Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 12/15 kk. 8-10
  • Ukuba Matasa Nokujabula Enkonzweni KaNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuba Matasa Nokujabula Enkonzweni KaNkulunkulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Thola Injabulo Ekusizeni Abanye
  • Injabulo—Imfanelo Esiyithola KuNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
  • Ukuthola Injabulo Ezweni Eligcwele Inkathazo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Khonza UJehova Ngokwenama Kwenhliziyo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Khonza UJehova Ngenhliziyo Ejabulayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 12/15 kk. 8-10

Ukuba Matasa Nokujabula Enkonzweni KaNkulunkulu

UJEHOVA ufuna ukuba ujabule. (IHu. 100:2) Njengenye yezinceku zakhe, cishe nawe umatasa. Mhlawumbe wawungematasa kangaka lapho unikezela ukuphila kwakho kuNkulunkulu, kodwa manje umsebenzi wokuziphilisa nemithwalo yemfanelo engokomoya kungenzeka kukwenza uzizwe ucindezelekile. Ungaze uzizwe unecala lapho wehluleka ukwenza konke obuzimisele ukukwenza. Ungakwazi kanjani ukulinganisela futhi uhlale ‘unenjabulo kaJehova’?—Neh. 8:10.

Uphila ezikhathini ezibucayi futhi ziyakuthinta izingcindezi eziningi, ngakho kudingeka uhleleke kahle. Ingxenye yalesi seluleko esiphefumulelwe sikaPawulu iyasebenza kule ndaba: “Qaphelisisani ukuthi indlela enihamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphileyo, nizithengisisela ithuba, ngoba izinsuku zimbi.”—Efe. 5:15, 16.

Ucabanga ngalesi seluleko esihlakaniphile, ungazibekela kanjani imigomo efinyelelekayo futhi ube olinganiselayo phakathi kwesifundo somuntu siqu, ukunakekela umkhaya, inkonzo yasensimini, umsebenzi wokuziphilisa neminye imisebenzi edingekayo?

Usayikhumbula indlela owajabula ngayo mhla uzinikezela kuNkulunkulu futhi ubhapathizwa? Wawujatshuliswa ukwazi uJehova nezinjongo zakhe. Kungenzeka ukuthi kwakuthatha izinyanga utadisha ngokuzikhandla ukuze uthole lokho kuqonda nenjabulo. Kodwa ngokuqinisekile kwakuwufanele umzamo. Leso sifundo sashintsha ukuphila kwakho kwaba ngcono.

Ukuze uhlale ujabule, kudingeka uhlale uzondla ngokomoya. Uma ukuthola kunzima ukuba nesikhathi sokufunda nokutadisha iBhayibheli, hlola isimiso sakho. Ngisho nokufunda nokuzindla imizuzu embalwa ngosuku kuyokusondeza eduze noJehova futhi ngokuqinisekile lokho kuyoba nomthelela enjabulweni yakho.

Iningi lezinceku zikaNkulunkulu lingathengisisa isikhathi esithile sezinto ezibalulekile kuleso elisichitha ezintweni ezingabalulekile kangako. Zibuze, ‘Singakanani isikhathi engisichitha ngifunda omagazini bezwe noma amaphephandaba, ngibukela i-TV, ngilalele umculo, noma ngenza imisetshenzana yokuzilibazisa?’ Lezo zinto zingasijabulisa kodwa kuphela uma sizigcina zisendaweni yazo. (1 Thim. 4:8) Uma ubona ukuthi indlela osebenzisa ngayo isikhathi iyinkinga, thatha izinyathelo zokushintsha isimiso sakho.

U-Adam, oshadile onezingane ezintathu futhi ongumdala, uchaza lokho okumsizayo: “Ngilwela ukuphila ukuphila okulula. Ngiyayigwema imisetshenzana yokuzilibazisa edla isikhathi esiningi nezinto ezifuna ukunakwa kakhulu. Akukhona ukuthi ngiphila ngokuzincisha—ngimane ngikhetha ukuzijabulisa ngezinto ezingeyona inkimbinkimbi.”

