Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 2/1 kk. 6-7
  • Ingabe Bonke Abantu Abalungile Baya Ezulwini?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Bonke Abantu Abalungile Baya Ezulwini?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Uyowuthola Umvuzo Oyotholwa Abalungileyo?
  • Ukuphila Okuphakade—Bayokwamukela Kuphi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Obani Abaya Ezulwini, Futhi Ngani?
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Ngekusasa Lesintu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • NgoMbuso KaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 2/1 kk. 6-7

Ingabe Bonke Abantu Abalungile Baya Ezulwini?

NGOBUSUKU obandulela ukubulawa kwakhe nangemva kokudla isidlo sokugcina nabaphostoli bakhe, uJesu wabathembisa umvuzo wokuya ezulwini. Wathi: “Endlini kaBaba kukhona izindawo zokuhlala eziningi. Ukube bekungenjalo, bengizonitshela, ngoba ngiyahamba ngiyonilungisela indawo.” (Johane 14:2) Kungani uJesu ayezobalungisela indawo ezulwini? Babeyokwenzani lapho?

UJesu wayenomsebenzi okhethekile ayefuna abafundi bakhe bawenze. Ngabo lobo busuku wathi: “Nina aningishiyanga ekulingweni kwami; ngenza isivumelwano nani, njengoba nje uBaba enze isivumelwano sombuso nami.” (Luka 22:28, 29) UNkulunkulu wayethembise uJesu ukuthi wayeyoba yiNkosi eyayiyonikeza abantu into abayidinga kakhulu kunazo zonke—uhulumeni omuhle. UJesu uyoqeda ukuhlupheka kwabantu futhi abhubhise bonke abaphamba abanye. Nakuba eyoba nezikhonzi “kuze kube semikhawulweni yomhlaba,” uyobusa esezulwini.—IHubo 72:4, 8; Daniyeli 7:13, 14.

Kodwa ngeke abuse yedwa. Yingakho athembisa abaphostoli bakhe indawo ezulwini. Yibona abakhethwa kuqala ukuba ‘babuse njengamakhosi phezu komhlaba.’—IsAmbulo 5:10.

Bangaki abantu abaya ezulwini? Njengoba kunjalo kubo bonke ohulumeni, ababusi boMbuso kaNkulunkulu wasezulwini bambalwa uma beqhathaniswa nabantu abayobabusa. Nakhu okwashiwo uJesu kulabo ayobusa nabo: “Ungesabi, mhlambi omncane, ngoba uYihlo ukwamukele ukuba aninike umbuso.” (Luka 12:32) Lo “mhlambi omncane” uyogcina uyinani elingu-144 000. (IsAmbulo 14:1) Lelo nani lincane uma liqhathaniswa nezigidi eziyojabulela ukuphila okuphakade emhlabeni njengezikhonzi ezithembekile zoMbuso.—IsAmbulo 21:4.

Ngakho-ke, akubona bonke abantu abalungile abaya ezulwini. Ekhuluma ngoDavide, inkosi elungile, umphostoli uPetru wakubeka kwacaca ukuthi: “UDavide akazange anyukele emazulwini.” (IzEnzo 2:34) UJohane uMbhapathizi wayeyindoda elungile. Noma kunjalo, uJesu wabonisa ukuthi wayengeke anikezwe ilungelo lokubusa njengenkosi ezulwini. Wathi: “Phakathi kwabazelwe ngabesifazane akuzange kuvezwe omkhulu kunoJohane uMbhapathizi; kodwa umuntu ongomncane kunabanye embusweni wamazulu mkhulu kunaye.”—Mathewu 11:11.

Ingabe Uyowuthola Umvuzo Oyotholwa Abalungileyo?

Ukuze umuntu athole umvuzo wokuphila phakade emhlabeni, yini okumelwe ayenze? UJesu wathi: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” (Johane 3:16) Phawula ukuthi uthando lukaNkulunkulu ngomhlaba lumenza ukuba avulele bonke abantu ithuba lokuphila phakade, kodwa ngabantu ‘ababonisa ukholo’ kuphela abayothola lo mvuzo.

Ukholo kufanele lusekelwe olwazini olunembile. (Johane 17:3) Ungabonisa ukuthi ungumuntu olungile ngokufunda okwengeziwe ngenjongo kaJehova ngomuntu. Vumela ukholo lukushukumisele esenzweni. Ngaphezu kwalokho, qiniseka ngokuthi ulindelwe ukuphila okuphakade.

[Ibhokisi ekhasini 7]

Lithini IBhayibheli?

Umbuzo:

Kwenzekani kubantu abalungile lapho sebefile?

Impendulo:

“Abafileyo bona abazi lutho.”—UMSHUMAYELI 9:5.

Umbuzo:

Abantu abalungileyo banaliphi ithemba ngekusasa?

Impendulo:

“Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni beyokhunjulwa futhi bayolizwa izwi [likaJesu] baphume.”—JOHANE 5:28, 29.

Umbuzo:

Iningi labantu abalungile liyophila kuphi?

Impendulo:

“Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”—IHUBO 37:29.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela