“Izindaba Ezinhle” Zishunyayelwa Eziqhingini Zase-Australia Ezisenyakatho Ekude
UJESU wathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe.” (Mathewu 24:14) OFakazi BakaJehova balalela lo myalo kaJesu futhi bazama ukutshela abantu ngesigijimi seBhayibheli, kungakhathaliseki ukuthi bahlalaphi. (Mathewu 28:19, 20) Lo msebenzi bawenza ngokuzithandela futhi ngezinye izikhathi bashumayela ezindaweni ezingezinhle kangako besebenzisa nemali yabo.
Ngokwesibonelo, uNathan noCarly, baye bahlela ukuphila kwabo ukuze bayoshumayeza abantu abahlala eziQhingini zaseTorres Strait ezicezile. Ngo-2003, ummeleli wehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova e-Australia wabacela ukuba bathuthele esiQhingini saseThursday ukuze bayosebenza nebandla lendawo. Lesi esinye seziqhingi eziningi ezinhle neziluhlaza ezihlobisa iPacific phakathi kwe-Australia neNew Guinea.
Besizwa umndeni wabo, ngo-2007 uNathan noCarly bathenga umkhumbi omdala wamapulangwe obizwa ngokuthi i-Teisan-Y. Bawuvuselela ngemali yabo futhi baqala ukuhamba ngawo lapho beyoshumayeza abantu abahlala eziqhingini eziyishumi ezikude. IsiQhingi saseThursday sasiyindawo ababesukela kuyo lapho bezohamba. Ngezansi basixoxela ngolunye uhambo lwabo.
Ngo-January 2008: Sagibela isikejana saya eBamaga—indawo eqhele ngamakhilomitha angu-80 ukuya nokubuya—sayolanda oFakazi bendawo abayisithupha. Sabe sesingena kuyi-Teisan-Y saya eziqhingini zaseWarraber nasePoruma. Sagcwalisa umkhumbi ngophethiloli—amalitha angu-5 500 abiza ama-dollar amabili ilitha. Umkhumbi wawuhamba kancane, cishe amakhilomitha ayishumi ngehora. Kodwa isimo sezulu sasivuma, amagagasi olwandle ezishayela kancane.
Lapho sifika, sabophela umkhumbi ogwini, sangena esikebheni nabambalwa abanezihlobo eWarraber sayohlangana nenduna yesiqhingi ukuze sicele imvume yokushumayela. Le nduna ingumfundisi wesonto lendawo kodwa yavuma ukuba sikhulume nezakhamuzi. Senza okufanayo nasePoruma, nakhona savunyelwa ukushumayela. Abantu balapha banobungane futhi bayazithanda izincwadi zethu. Saqala izifundo zeBhayibheli eziningi.
Ngo-April 2008: Sahlela ukuthatha uhambo oluya eDauan, eSaibai naseBoigu—iziqhingi ezintathu ezikude kakhulu—eduze komngcele wasePapua New Guinea (PNG). Isimo sezulu sashintsha saba sibi, ngakho salibhekisa esiQhingini saseMabuiag. Lesi siqhingi siqhele ngamakhilomitha angu-70 kuphela, kodwa sahamba amakhilomitha angu-140 sichusha phakathi kwamadwala amaningi.
Igagasi elikhulu lavele lasiphonsela le isikejana sethu sasihlukanisa ne-Teisan-Y. Sazama ukujikisa umkhumbi sibe silwa namagagasi esabekayo ukuze silande isikejana sethu. Lokho kuxukuzeka kwagulisa abaningi.
Sathola imvume yokushumayela esiqhingini saseMabuiag, futhi izakhamuzi zasamukela ngezandla ezifudumele kangangokuthi sakukhohlwa esasisanda kubhekana nakho. Owesifazane othile wakujabulela kakhulu esamxoxela khona waze wathatha izincwadi ezengeziwe ukuze azibeke endlini yomtapo wezincwadi lapho esebenza khona.
Ngo-May kuya ku-October 2008: Ngenxa yesimo sezulu, asikwazanga ukuya eziqhingini. Sasebenzisa leso sikhathi ukuze sishumayele endaweni esihlala kuyo, salungisa nezinto ezithile emkhunjini.
Ngenxa yokuthi wawumkhulu umsebenzi okwakudingeka wenziwe, sahamba saya echwebeni laseWeipa, sakhipha umkhumbi emanzini sisebenzisa inqola enkulukazi. Ungase ucabange ukuthi akuwona umsebenzi onzima lona, kodwa kwajuluka indoda! OFakazi bendawo beza bazosiza ngokulungisa amapayipi amanzi, ukupenda nokulungisa ezinye izinto. Abanye babelungisa okuya ngasethunjini, kanti abanye basilethela izinto esasizozidinga ohambweni olulandelayo lokuyoshumayela. Usizo lwabo nomoya wabo omuhle wokuphatha izihambi sawazisa kakhulu.
Ngo-December 2008: Saphinde sahlela ukuya eDauan, eSaibai naseBoigu. Sagwema izimvula ezinezivunguvungu zasezindaweni ezishisayo sisebenzisa umshini wokuhlola izivunguvungu futhi sakwazi ukuthubeleza phakathi kwamadwala sisebenzisa umshini ohlola indlela. Kwasithatha amahora angu-12 ukufika eDauan, kodwa lesi siqhingi sihle kunazo zonke kwesake sazibona. Amagquma aphakeme ayembozwe amafu. Abantu baseDauan basilalela ngelikhulu isasasa, futhi sahlela ukuqhubeka nezingxoxo zethu zeBhayibheli ngocingo lapho sesiphindele ekhaya.
ULettie, omunye wesifazane oyisakhamuzi, wayeke wabathola omagazini bethu futhi wathumela isicelo sokuthola izincwadi ezengeziwe. Ihhovisi legatsha lase-Australia lamthumelela izinto zakhe futhi labhalela ibandla lethu incwadi licela ukuba sixhumane naye uma kungenzeka. Ekugcineni samthola uLettie futhi sajabula ukuba nengxenye encane ekwaneliseni iphango lakhe lezinto ezingokomoya.
Esiqhingini saseSaibai, induna yasenqabela ukushumayeza izakhamuzi. Nokho, yabavumela labo abanezihlobo ukuba bangene baxoxe nazo. Ngaphambili ngangithole imvume kuhulumeni yokuziphilisa ngokupenda izindlu eSaibai, futhi ngenza lowo msebenzi ukuze sikhokhele izindleko zethu ezithile.
Omunye udadewethu, uTassie, uvela esigodini sasePNG esiqhele ngamakhilomitha amane nje kuphela ukusuka eSaibai. Ngokwesivumelwano esenziwa nohulumeni wase-Australia, izakhamuzi zasePNG zikhululekile ukuthengisa eSaibai. UTassie wahlangana nabantu abaningi abavela esigodini sakubo kodwa wayengenazo izincwadi ezanele angabanika zona. Wayeqala ukubona abantu basesigodini sakubo selokhu aba uFakazi kaJehova. Saphindela emkhunjini samlandela ibhokisi lezincwadi, eziningi zazo ezingezolimi lwasePNG olubizwa ngokuthi yisiTok Pisin. UTassie washumayeza iqembu labantu basePNG abangaphezu kuka-30, abanesithakazelo bazithatha zonke izincwadi. Isigodi abahlala kuso singafinyeleleka kuphela ngesikebhe futhi kungenzeka ukuthi asikaze sivakashelwe oFakazi BakaJehova.
Kwaba nzima ukufinyelela isiqhingi sokugcina, iBoigu. Ukushona kwamanzi kwakungamamitha amabili nengxenye futhi isinqe somkhumbi sishone phansi ngamamitha angu-1,8. Lokho kwakuyingozi ngoba phela ibanga okwakusafanele silihambe ukuze sifike ogwini lalingamakhilomitha amane. Mina nomunye umzalwane sathatha isikejana sayohlola indawo sithole nentuba yokungena kulesi siqhingi. Layidliva saba manzi nté futhi kwasithatha amahora amabili ukuthola indlela yokuya ogwini!
Lapho sifika, izakhamuzi ezazimangele zasitshela ukuthi ishadi esasilisebenzisa alinembile nokuthi ngisho nabaqaphi bogu noma ibutho lwasolwandle alingeni kule ndawo. Induna yasenqabela ukushumayela kodwa yavuma ukuba labo abanezihlobo bazishumayeze. Sayihlonipha savakashela izihlobo kuphela. Enye indoda yathatha incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?,a yayifunda ngokushesha, futhi yabhala imibuzo ngemuva eBhayibhelini layo. Sayivakashela le ndoda lapho siphinde siya esiQhingini saseThursday.
Ngo-January 2009: Saphindela esiqhingini saseMoa naseMabuiag ukuyoxoxa nalabo ababebonise isithakazelo esigijimini seBhayibheli. Kuzo zombili iziqhingi samukelwa kahle kakhulu. Abantu abaningi esigodini saseSt. Paul, esiQhingini saseMoa basitshela ukuthi sisheshe sibuye ukuzobavakashela. Induna yathi sikhululeke ukubuya noma nini ukuzoshumayela esigodini sayo.
Kuneziqhingi ezingu-17 eTorres Strait ezihlala abantu. Asazi ukuthi sizokwazi ngezinga elingakanani ukuxhumana nabo bonke abantu balapho. Kodwa sonke lapha emabandleni aseziqhingini zase-Australia ezisenyakatho ekude siyakujabulela ukwenza konke okusemandleni ukudumisa uMdali wethu Omkhulu, uJehova.
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Ibalazwe ekhasini 23]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
AUSTRALIA
Weipa
Bamaga
TORRES STRAIT ISLANDS
PAPUA NEW GUINEA
[Umthombo]
Based on NASA/Visible Earth imagery
[Ibalazwe ekhasini 24, 25]
Bamaga
Thursday Island
Moa Island
Warraber Island
Poruma Island
Mabuiag Island
Saibai Island
Dauan Island
Boigu Island
PAPUA NEW GUINEA
[Umthombo]
Based on NASA/Visible Earth imagery
[Isithombe ekhasini 24]
Lapho sifika esiQhingini saseThursday
[Isithombe ekhasini 24]
Sisemsebenzini wokushumayela esiQhingini saseSaibai
[Isithombe ekhasini 25]
Sishumayela izindaba ezinhle ngolimi lwesiTok Pisin