Ukuzindla ngemiphumela emihle yezinqumo zakho kungavuselela injabulo yakho futhi kukusize ukuba uhlale unesimo sengqondo esihle. Ngokwesibonelo, uMariusz, umdala onezingane ezintathu, uthi: “Lapho ngiqala ukufundelwa iBhayibheli, ngaqala ukuba nombono omuhle ngezinto. Ngisabhekana nezimo ezinzima ngezinye izikhathi, iningi lazo elaziwa uJehova kuphela. Kodwa ngenxa yakhe, ngibheke phambili ekusaseni ngenjabulo.”

Njengasendabeni kaMariusz, ukuba nombono omuhle ngezinto ngeke kuyiqede yonke imizwa yokuphelelwa ithemba. Kodwa kungakusiza kukwenze uzizwe kangcono futhi ukwazi ukubhekana ngokuphumelelayo nezinselele zokuphila. IzAga 15:15 zithi: “Zonke izinsuku zohluphekile zimbi; kodwa onenhliziyo enhle unedili njalo.” Zindla nangezenzo zothando uJehova akwenzele zona. Ukuzindla ngazo kungakwenza umthande ngokwengeziwe futhi kukwenze ujabule ngokukhonza uNkulunkulu.—Math. 22:37.

Ukubeka uJehova kanye nezithakazelo zakhe endaweni yokuqala ekuphileni kwandisa injabulo yomkhaya. Ukubonisa izimfanelo zobuKristu kunciphisa ukuxabana futhi kwenza umkhaya usondelane futhi uzwane. Ngaleyo ndlela, umkhaya wakho uyoba indawo enokuthula nenobunye.—IHu. 133:1.

Ukwenza izinto ezingokomoya njengomkhaya, kunezela enjabulweni yangempela. UMariusz uyachaza: “Ngiyasazisa isikhathi esisichitha ndawonye njengomkhaya. Umkami uyangisekela kakhulu. Noma nini lapho kungenzeka, uhlale eseceleni kwami, kungaba senkonzweni yasensimini noma ekuhlanzweni kwenkundla ngaphambi komhlangano wesigodi, futhi uyangikhapha lapho ngiyonikeza izinkulumo zeningi kwamanye amabandla. Lokhu kuyangikhuthaza.”

ImiBhalo iyala amaKristu ukuba ondle imikhaya yawo. (1 Thim. 5:8) Kodwa uma umsebenzi wokuziphilisa udla isikhathi sakho esiningi futhi ukhandla, ungakuphuca injabulo enkonzweni kaNkulunkulu. Yibike le ndaba kuJehova ngomthandazo. (IHu. 55:22) Abanye baye banquma ukuthola olunye uhlobo lomsebenzi ngoba befuna kuqala uMbuso kaNkulunkulu. Akekho umKristu okufanele avumele izinzuzo ezingokwezimali zomsebenzi odinga isikhathi esiningi zimenze ukuba angazinaki izinto ezingokomoya ezibaluleke ngokwengeziwe.—IzAga 22:3.

Ungase ukuthole kuzuzisa ukubhala phansi izinto ezinhle nezimbi ngomsebenzi wakho wamanje noma ongase uwuthole. Yiqiniso, iholo elihle nomsebenzi owanelisayo, kuyizinto ezifiselekayo. Nokho, ingabe umsebenzi onawo njengamanje uyakuvumela ukuba uthuthukise inhlalakahle engokomoya yomkhaya wakho? Cabangisisa ngawo wonke amaqiniso, futhi wenze izinqumo ezibonisa ukuthi ubeka ubuhlobo bakho noJehova endaweni yokuqala.

