Linjani Izulu?
ABANYE abantu bacabanga ukuthi ayikho indlela yokwazi ngezulu ngoba akekho umuntu owake wehla wazositshela ngalo. Kungenzeka bakhohliwe ukuthi uJesu wathi: ‘Ngehla ngivela ezulwini.’ (Johane 6:38) Watshela abanye abaholi benkolo: “Nina nivela ezindaweni ezingaphansi; mina ngivela ezindaweni ezingaphezulu.” (Johane 8:23) Wathini uJesu ngezulu?
UJesu waqinisekisa ukuthi izulu liyindawo kaJehova yokuhlala. Wabiza uNkulunkulu ngokuthi ‘uBaba osezulwini.’ (Mathewu 12:50) Kodwa wasebenzisa igama elithi “izulu” ngomqondo ongaphezu kowodwa. Ngokwesibonelo, wabiza umkhathi ngokuthi ‘izulu’ lapho ethi: “Qaphelisisani izinyoni zezulu.” (Mathewu 6:26) Nokho, uJehova uhlala ngalé komkhathi. IBhayibheli lithi: “Ukhona Lowo ohlala ngaphezu kwesiyingi somhlaba.”—Isaya 40:22.
Ingabe ‘uBaba osezulwini’ uhlala ezinkanyezini? Isibhakabhaka, izinkanyezi, inyanga nelanga nako kuyabizwa ngokuthi ‘izulu.’ Ngokwesibonelo, omunye umhubi wabhala: “Lapho ngibona amazulu akho, imisebenzi yeminwe yakho, inyanga nezinkanyezi okulungiselele, uyini umuntu ofayo ukuba umkhumbule?”—IHubo 8:3, 4.
Asikho isidingo sokuba uJehova uNkulunkulu ahlale emkhathini awudala njengoba nje nombazi engahlali ekhabetheni alikhandile. Yingakho iNkosi uSolomoni yasho la mazwi lapho inikezela ithempeli laseJerusalema kuJehova: “Ingabe ngempela uNkulunkulu uyohlala phezu komhlaba? Bheka! Amazulu, yebo, izulu lamazulu, ngokwawo awakwazi ukukuthwala; kangakanani-ke le ndlu engiyakhile!” (1 AmaKhosi 8:27) Uma uJehova engahlali ezulwini esilibona ngamehlo, kanti uhlala kuliphi izulu?
Nakuba abantu beye batadisha umkhathi ngezibonakude ezinamandla futhi abanye baze baya enyangeni, lokho iBhayibheli elikushoyo kuyohlale kuyiqiniso: “Akekho umuntu oye wabona uNkulunkulu noma nini.” (Johane 1:18) UJesu wasichaza isizathu sokusho kwakhe kanjalo: “UNkulunkulu unguMoya.”—Johane 4:24.
Umoya uwuhlobo lokuphila olungaphezu kolomuntu. Umoya awuyona inyama negazi futhi abantu abanakuwubona noma bawuthinte. Ngakho, lapho uJesu ethi wayehlala noYise “ezulwini,” wayesho ukuthi wayekhazimula, enohlobo lokuphila olungaphezu kolomuntu. (Johane 17:5; Filipi 3:20, 21) IBhayibheli libiza indawo yomoya uJesu ayehlala kuyo noYise ngokuthi “izulu.” Linjani izulu? Kwenziwani lapho?
Indawo Okusetshenzwa Kuyo Ngenjabulo
IBhayibheli lithi ziningi izinto ezenziwa ezulwini. Lithi kunamakhulu ezigidi zezidalwa zomoya ezithembekile ezihlala khona. (Daniyeli 7:9, 10) Ngasinye salezi zidalwa zomoya sinobuntu obuhlukile. Sikwazi kanjani lokho? Kuyo yonke indalo ebonakalayo, asikho isidalwa esiphilayo esifana nsé nesinye, ngakho singaqiniseka ngokuthi izidalwa ezisezulwini azifani. Iyamangalisa indlela zonke lezi zidalwa zasezulwini ezisebenza ngayo ngobunye, futhi zihluke ngendlela encomekayo kubantu namuhla okuqabukelayo besebenza ngokubambisana.
Phawula indlela iBhayibheli eliyichaza ngayo imisebenzi eyenziwa ezulwini. “Mbongeni uJehova, nina zingelosi zakhe, eninamandla amakhulu, enifeza izwi lakhe, ngokulalela iphimbo lezwi lakhe. Mbongeni uJehova, nonke nina mabutho akhe, nina zikhonzi zakhe, enenza intando yakhe.” (IHubo 103:20, 21) Siyabona-ke ukuthi miningi imisebenzi eyenziwa ezulwini futhi singaqiniseka ngokuthi iyenelisa.
Izingelosi aziqali namuhla ukwenza umsebenzi ojabulisayo, zaqala emuva lé ngaphambi kokudalwa komhlaba. ImiBhalo ithi ngesikhathi uJehova edala umhlaba, amadodana akhe ‘akhamuluka kanyekanye futhi aqala ukumemeza ehalalisa.’ (Jobe 38:4, 7) Enye yamadodana kaNkulunkulu asezulwini yaze yaba nelungelo lokusebenza noNkulunkulu ekudaleni zonke ezinye izinto. (Kolose 1:15-17) Le ncazelo enhle yomsebenzi owenziwa ngenjabulo ezulwini ingase ikwenze uzibuze imibuzo ethile mayelana nezulu nabantu.
Ingabe Abantu Babedalelwe Ukuyophila Ezulwini?
Njengoba izingelosi zazikhonza uNkulunkulu ezulwini ngaphambi kokudalwa komhlaba, kusobala ukuthi indoda nowesifazane bokuqala babengadalelwanga ukugcwalisa izulu. Kunalokho, uNkulunkulu wathi kulaba bantu ababili bokuqala: “Zalani nande nigcwalise umhlaba.” (Genesise 1:28; IzEnzo 17:26) U-Adamu wayengumuntu wokuqala emhlabeni, ekwazi ukufunda ngoNkulunkulu nokumkhonza ngokwethembeka. Wayezoba uyise wabo bonke abantu ababeyohlala emhlabeni. “Ngokuqondene namazulu, wona angakaJehova, kodwa umhlaba uwuniké abantwana babantu.”—IHubo 115:16.
Ngokuvamile abantu abakuthandi ukufa; kuyinto engekho ngokwemvelo kithi. UNkulunkulu watshela u-Adamu ukuthi wayeyokufa kuphela uma engalaleli. Ukube walalela, ngabe akafanga.—Genesise 2:17; Roma 5:12.
Akumangazi-ke ukuthi uNkulunkulu akazange atshele u-Adamu ukuthi uyophila ezulwini ngemva kokufa. Ngakho-ke, umhlaba awuyona indawo yokuhlola ukuthi abantu bangakufanelekela yini ukuyophila ezulwini. Umuntu wayedalelwe ukuphila phakade emhlabeni, futhi leyo njongo kaNkulunkulu isazogcwaliseka. IBhayibheli lithembisa ukuthi “abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.” (IHubo 37:29) Kusobala ukuthi abantu babengahloselwe ukuya ezulwini. Pho kungani uJesu athembisa abaphostoli bakhe ukuphila ezulwini? Ingabe wayesho ukuthi bonke abantu abalungile bazoya ezulwini?