“Kuyoze Kube Nini Ngikhalela Usizo?”
UJayne wakhala: “Angisafuni ukuzwa lezi zinhlungu!” Wayephethwe umdlavuza, futhi wawugcwala umzimba wonke. Umndeni nabangane bakhe babefisa sengathi ngabe banamandla okusiqeda isifo esasimphethe nezinhlungu ayezizwa! Bathandaza kuNkulunkulu ukuba amsize. Ingabe wayebezwa? Ingabe wayenendaba?
UNKULUNKULU uyasazi isimo abantu ababhekene naso. IZwi lakhe iBhayibheli lithi: “Yonke indalo iyaqhubeka ibubula kanyekanye futhi isezinhlungwini kanyekanye.” (Roma 8:22) UNkulunkulu uyazi ukuthi kunezigidigidi zabantu ezizwa izinhlungu nsuku zonke njengoJayne, mhlawumbe ngenxa yokugula, ukuphatheka kabi emoyeni noma izinkinga eziphathelene nengqondo. Uyazibona izigidi ezingu-800 zabantu abalala bengadlile. Ezinye zihlukunyezwa amalungu omndeni kanti nabazali abaningi bakhathazekile ngekusasa nangenhlalakahle yezingane zabo. Ingabe wake wazibuza ukuthi kukhona yini uNkulunkulu ayoke akwenze? Ngokuqinisekile, uma thina sifuna ukusiza abantu esibathandayo, uNkulunkulu ubengeke yini afune ukusiza bonke abantu abadalile?
Uma wake wafikelwa eminye yale mibuzo, awuwedwa. Eminyakeni engaphezu kwengu-2 600 edlule, indoda ethembekile uHabakuki, yazizwa njengabantu abaningi namuhla, futhi yabuza uNkulunkulu: “O Jehova, kuyoze kube nini ngikhalela usizo, kodwa wena ungezwa? Kuyoze kube nini ngicela usizo kuwe ebudloveni, kodwa wena ungasindisi? Kungani ungenza ngibone okulimazayo, futhi uqhubeka ubheke inkathazo nje? Kungani phambi kwami kukhona ukuphanga nobudlova, futhi kungani kuba khona ukuxabana, kungani kuqhutshwa umbango?” (Habakuki 1:2, 3) UHabakuki, umprofethi ongumHebheru, wabona izenzo ezinyantisayo zobudlova obungenangqondo osukwini lwakhe. Namuhla, izenzo ezinjalo ziphuma njalo emaphephandabeni futhi ziyabanenga abantu abanozwela.
Ingabe uNkulunkulu wakuthatha kancane ukukhathazeka kukaHabakuki? Cha. Wayilalela imibuzo yakhe eqotho, wayiduduza futhi wayikhuthaza le ndoda eyayicindezelekile. UJehova uNkulunkulu waluqinisa ukholo lwayo ngokuyithembisa ukuthi wayezokuqeda ukuhlupheka. Isigijimi sikaNkulunkulu sethemba singakuqinisa nawe njengoba saqinisa uJayne nomndeni wakhe. Izihloko ezilandelayo zizophendula le mibuzo: Singaqiniseka kanjani ngokuthi uNkulunkulu uyasikhathalela ngempela? Yini uNkulunkulu azoyenza ukuze aqede ukuhlupheka futhi uzokuqeda nini?