Kumenywa Wonke Umuntu!
UMENYELWA kuphi? Ukuba avakashele elinye lamahhovisi amagatsha oFakazi BakaJehova, avame ukubizwa ngokuthi iBethel. Kunamagatsha angu-118 emazweni ahlukahlukene. Ngokuvamile, izivakashi aziwuvali umlomo ngezikubona kwenziwa eBethel.
Ngemva kokubona izisebenzi eziningi ezisebenza kanzima zikhonza uJehova ngokujabula egatsheni laseMexico, omunye osemusha ofundelwayo wahlabeka umxhwele waze wabuza: “Kufanele ngenzeni ukuze ngihlale lapha?” Bamphendula: “Kufanele uqale ubhapathizwe. Ngemva kwalokho kungaba kuhle ukuba ube iphayona—ummemezeli woMbuso wesikhathi esigcwele.” Le nsizwa yenza kanjalo futhi ngemva kweminyaka emibili yamenywa ukuba izokhonza eBethel, eMexico, futhi isineminyaka engu-20 ikhonza khona.
Iyini IBethel?
NgesiHeberu igama elithi “Bethel” lisho ukuthi “Indlu KaNkulunkulu.” (Gen. 28:19) Izakhiwo ezisemahhovisi amagatsha ahlukene zisetshenziselwa ukunyathelisa nokusakaza amaBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo nokunikeza usizo olungokomoya emabandleni oFakazi BakaJehova angaphezu kuka-100 000 emhlabeni wonke. Kunezisebenzi zaseBethel ezingaba ngu-20 000—amadoda nabesifazane abanezizinda namasiko angafani—ezikhonza uJehova nabafowabo abangokomoya ngokungazigodli isikhathi esigcwele. Labo asebeneminyaka eminingi bekule nkonzo yobuKristu bakhonza nentsha enobungqabavu. Kusihlwa nangezimpelasonto, amalungu emikhaya yaseBethel ahlanganyela namabandla aseduze oFakazi BakaJehova emihlanganweni yebandla nasenkonzweni yasensimini. Esinye isikhathi sawo esikhululekile asisebenzisela ukutadisha iBhayibheli, ukuzijabulisa nokwenza izinto zawo siqu.
Amalungu omkhaya waseBethel athola imadlana eyisibonelelo njalo ngenyanga. Alungiselelwa ukudla okumnandi nokunomsoco futhi ahlala ezindlini ezihlanzekile nezithokomele. Amakhaya aseBethel awaklanyelwe ukuba abe ubukhazikhazi. Kodwa ayayifeza injongo yawo. Izivakashi zihlabeka umxhwele ngendlela izakhiwo nengadi okunakekelwa kahle ngayo nangokuhleleka nomoya womusa nowokubambisana oseBethel. Wonke umuntu usebenza ngenkuthalo, nokho akekho omatasa kakhulu aze angabi nabungane. EBethel akukho ukuhlukana ngezigaba noma ukuziqhayisa ngesabelo umuntu asenzayo. Zonke izabelo zibalulekile, kungakhathaliseki ukuthi esokuhlanza, esokusebenza engadini, esokupheka noma esokusebenza endaweni yokunyathelisa noma ehhovisi. Izikhonzi zaseBethel zisebenza ngobunye ekusekeleni umsebenzi woFakazi BakaJehova.—Kol. 3:23.
Yazi Ezinye Zezikhonzi ZaseBethel
Ake sizwe okwengeziwe ngalabo abakha lo mkhaya owakhiwa abantu bezizwe zonke. Yini eyabashukumisela ukuba bakhonze eBethel? Cabanga ngoMario. Ngesikhathi eba uFakazi KaJehova, wayesebenza kahle enkampanini yezimoto ehlonishwayo yaseJalimane futhi esethubeni lokuthuthuka. Ngemva kokubhapathizwa wavolontiya ukuyosiza isonto elilodwa eBethel esezweni lakubo. Wabelwa ukuba ayosiza endaweni yokunyathelisa. Wawubona ngokucacile umehluko omkhulu phakathi kwalabo ayesebenza nabo eBethel nabasemsebenzini wakhe wokuziphilisa. Lokho kwamenza wafaka isicelo sokukhonza eBethel isikhathi esigcwele. Nakuba kwakunzima ngezihlobo zakhe eziningi nayesebenza nabo ukuqonda isinqumo sakhe, manje ukhonza eBethel yaseJalimane futhi akeve ejabule.
Abaningi bangenela inkonzo yaseBethel bengenayo imfundo noma ikhono elikhethekile. Kwakunjalo nango-Abel oseneminyaka engu-15 ekhonza eBethel yaseMexico. Uthi: “IBethel ibe isikole sangempela kimi. Ingifundise ukusebenzisa imishini yokunyathelisa eyinkimbinkimbi. Ngiyazi ukuthi ngalolu lwazi ngingayigaya imali uma ngingahamba eBethel, kodwa ngeke ngibe nalokhu enginakho lapha—ukuthula, ukuphila okwanelisayo okungenazinkathazo nokuncintisana okukhona ezindaweni eziningi zezentengiselwano. Nginomuzwa wokuthi ngithole imfundo engcono kunazo zonke, engisize ukuba ngithuthuke ngokomoya nasengqondweni. Ayikho iyunivesithi, ngisho nengcono kunawo wonke, ebinganginika izinzuzo ezinhle kangaka ezingokomoya.”
