Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 12/1 k. 8
  • ‘Isikhathi Esimisiwe’ Siseduze

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Isikhathi Esimisiwe’ Siseduze
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Uyosilalela Isixwayiso SikaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Ingabe Siphila “Ezinsukwini Zokugcina”?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Iqiniso NgoMbuso KaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2020
  • Ingabe Siphila “Ezinsukwini Zokugcina” Ngempela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 12/1 k. 8

‘Isikhathi Esimisiwe’ Siseduze

ABAFUNDI bakaJesu babelangazelela ukubona isikhathi lapho ukuhlupheka kuyobe kungasekho, njengoba kwakunjalo ngomprofethi uHabakuki. Ngemva kokuzwa izinto ezaziyokwenziwa uMbuso kaNkulunkulu ukuze ulungise izinto emhlabeni, babuza uJesu: “Ziyokwenzeka nini lezi zinto, futhi siyoba yini isibonakaliso sokuba khona kwakho [emandleni oMbuso] nesesiphelo sesimiso sezinto?” (Mathewu 24:3) UJesu wabaphendula wathi nguJehova uNkulunkulu kuphela owazi isikhathi esinembile uMbuso oyoqala ngaso ukubusa umhlaba ngokuphelele. (Mathewu 24:36; Marku 13:32) Nokho, uJesu wazibikezela izinto ezaziyokwenzeka ezaziyobonisa ukuthi isikhathi sisondele.—Bheka ibhokisi elingakwesokudla.

Awuvumi yini ukuthi lezi zinto zigcwele emhlabeni namuhla? UJesu wabikezela nokuthi kwakuyokwenziwa umsebenzi wokufundisa emhlabeni wonke. Wathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.”—Mathewu 24:14.

Yilokho kanye okwenzekayo namuhla. OFakazi BakaJehova bayawenza lo msebenzi. Emazweni angaba ngu-236, kunoFakazi abangaphezu kwezigidi ezingu-7 abatshela abantu ngalokho okuyokwenziwa uMbuso, futhi babasiza ukuba baphile ngokuvumelana nezimfuneko zikaNkulunkulu zokulunga, onjongo yakhe iwukuqeda ukuhlupheka nobuhlungu. Qhubeka ufunda ngoMbuso kaNkulunkulu futhi uyoba nethemba lokuphila phakade emhlabeni ongenakho ukuhlupheka.

[Ibhokisi ekhasini 8]

ImiBhalo Ekhuluma Ngezinsuku Zokugcina

MATHEWU 24:6, 7; ISAMBULO 6:4

• Izimpi eziningi kunangaphambili

MATHEWU 24:7; MARKU 13:8

• Ukuzamazama komhlaba okukhulu

• Ukuswelakala kokudla

LUKA 21:11; ISAMBULO 6:8

• Izifo eziwumshayabhuqe

MATHEWU 24:12

• Ukwanda kokungabi namthetho

• Ukuphola kothando

ISAMBULO 11:18

• Ukuchithwa komhlaba

2 THIMOTHEWU 3:2

• Ukuthanda imali ngokweqile

• Ukungalaleli abazali

• Ukuzithanda ngokweqile

2 THIMOTHEWU 3:3

• Ukuntuleka kothando

• Abantu abangafuni sivumelwano

• Ukuntuleka kokuzithiba kuyo yonke imikhakha yomphakathi

• Ukuntuleka kothando lokuhle emhlabeni wonke

2 THIMOTHEWU 3:4

• Ukuthanda injabulo kakhulu kunokuthanda uNkulunkulu

2 THIMOTHEWU 3:5

• Abazenzisi abaningi abathi bangamaKristu

MATHEWU 24:5, 11; MARKU 13:6

• Abaprofethi bamanga abaningi

MATHEWU 24:9; LUKA 21:12

• Ukushushiswa kwamaKristu eqiniso

MATHEWU 24:39

• Abantu abangazinaki izixwayiso zeBhayibheli

[Isithombe ekhasini 8]

Emhlabeni wonke, oFakazi BakaJehova bafundisa abanye ngoMbuso kaNkulunkulu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela