Ukuhlala Emseni KaNkulunkulu Naphezu Kwezinguquko
INGABE kwenzeke izinguquko ezithile ekuphileni kwakho? Ingabe ukuthola kunzima ukuzamukela? Iningi lethu liye labhekana nalesi simo noma lisazobhekana naso. Izibonelo ezingokoqobo zabantu basendulo zingasisiza ukuba sibone izimfanelo eziyosisiza.
Ngokwesibonelo, cabanga ngoDavide kanye nezinguquko eziningi okwadingeka abhekane nazo. Wayengumfanyana nje ongumalusi lapho uSamuweli emgcoba njengenkosi yesikhathi esizayo. Lapho esemncane, walwa ngokuzithandela nomdondoshiya ongumFilisti uGoliyati. (1 Sam. 17:26-32, 42) Khona manjalo wamenyelwa ukuba ayohlala esigodlweni seNkosi uSawule futhi wamiswa njengomkhuzi wamabutho. Wayengasoze acabanga ukuthi kwakuyoba nalezi zinguquko ekuphileni kwakhe; futhi wayengasoze azi okwakuyokwenzeka kamuva.
Ubuhlobo bukaDavide noSawule bashintsha baba muncu. (1 Sam. 18:8, 9; 19:9, 10) Ukuze angabulawa, kwadingeka aphile njengombaleki iminyaka eminingi. Izimo zakhe zashintsha kakhulu ngisho nalapho eseyinkosi kwa-Israyeli, ikakhulu ngemva kokuba ephingile futhi wabulala ezama ukumboza lesi sono. Lezi zono zakhe zabangela umkhaya wakhe izinkinga ezinkulu. Enye yazo yaba ukuvukelwa indodana yakhe, u-Absalomu. (2 Sam. 12:10-12; 15:1-14) Noma kunjalo, ngemva kokuba ephendukile ezonweni zakhe zokuphinga nokubulala, uJehova wamthethelela futhi waphinde wathola umusa kaNkulunkulu.
Izimo zakho nazo zingase zishintshe. Ukugula, izinkinga zomnotho, noma izinkinga zomkhaya—ngisho nezenzo zethu—zingakushintsha ukuphila kwethu. Iziphi izimfanelo ezingasisiza ukuba sikuhlomele kangcono ukubhekana nalezi zinselele?
Ukuthobeka Kuyasisiza
Ukuthobeka kuhilela ukuba nesimo sengqondo sokuzithoba. Ukuthobeka kwangempela kusenza sizibone lokho esiyikho ngempela futhi sibheke abanye njengoba benjalo. Uma singazibukeli phansi izimfanelo zabanye nalokho abakufezile, siyokwazisa kangcono lokho abayikho nalokho abakwenzayo. Ngokufanayo, ukuthobeka kungasenza siqonde isizathu sokuba okuthile kwenzeke kithi nendlela yokubhekana nakho.
UJonathani, indodana kaSawule, uyisibonelo esihle. Izimo zakhe zashintshwa izenzakalo ezazingaphezu kwamandla akhe. Lapho uSamuweli etshela uSawule ukuthi uJehova wayezowususa umbuso kuye, akazange athi uJonathani owayezoba inkosi. (1 Sam. 15:28; 16:1, 12, 13) Ukukhetha kukaNkulunkulu uDavide ukuba abe inkosi elandelayo yakwa-Israyeli kwamshiya ngaphandle uJonathani. Ngomqondo othile, ukungalaleli kukaSawule kwaba nomphumela omubi kuJonathani. Nakuba ayengenacala ngokona kukayise, uJonathani wayengeke esaba inkosi ngemva kukayise. (1 Sam. 20:30, 31) UJonathani wasabela kanjani kulesi simo? Ingabe waba namagqubu ngoba ephunyukwe ithuba lokuba inkosi, wayeseba nomona ngoDavide? Lutho neze! Nakuba ayemdala kakhulu kunoDavide futhi enokuhlangenwe nakho okwengeziwe, uJonathani wamsekela ngobuqotho. (1 Sam. 23:16-18) Ukuthobeka kwamsiza ukuba aqonde ukuthi ubani owayebusiswe uNkulunkulu, futhi akazange ‘azicabange emkhulu kunalokho okudingeke ukuba akucabange.’ (Roma 12:3) UJonathani wayekuqonda lokho uJehova ayekulindele kuye futhi wasamukela isinqumo saKhe kule ndaba.
Yiqiniso, lapho izinguquko ziziningi ziletha ubunzima obuthile. Kunesikhathi lapho uJonathani kwadingeka asebenzelane khona namadoda amabili ayewathanda. Enye kunguDavide, umngane wakhe owayezoba inkosi emiswe uJehova. Enye kunguSawule, uyise, owayelahlwe uJehova kodwa owayesabusa njengenkosi. Kumelwe ukuba lesi simo samcindezela kakhulu uJonathani ngokomzwelo ngesikhathi ezama ukuhlala emseni kaJehova. Izinguquko okudingeka sibhekane nazo zingase zisikhathaze futhi zisesabise. Kodwa uma sizama ukuqonda indlela uJehova abheka ngayo izinto, siyokwazi ukuqhubeka simkhonza ngobuqotho sibe sibhekene nalezo zinguquko.
Ukubaluleka Kwesizotha
Isizotha sidinga ukuba umuntu akwazi ukulinganiselwa kwakhe. Akufanele siphambanise isizotha nokuthobeka. Umuntu othobekile angase angakuqapheli ngokugcwele ukulinganiselwa kwakhe.
UDavide wayenesizotha. Nakuba uJehova ayemkhethe njengenkosi, kwaphela iminyaka engabekwanga inkosi. IBhayibheli alisho ukuthi uJehova wamchazela uDavide isizathu salokhu kubambezeleka. Nakuba lesi simo sasibonakala sikhungathekisa, akazange akhathazeke. Wayekwazi ukulinganiselwa kwakhe, futhi eqonda ukuthi uJehova owayevumela lesi simo, wayeqondisa izinto. Ngakho, wayengeke ambulale uSawule ngisho nangesizathu sokusindisa ukuphila kwakhe futhi wavimba umngane wakhe u-Abhishayi ekwenzeni okufanayo.—1 Sam. 26:6-9.
Ngezinye izikhathi kungase kube nesimo ebandleni esingasiqondi noma ngokombono wethu, okubonakala singasingathwa ngendlela efanele noma ehleleke kangcono. Ingabe siyoba nesizotha siqaphele ukuthi uJesu uyiNhloko yebandla nokuthi usebenzisa indikimba yabadala ayimisile ukuba ihole? Ingabe siyobonisa isizotha, sazi ukuthi ukuze sihlale sisemseni kaJehova kudingeka simlinde ukuba asihole ngoJesu Kristu? Ingabe siyolinda ngesizotha ngisho noma lokho kuyinselele?—IzAga 11:2.
Ubumnene Busisiza Ukuba Sibe Nombono Oqondile
Ubumnene buwukuba nomoya ophansi. Busenza sikwazi ukubekezela lapho silinyazwa, singacasuki, singathukutheli noma sifune ukuziphindiselela. Kunzima ukuhlakulela ubumnene. Kuyathakazelisa ukuthi elinye ivesi leBhayibheli limema “abamnene bomhlaba” ukuba ‘bafune ubumnene.’ (Zef. 2:3) Ubumnene buhlobene nokuthobeka nesizotha, kodwa buhlanganisa nezinye izimfanelo, njengobuhle nokuba nomoya ophansi. Umuntu omnene angakhula ngokomoya njengoba ebonisa ukuthi uyafundiseka futhi uyalolongeka.
Ubumnene bungasisiza kanjani ukuba sibhekane nezinguquko ezintsha ekuphileni? Kungenzeka uqaphelile ukuthi abantu abaningi abazithandi izinguquko. Kanti empeleni zingaba amathuba okuba uJehova asiqeqeshe ngokwengeziwe. Ukuphila kukaMose kuyakubonisa lokhu.
Lapho eneminyaka engu-40 ubudala, uMose wayevele esenezimfanelo ezinhle kakhulu. Wayesebonisile ukuthi uyazikhathalela izidingo zabantu bakaNkulunkulu futhi wabonisa umoya wokuzidela. (Heb. 11:24-26) Kodwa, ngaphambi kokuba uJehova amthume ukuba akhiphe ama-Israyeli eGibhithe, uMose kwadingeka ukuba abhekane nezinguquko ezalolonga ukuba mnene kwakhe. Kwadingeka abaleke eGibhithe ayohlala ezweni lakwaMidiyani iminyaka engu-40, engumalusi ophansi. Waba yini umphumela? Lolu shintsho lwamenza waba umuntu ongcono. (Num. 12:3) Wafunda ukubeka izinto ezingokomoya ngaphambi kwezakhe.
Njengesibonelo sobumnene bukaMose, ake sicabangele lokho okwenzeka lapho uJehova emtshela ukuthi wayezosilahla isizwe esingalaleli abese enza inzalo yakhe ibe isizwe esikhulu. (Num. 14:11-20) UMose wasikhulumela isizwe. Amazwi akhe abonisa ukuthi wayekhathalela idumela likaNkulunkulu nenhlala-kahle yabafowabo, hhayi izithakazelo zakhe siqu. Indima kaMose njengomholi nomlamuleli wesizwe yayidinga umuntu omnene. UMiriyamu no-Aroni bakhononda ngaye, noma kunjalo iBhayibheli lithi uMose “wayemnene ukubadlula kude bonke abantu.” (Num. 12:1-3, 9-15) Kubonakala sengathi wabekezela ngobumnene lapho bemdelela. Kwakuyokwenzekani ukube uMose wayengemnene?
Kwesinye isenzakalo, umoya kaJehova wahlala phezu kwamadoda athile, wawenza ukuba aprofethe. UJoshuwa, inceku kaMose, waba nomuzwa wokuthi la ma-Israyeli ayenza okungafanele. Kodwa njengoba ayemnene, uMose waba nombono kaJehova ngezinto futhi wangakhathazeka ngokuthi angase aphelelwe igunya. (Num. 11:26-29) Ukube uMose wayengemnene, wayeyolamukela yini lolu shintsho elungiselelweni likaJehova?
Ubumnene benza ukuba uMose alisebenzise kahle igunya elikhulu ayelinikiwe futhi afeze indima uNkulunkulu ayemabele yona. UJehova wambiza ukuba akhuphukele eNtabeni iHorebe futhi ame phambi kwabantu. UNkulunkulu wakhuluma noMose ngengelosi futhi wammisa njengomlamuleli wesivumelwano. Ubumnene bukaMose bamenza walwamukela lolu shintsho olukhulu lwegunya kodwa futhi waqhubeka esemseni kaNkulunkulu.
Kuthiwani ngathi? Ukuze sithuthuke njengabantu ngabanye kumelwe sibe mnene. Bonke abaphathiswe amalungelo negunya phakathi kwabantu bakaNkulunkulu kudingeka babe mnene. Ubumnene businqanda ukuba singaqhoshi lapho sibhekene nezinguquko futhi busenza sisingathe izimo ngesimo sengqondo esifanele. Indlela esisabela ngayo ibalulekile. Ingabe siyozamukela izinguquko? Ingabe siyozibheka njengethuba lokuthuthuka? Zingase zibe ithuba elihle lokuhlakulela ubumnene!
Izinguquko ziyohlale zikhona ekuphileni. Ngezinye izikhathi akulula ukuqonda ukuthi kungani izinto ezithile zenzeka. Ukulinganiselwa kwethu nokucindezeleka ngokomzwelo kungenza kube nzima ngathi ukuba sihlale sinombono ongokomoya. Noma kunjalo, izimfanelo ezinjengokuthobeka, isizotha nobumnene ziyosisiza ukuba samukele lezo zinguquko futhi sihlale sisemseni kaNkulunkulu.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]
Ukuthobeka kwangempela kusenza sizibone lokho esiyikho ngempela
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
Ukuze sithuthuke njengabantu ngabanye kumelwe sibe mnene
[Isithombe ekhasini 5]
UMose kwadingeka abhekane nezinselele ezalolonga ubumnene bakhe