Ukuvakashela Khona Kungakwakha
Ukuvakasha nje eBethel kungaba nethonya elihle kuyingokomoya lomuntu. Yilokho okwenzeka ku-Omar, waseMexico. Unina wamfundisa amaqiniso eBhayibheli. Kodwa lapho eseneminyaka engu-17, wayeka ukuya emihlanganweni yobuKristu nasensimini. Wagcina eseziphatha kabi, ephishekela nezinto ezibonakalayo. Kamuva, lapho esebenzela inkampani yezokuxhumana, waba phakathi kweqembu elaya eBethel yaseMexico liyokhangisa ngomshini othile. Uthi: “Ngemva kokubabonisa indlela umshini osebenza ngayo, basibonisa izakhiwo. Engakubona nendlela engaphathwa ngayo ngomusa, kwangenza ngacabanga ngokuphila engangikuphila ngihlukanisiwe noJehova. Ngabuye ngaqala ukuya emihlanganweni nokutadisha iBhayibheli ngokushesha. Ngemva kwezinyanga eziyisithupha ngivakashele eBethel, ngabhapathizwa. Ngiyambonga uJehova ngesikhuthazo engasithola ngesikhathi ngivakashele eBethel.”
UMasahiko waseJapane naye wakhulela emkhayeni woFakazi. Nokho, waqala ukucabanga ukuthi ukuphila kobuKristu kunemithetho eqine ngokweqile. Wahileleka kakhulu emisebenzini yesikole futhi wayeka ukuya emihlanganweni nasensimini. UMasahiko uyakhumbula: “Ngelinye ilanga umkhaya wakithi nabangane abambalwa abangamaKristu banquma ukuyovakashela eBethel. Nami ngahamba ngoba abazali bami abavumanga ukuthi ngisale. Lapho sibuka iBethel ngazizwa ngiqabuleke ngendlela engangingakaze ngiqabuleke ngayo ngaphambili. Ukuhlangana namanye amaKristu ngesikhathi sibuka izakhiwo kwangilethela injabulo engangingakaze ngibe nayo lapho nginabangane bami abangebona oFakazi. Ngemva kwalokho, ngafisa ukuphila ngendlela yobuKristu futhi nganquma ukucela ukufundelwa.” Manje uMasahiko uyisikhonzi sesikhathi esigcwele ebandleni lakubo.
Udade othile waseFrance wathuthela eMoscow ngomsebenzi. Elapho akabange esakwazi ukuhlanganyela nabantu bakaJehova wayeseba buthaka ngokomoya. Wahileleka ekuziphatheni okubi futhi ekugcineni washada nomuntu ongeyena uFakazi. Omunye udade waseFrance weza ezomvakashela, base behamba bobabili baya eBethel yaseRussia, eSt. Petersburg. Uthi: “EBethel safike samukelwa kahle futhi lokhu kwangithinta. Ukuthula okwakulapho! Ngezwa ukuthi kunomoya kaJehova. Ngangilenze kanjani nje kodwa iphutha lokukhukhuleka ngishiye inhlangano kaJehova? Lapho ngibuya eBethel, ngathandazela usizo kuJehova futhi ngaqala ukufundisa izingane zami iBhayibheli ngivuselelekile.” Ngaphezu kolunye usizo olungokomoya okungenzeka lo Fakazi owayesebuthaka waluthola, waqiniswa kakhulu ukuvakashela eBethel futhi ngemva kwalokho wathuthuka kahle kakhulu.
Iliphi ithonya ukuvakashela eBethel okungaba nalo kulabo abangajwayelene noFakazi BakaJehova? Ngo-1988, u-Alberto owayengene shí kwezombusazwe, wavakashela eBethel eBrazil. Inhlanzeko, ukuhleleka nokuvunyelwa komphakathi ukuba ubone okwakwenziwa kwamhlaba umxhwele kakhulu. Ngaphambi kokuvakashela eBethel, u-Alberto wayesanda kuvakashela esikoleni sokufundela ubufundisi umlamu wakhe ayengumpristi kuso. U-Alberto wakwazi ukubona umahluko. Uthi: “Yonk’ into esikoleni sokufundela ubufundisi yayiyimfihlo.” Ngemva nje kokuvakashela eBethel, wavuma ukufundelwa, washiya phansi kwezombusazwe futhi manje ukhonza njengomdala ebandleni.
Woza Uzovakasha EBethel!
Abantu abaningi baye bazikhandla kakhulu ukuze bavakashele amahhovisi amagatsha asemazweni akubo. Ngokwesibonelo, uPaulo no-Eugenia baseBrazil, baqongelela imali iminyaka emine ukuze bathathe uhambo lwezinsuku ezimbili ngebhasi, lwamakhilomitha angu-3 000 beyobona izakhiwo zaseBethel yakhona. Bathi: “Asizange sizisole ngalokhu. Manje sesiyazi kangcono inhlangano kaJehova. Lapho sichazela izifundo zethu ngomsebenzi owenziwa eBethel, zazike zisibuze, ‘Senake naya yini khona?’ Manje sesisho kugcwale umlomo ukuthi, yebo.”
Likhona yini ihhovisi legatsha nekhaya laseBethel ezweni lakini noma elingumakhelwane? Sikumema ukuba uzivakashele lezo zakhiwo. Siyakuqinisekisa ngokuthi uma uvakasha, uzokwamukelwa ngemfudumalo futhi uzozuza kakhulu ngokomoya.
[Isithombe ekhasini 18]
UMario
[Isithombe ekhasini 18]
U-Abel
[Isithombe ekhasini 18]
EJalimane
[Isithombe ekhasini 18]
EJapane
[Isithombe ekhasini 18]
EBrazil