Uma umsebenzi wakho ungakuvumeli ukuba uthuthuke ngokomoya, kudingeka wenze okuthile ngakho. AmaKristu amaningi aye enza izinguquko ezinkulu ukuze athole isikhathi sezinto ezingokomoya. Umzalwane othile ePoland uyalandisa: “Ngake ngazithola ngingenayo enye indlela ngaphandle kokuba ngiyeke enkampanini engangisebenza kuyo ngoba umsebenzi wakhona wawungihambisa njalo. Ngangingenaso isikhathi esanele sezinto ezingokomoya nesomkhaya wami.” Manje uziphilisa ngomsebenzi ongadli isikhathi esiningi nongakhandli.

Thola Injabulo Ekusizeni Abanye

UJesu wathi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzE. 20:35) AmaKristu anamathuba amaningi okupha. Ngezinye izikhathi, ukumomotheka, ukuxhawula noma ukubonga othile ngokusifeza kahle isabelo sakhe kungalethela wena nalowo ombongayo injabulo.

Umphostoli uPawulu wakhuthaza amaKristu ayekanye nawo: “[Khulumani] ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile, nisekele ababuthakathaka.” (1 Thes. 5:14) Imiphefumulo ecindezelekile ingase ibe nomuzwa wokuthi ayisakwazi ukubhekana nezinkinga zayo ngamandla ayo. Ingabe ungayisiza imiphefumulo enjalo? Uma ubona ukuthi omunye wabafowenu akasajabuli enkonzweni kaJehova, zama ukumkhuthaza. Ukwenza kanjalo kuyokukhuthaza nawe. Ezinye izinkinga azisoze zakwazi ukuxazululwa ngabantu. Nokho, ungakwazi ukuzwelana naye ngobuqotho futhi umkhuthaze umfowenu ukuba athembele kuJehova ohlale esisiza. Abathembela kuye abasoze badumazeka.—IHu. 27:10; Isaya 59:1.

Enye indlela esebenzayo iwukumema lowo obonakala sengathi akasajabule ukuba ahambe nawe enkonzweni. Lapho uJesu ethuma abafundi abangu-70, wabathuma “ngababili.” (Luka 10:1) Awuvumi yini ukuthi wayenzela ukuba bakhuthazane? Uyayibona indlela nawe ongayisebenzisa ukuze usize abanye bajabule namuhla?

Ekuphileni kuyohlale kunezinto okufanele sikhathazeke ngazo. Noma kunjalo, umphostoli uPawulu uyasinxusa: “Jabulani eNkosini ngaso sonke isikhathi. Ngizophinda futhi ngithi, Jabulani!” (Fil. 4:4) Ngenxa yokuthi uthanda uNkulunkulu, uyamlalela, futhi uphikelela ngentshiseko emsebenzini akunike wona, ukuphila kwakho kunenjongo. Lokhu kukulethela injabulo. Ngaphezu kwalokho, uJehova ukusiza ukuba ubhekane nezingcindezi nezinkinga.—Roma 2:6, 7.

Ngamehlo okholo, siyabona ukuthi sesisondele kangakanani ezweni elisha uJehova asithembise lona. Yeka ukuthi lelo zwe liyosilethela izibusiso ezingakanani nezizathu zokujabula! (IHu. 37:34) Ngenxa yalezi zizathu, singajabula, sikhumbula ukuthi uJehova usibusisa kangakanani kwamanje. Ngakho, ‘singakhonza uJehova ngokuthokoza.’—IHu. 100:2.

[Umdwebo ekhasini 8]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

Kungase kudingeke ukuba ulungise indlela ohlela ngayo isikhathi sakho ukuze uhlale ujabule

UKUZIJABULISA NOKUZILIBAZISA

IKHAYA NOKUNAKEKELA UMKHAYA

UMSEBENZI

IMIHLANGANO YOBUKRISTU

ISIFUNDO SOMUNTU SIQU

INKONZO

[Izithombe ekhasini 10]

Ingabe usesimweni sokusiza abanye baphinde bathole injabulo yabo?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela