Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 5/1 kk. 16-17
  • Indlela Yokulandela UKristu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokulandela UKristu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu? Izinto Esingabonisa Ngazo Ukuthi Siyawufuna
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • Ingabe Uyosabela Othandweni LukaJesu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • ‘Yiba Ngumlandeli Wami’—Wayesho Ukuthini UJesu?
    ‘Woza Ube Ngumlandeli Wami’
  • Kungani AmaKristu Ebhapathizwa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 5/1 kk. 16-17

Lokho Esikufunda KuJesu

Indlela Yokulandela UKristu

Lapho umuntu ebonisa ukholo kuJesu, wayevame ukuthi kuye: “Yiba umlandeli wami.” (Mathewu 9:9; 19:21) Yini ehilelekile ekubeni umlandeli kaJesu, okungukuthi, ukuba umKristu? Cabangela izimpendulo zemibuzo emithathu ebalulekile.

Kufanele ubaphathe kanjani abanye?

▪ Umfundi kaJesu kufanele alandele iziqondiso zendlela yokuphatha abanye abantu. Ngokwesibonelo, uJesu wathi: “Zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.” Yini okufanele uyenze uma othile ekuphatha kabi? UJesu wathi: “Lungisa izindaba masinyane nalowo okumangalele.” Nakhu okunye akutshela abalandeli bakhe: “Uma ningabathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo ngeke azithethelele iziphambeko zenu.”—Mathewu 5:25; 6:15; 7:12.

UJesu wanikeza abantu abashadile lesi seluleko: “Nizwile ukuthi kwathiwa, ‘Ungaphingi.’ Kodwa mina ngithi kini wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane aze amkhanuke, usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe.” UmKristu weqiniso uvumela izimfundiso zikaJesu ukuba zithonye ingqondo nenhliziyo yakhe.—Mathewu 5:27, 28.

AmaKristu eqiniso adela ukunethezeka kwawo ukuze asize abanye. UJesu wakwenza lokho. Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi yena nabaphostoli bakhe baba matasa kakhulu emsebenzini wokushumayela, kangangokuthi abazange basithole ngisho nesikhathi sokudla. Ngakho, uJesu wahamba nabo ngesikebhe wabayisa endaweni engenabantu ukuze baphumule. Kodwa abantu bezwa ukuthi uJesu wayeyaphi, ngakho bagijima bafika kuqala lapho. Ukulandisa kweBhaybheli kuthi: “Lapho ehla wabona isixuku esikhulu, kodwa waba nesihawu ngaso, ngoba sasinjengezimvu ezingenamalusi. Wasifundisa izinto eziningi.” (Marku 6:30-34) Nawe ungamlingisa uJesu ngokwenza lokho uNkulunkulu akucela ukuba ukwenze, ngisho noma lokho kungase kusho ukubhekana nobunzima obuthile.

Kungani kufanele ushumayele izindaba ezinhle?

UJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bashumayele izindaba ezinhle. Watshela abaphostoli bakhe: “Njengoba nihamba, nishumayele, nithi, ‘Umbuso wamazulu ususondele.’” (Mathewu 10:7) Abalandeli bakaJesu bashumayela isigijimi esiyigugu. UJesu wathandaza: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso.”—Johane 17:3.

UJesu wabikezela ngomsebenzi owawuyokwenziwa izigidi zabalandeli bakhe. Wathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke.” (Mathewu 24:14) Uma uye wafunda ngoMbuso kaNkulunkulu futhi ukukholelwa lokho okushiwo iBhayibheli, nakanjani uzokujabulela ukutshela abanye ngalokho okwaziyo. Abalandeli bakaJesu abaningi baqale batshele izihlobo zabo ngoMbuso kaNkulunkulu.—Johane 1:40, 41.

Kungani kufanele ubhapathizwe?

▪ Ngesikhathi uJesu ebhapathizwa emfuleni iJordani, cishe wathandaza wathi: “Ngizile ukuba ngenze intando yakho, Nkulunkulu.” (Hebheru 10:7) Uma ufuna ukwenza intando kaNkulunkulu, nawe kufanele ubhapathizwe. UJesu wayala: ‘Yenzani abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize.’—Mathewu 28:19.

Yimiphi imithwalo yemfanelo nezinzuzo okulethwa ukubhapathizwa? Abalandeli bakaJesu ababhapathiziwe bakhonza uNkulunkulu ngomphefumulo wabo wonke. UJesu wacaphuna uMthetho kaNkulunkulu othi: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho.” (Mathewu 22:37) Waphinde wathi: “Uma umuntu efuna ukungilandela, makazidele.” (Mathewu 16:24) Ubhapathizo luyisibonakaliso sesinqumo somuntu sokuzidela nokubonisa ukuthi usephilela uNkulunkulu. Labo abanalobu buhlobo obukhethekile noNkulunkulu bangamcela ukuba abaphe unembeza ohlanzekile.—1 Petru 3:21.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 18 sale ncwadi, Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela