Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 7/1 k. 9
  • Ingabe Bewazi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Bewazi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Yana Entuthwaneni”
    I-Phaphama!—1990
  • Izindonga ZaseJerusalema
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Amaphuzu Avelele Encwadi KaNehemiya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Incwadi YeBhayibheli Ye-16—UNehemiya
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 7/1 k. 9

Ingabe Bewazi?

Ingabe ngempela izintuthwane zilungisa ukudla kwazo ehlobo futhi zibuthe ukudla kwazo ngesikhathi sokuvuna?

▪ IzAga 6:6-8 zithi: “Yana entuthwaneni, vila ndini; bheka izindlela zayo uhlakaniphe. Nakuba ingenamlawuli nasikhulu nambusi, ilungisa ukudla kwayo ngisho nasehlobo; ibutha ukudla kwayo ngesikhathi sokuvuna.”

Eqinisweni, kunezinhlobo zezintuthwane eziningana ezigcina ukudla. Kungenzeka ukuthi uSolomoni wayekhuluma ngezintuthwane ezivunayo (Messor semirufus)—uhlobo olutholakala kakhulu kwa-Israyeli namuhla.

Enye incwadi ithi “izintuthwane ezivunayo zikhuthele futhi zishiya izindawo ezihlala kuzo uma isimo sezulu sisihle ziyofuna ukudla . . . ziqoqe imbewu phakathi nazo zonke izinyanga zonyaka ezifudumele.” Zingase zithathe imbewu ezitshalweni noma ziqoqe ewele phansi. Lezi zinambuzane zakha iziduli zazo ngaphansi komhlaba eduze kwamasimu, eduze kwezinqolobane, noma ezibuyeni, lapho zingase zithole khona imbewu.

Izintuthwane zigcina ukudla kwazo esidulini ezinqolobaneni ezincane ezizakhayo. Lezo zinqolobane ziyiziyingi ezingaba amasentimitha angu-12 ububanzi nesentimitha elilodwa ukuphakama. Kuthiwa uma kukuningi ngokwanele ukudla ezikuqoqile, zingakwazi ukuphila “izinyanga ezingaphezu kwezine ngalokho kudla zingazange ziphumele ngaphandle.”

Yini eyayihilelekile ekubeni umphathindebe wenkosi?

▪ UNehemiya wayengumphathindebe wenkosi yasePheresiya u-Aritahishashita. (Nehemiya 1:11) Ezigodlweni zasendulo eMpumalanga Ephakathi, umphathindebe wenkosi wayengeyona inceku ephansi. Kunalokho, wayeyisikhulu esinesikhundla esiphakeme. Izincwadi zakudala nezithombe eziningi zasendulo ezibonisa abaphathindebe zisenza sifike eziphethweni eziningana mayelana nomsebenzi kaNehemiya esigodlweni sasePheresiya.

Umphathindebe wayenambitha kuqala iwayini lenkosi ukuze ayivikele kushevu. Ngakho, inkosi yiyimethemba kakhulu. Isazi-mlando, u-Edwin M. Yamauchi, sithi: “Sasisikhulu isidingo sezisebenzi ezithembekile ngoba maningi amatulo ababenzelana wona esigodlweni sasePheresiya.” Kungenzeka ukuthi umphathindebe wayeyisikhulu esasithandeka nesasinethonya elikhulu enkosini. Cishe njengoba ayesebenzelana eduze nenkosi nsuku zonke wayenegunya lokunquma ukuthi ubani ovunyelwa ukubona inkosi.

Kungenzeka ukuthi uNehemiya samsiza leso sikhundla lapho ecela ukuphindela eJerusalema ukuyokwakha kabusha izindonga. Kumelwe ukuba inkosi yayimthanda kakhulu uNehemiya. I-Anchor Bible Dictionary ithi: “Inkosi yaphendula kuphela ngokuthi ‘Uzosheshe ubuye yini?’”—Nehemiya 2:1-6.

[Umdwebo/Isithombe ekhasini 9]

Umfanekiso Oqoshiwe Wasesigodlweni SasePersepolis EPheresiya

[Umdwebo]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

Umphathindebe

Inkosana U-Ahashiveroshi

Udariyu Omkhulu

[Umthombo]

© The Bridgeman Art Library International

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela