Ingabe Bewazi?
Izibulo lalithola maphi amalungelo nemithwalo yemfanelo?
▪ Kudala ngezikhathi zezinzalamizi, izinceku zikaNkulunkulu zazinikeza amazibulo amalungelo akhethekile. Ngemva kokufa kukababa wekhaya, indodana endala yayithwala imithwalo yokuba yinhloko. Yayinakekela umndeni futhi ibe negunya phezu kwamalungu asahlala ekhaya. Izibulo laliphinde limelele umndeni phambi kukaNkulunkulu. Nakuba wonke amadodana ayelithola ifa, izibulo lona lalithola elithé xaxa. Amanye amadodana ayengase athole isilinganiso esithile sempahla yefa, kodwa izibulo lalithola isilinganiso esiphindwe kabili.
Ngezikhathi zezinzalamizi, izibulo lalingabudela ubuzibulo balo. Ngokwesibonelo, u-Esawu wathengisela umfowabo omncane ubuzibulo bakhe. (Genesise 25:30-34) UJakobe wadlulisela ubuzibulo bukaRubeni, indodana yakhe yokuqala, kuJosefa. URubeni walahlekelwa yileli lungelo ngenxa yokuziphatha okuyichilo. (1 IziKronike 5:1) Nokho, ngaphansi koMthetho KaMose, indoda enesithembu yayingenakulithatha ilungelo lobuzibulo lendodana ezalwa umfazi omdala ilinikeze izibulo lomfazi wesibili ngenxa nje yokuthi umfazi wesibili uyintandokazi yakhe. Kwakufanele ihloniphe ilungelo lezibulo langempela.—Duteronomi 21:15-17.
Kungani ababhali nabaFarisi babefaka ‘amabhokisi aqukethe imibhalo’?
▪ UJesu wagxeka abaphikisi bakhe benkolo, ababhali nabaFarisi, ngokuwenza abe banzi ‘amabhokisi [aqukethe imibhalo] ababewafaka njengezivikelo.’ (Mathewu 23:2, 5) Amalungu alawo maqembu enkolo ayebopha amabhokisi esikhumba amancane amnyama ayizikwele emabunzini awo. Ayewabopha nasengalweni eduze kwenhliziyo. Kulawo mabhokisi ayegcina izindinyana zemiBhalo. Umkhuba wokufaka amabhokisi anjalo anemiBhalo, ayebizwa ngokuthi amafilakteriyu, waqala lapho ekuthatha ngokwezwi nezwi okwashiwo uNkulunkulu lapho enikeza ama-Israyeli isiqondiso esithi: “La mazwi engikuyala ngawo namuhla kumelwe abe senhliziyweni yakho . . . Kumelwe uwabophe njengophawu esandleni sakho, abe yibhande lasebunzini phakathi kwamehlo akho.” (Duteronomi 6:6-8) Akwaziwa ukuthi lo mkhuba wokufaka amafilakteriyu waqala nini, kodwa izazi eziningi zithi waqala ekhulwini lesithathu noma lesibili B.C.E.
Zimbili izizathu ezenza uJesu wawuhlaba lo mkhuba. Okokuqala, ababhali nabaFarisi babewenza banzi amafilakteriyu ukuze babonise abantu ukuthi bakholwe kangakanani. Okwesibili, la maqembu ayecabanga ukuthi la mabhokisi ayisivikelo. Izincwadi ezingasekelwe eBhayibhelini zihumusha igama lesiGreki lala mabhokisi elithi phylakterion ngokuthi “amabutho aqaphile,” “inqaba,” noma “isivikelo.”