Sondela KuNkulunkulu
UJehova Usinika Inkululeko Yokuzikhethela
OWESIFAZANE ongumKristu owayenomuzwa wokuthi izinto abhekana nazo esemncane zazisho ukuthi wayengeke aphumelele ekuphileni, wathi: “Ngangivame ukuba nokwesaba okungenasisekelo kokuthi ngangingeke ngithembeke kuJehova.” Ingabe kunjalo ngempela? Ingabe ayikho into esingayenza ngezinto esibhekana nazo? Cha. UJehova uNkulunkulu usinike isipho sokuzikhethela, ngakho singakwazi ukuzikhethela indlela esifuna ukuphila ngayo. UJehova ufuna sikhethe kahle, futhi iZwi lakhe iBhayibheli liyasitshela ukuthi singakwenza kanjani lokho. Cabangela amazwi kaMose akuDuteronomi, isahluko 30.
Ingabe kulukhuni ukwazi ukuthi uNkulunkulu ufunani kithi bese sikwenza?a UMose uthi: “Lo myalo engikuyala ngawo namuhla awulukhuni neze kuwe, futhi awukude.” (Ivesi 11) UJehova akafuni okungaphezu kwamandla ethu. Izinto azilindele kithi zinengqondo; singakwazi ukuzazi futhi sizenze. Akudingeki nokuba senyukele “emazulwini” noma siwelele “ngaphesheya kolwandle” ukuze sithole ukuthi ulindeleni kithi. (Amavesi 12, 13) IBhayibheli lisitshela ngokucacile ukuthi kufanele siphile kanjani.—Mika 6:8.
Nokho, uJehova akusiphoqi ukuba simlalele. UMose uthi: “Ngibeka phambi kwakho namuhla ukuphila nokuhle, ukufa nokubi.” (Ivesi 15) Sikhululekile ukuzikhethela phakathi kokuphila nokufa, okuhle nokubi. Singakhetha ukukhulekela nokulalela uNkulunkulu bese sithola izibusiso, noma sikhethe ukungamlaleli bese sibhekana nemiphumela ebuhlungu. Kunoma yikuphi, yithina okufanele sizikhethele.—Amavesi 16-18; Galathiya 6:7, 8.
Ingabe uJehova unendaba ukuthi sikhethani? Yebo unendaba! Ephefumulelwe uNkulunkulu, uMose wathi: ‘Khetha ukuphila.’ (Ivesi 19) Nokho, sikukhetha kanjani ukuphila? Wachaza: “Ngokuthanda uJehova uNkulunkulu wakho, ngokulalela izwi lakhe nangokunamathela kuye.” (Ivesi 20) Uma sesimthanda uJehova, siyofuna ukumlalela ngokwethembeka futhi sinamathele ngobuqotho kuye kumnyama kubomvu. Ngokwenza kanjalo, sikhetha ukuphila—indlela engcono kakhulu yokuphila manje sinethemba lokuphila phakade emhlabeni kaNkulunkulu omusha ozayo.—2 Petru 3:11-13; 1 Johane 5:3.
Leli qiniso elisemazwini kaMose liqinisa idolo. Kungakhathaliseki ukuthi uye wabhekana nani kuleli zwe elibi, awusele dengwane; futhi awusona isehluleki. UJehova uye wabonisa ukuthi uyakuhlonipha ngokukunikeza inkululeko yokuzikhethela. Yebo, ungakhetha ukumthanda, ukumlalela nokuqhubeka uthembekile kuye. Uma ukhetha kanjalo, uyoyibusisa imizamo yakho.
Owesifazane esikhulume ngaye ekuqaleni waduduzwa iqiniso lokwazi ukuthi sinenkululeko yokuzikhethela ukuthanda nokukhonza uJehova. Uthi: “Ngiyamthanda uJehova. Ngezinye izikhathi, ngiye ngikhohlwe ukuthi okubaluleke kakhulu ukuthi ngiyamthanda uJehova. Ngakho ngingakwazi ukwethembeka.” Ngosizo lukaJehova, nawe ungakwazi.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko esithi “Sondela KuNkulunkulu—Yini UNkulunkulu Ayicela Kithi?” esikuyi-Nqabayokulinda ka-October 1, 2009.