeka nanifuna ukukufinyelela, yeka ukuthi kuyoba kuhle kangakanani uma ningabasiza ukuba bakwenze umgomo wabo ukuphila ngokuvumelana nezinjongo zikaJehova!

Ningawagxilisa amazwi kaJehova kubantabenu futhi ‘nikhulume ngawo lapho nihleli endlini yenu nalapho nihamba endleleni nalapho nilala nalapho nivuka.’ (Dut. 6:6, 7) U-Ewa noRyszard, abanamadodana amathathu, bayakhumbula: “Kaningi sasixoxa ngemikhakha ehlukahlukene yenkonzo yesikhathi esigcwele.” Waba yini umphumela? “Lapho esemancane impela, amadodana ethu abhalisa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, aba abamemezeli futhi ekugcineni azinqumela ngokwawo ukubhapathizwa. Kamuva, angenela inkonzo yesikhathi esigcwele.”

Isibonelo esihle sabazali sibalulekile. URyszard uthi, “Sasizimisele ukuba singaphili ukuphila okumbaxa-mbili, sibe abanye abantu ekhaya siphinde sibe ngabanye ebandleni.” Ngakho, zibuze: ‘Yini abantabami abayibonayo ekuphileni kwami? Ingabe bayabona ukuthi ngimthanda ngempela uJehova? Ingabe bayalubona lolu thando emithandazweni yami nasendleleni engenza ngayo isifundo sami somuntu siqu? Ingabe bayalubona esimweni sengqondo enginaso ngenkonzo yasensimini, ngezokuzijabulisa, ngezinto ezibonakalayo nakulokho engikusho ngamanye amalungu ebandla?’ (Luka 6:40) Abantwana bayokuqaphela ukuphila kwenu kwansuku zonke futhi baphawule noma imuphi umahluko phakathi kwalokho enikushoyo nenikwenzayo.

Isiyalo sinendima ebalulekile ekukhuliseni abantwana. Nokho, iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe lisitshela ukuba ‘siqeqeshe umntwana ngokwendlela emfanele.’ (IzAga 22:6) U-Ewa noRyszard bayaphawula, “Sasizinika isikhathi sokufundela umntwana ngamunye.” Yiqiniso, kushiyelwa kubazali ukunquma ukuthi umntwana ngamunye udinga isifundo sakhe yedwa noma cha. Kungakhathaliseki ukuthi nikhetha kuphi, umntwana ngamunye kudingeka aphathwe ngendlela emfanele. Lokhu kudinga ukushintshashintsha nokubonelela. Ngokwesibonelo, kunokuba nimane nitshele abantwana benu ukuthi umculo othile mubi, baboniseni indlela yokwenza izinqumo ezihlakaniphile nokuthi izimiso zeBhayibheli zihileleke kanjani.

Abantwana benu bangase bakwazi kahle enikulindele kubo futhi bangase babonakale bevumelana nezifiso zenu. Kodwa kudingeka nifinyelele izinhliziyo zabo. Khumbulani, “inhloso enhliziyweni yomuntu injengamanzi ajulile, kodwa umuntu onokuqonda uyoyikhipha.” (IzAga 20:5) Yibani nokuqonda, nibheke izimpawu zanoma iyiphi inkinga okungenzeka ukuthi isenhliziyweni yabantwana benu bese nithatha isinyathelo ngokushesha. Ngaphandle kokubabeka icala, baboniseni ukuthi nikhathazekile futhi nibabuze imibuzo efanelekayo. Uma nenza lokho, qikelelani ukuba ningabonisi ukuthi kukhona enikusolayo. Ukubakhathalela kwenu ngobuqotho kuyofinyelela inhliziyo yabo futhi kunisize ukuba nibasize.

Indima Yebandla

Ingabe wena njengomunye wezinceku zikaNkulunkulu ungayisiza intsha ebandleni ukuba yazise ifa elingokomoya eliphiwe? Nakuba abazali benomthwalo wemfanelo wokuqeqesha abantwana babo, amanye amalungu ebandla, ikakhulu abadala, bangayisekela imizamo yabazali. Kubaluleke ngokukhethekile ukulwela ukusiza labo abasemikhayeni ehlukene ngokwenkolo.

Yini abadala abangayenza ukuze basize intsha ukuba ithande uJehova futhi izizwe idingeka futhi yaziswa? UMariusz, okhonza njengomdala ebandleni lasePoland, uthi: “Abadala kufanele baxoxe, baxoxe, yebo baxoxe nentsha. Lokhu akufanele kwenziwe nje lapho kuvela izinkinga kodwa nangezinye izikhathi—enkonzweni, ngemva kwemihlangano noma lapho niziphumulele nje.” Mhlawumbe ungabuza intsha ukuthi izizwa kanjani ngebandla. Lezo zingxoxo ezikhululekile zingenza intsha isondelane nebandla futhi ziyenze izizwe iyingxenye yalo.

Uma ungumdala, ingabe uyayazi intsha esebandleni lenu? Nakuba manje esekhonza njengomdala, u-Albert, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wabhekana novivinyo oluhlukahlukene phakathi nenkathi yokuqhuma kobusha. Uthi, “Ngesikhathi ngiseyinsizwa, kwadingeka ngivakashelwe abadala.” Abadala bangabonisa isithakazelo somuntu siqu entsheni nangokuthandazela inhlalakahle yayo engokomoya.​—2 Thim. 1:3.

Kuhle ngentsha ukuba ibe nengxenye emisebenzini yebandla. Kungenjalo, ingase igxile ekuphishekeleni imigomo yezwe. Ingabe ungahamba nayo enkonzweni futhi wakhe ubungane nayo? Chitha isikhathi nentsha niphumule, wenze kube nomoya wobungane nokwethembana. UJola uthi: “Ngikhumbula udade othile owayeyiphayona owangibonisa ukuthi uyangithanda. Ngahamba naye lapho ngiqala ngqa ukuya enkonzweni yasensimini ngoba ngase ngiyithanda.”

Isinqumo Sakho Siqu

Basha, zibuzeni: ‘Iyini imigomo yami? Uma ngingakabhapathizwa, ingabe kuwumgomo wami ukubhapathizwa?’ Isinqumo sokubhapathizwa kufanele sisuke enhliziyweni eshukunyiswa uthando ngoJehova, singasuki kunoma isiphi isibopho sesiko lasekhaya.

Yebo, kwangathi uJehova angaba uMngane wakho wangempela futhi iqiniso libe yigugu kuwe. Ngomprofethi u-Isaya, uJehova wathi: “Ungaqalazi ngapha nangapha, ngoba nginguNkulunkulu wakho.” UJehova uyoba nawe uma nje usengumngane wakhe. Ngempela, uyokuqinisa futhi ‘aqhubeke ekubambé ngokuqinile ngesandla sakhe sokunene sokulunga.’​—Isaya 41:10.

[Umbhalo waphansi]

a Amanye amagama ashintshiwe.

[Isithombe ekhasini 4]

Zama ukubona okusenhliziyweni yomntanakho

[Isithombe ekhasini 6]

Isinqumo sokubhapathizwa sisuka enhliziyweni eshukunyiswa uthando ngoJehova

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela