Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 10/1 kk. 19-22
  • Ungayinqoba Kanjani Imizwa Edangalisayo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungayinqoba Kanjani Imizwa Edangalisayo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yazi Ukuthi UNkulunkulu Uyakukhathalela
  • Yakha Ubungane Obufudumele NoNkulunkulu
  • Gxila Ethembeni Eliqinisekile Ngekusasa
  • Imizwelo Ephambene Inganqotshwa Kanjani?
    I-Phaphama!—1992
  • Uyigugu KuJehova!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
  • ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | INGABE UYAKULAWULA UKUPHILA KWAKHO?
    I-Phaphama!—2015
  • Imizwelo Ephambene Ingabe Ungayinqoba?
    I-Phaphama!—1992
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 10/1 kk. 19-22

Ungayinqoba Kanjani Imizwa Edangalisayo?

KUKE kwenzeke yini uzizwe ucindezelekile, udangele futhi uphelelwe yithemba? Wonke umuntu uyabhekana nalokho. Siphila esikhathini esinzima ngokomnotho, esigcwele ubudlova nokungabi nabulungisa. Akumangazi ukuthi kungani abantu abaningi bedangele, benomuzwa wecala owedlulele noma bezizwa bengelutho.

Le mizwa ingaba ingozi. Ingasenza singazethembi, singakwazi ukucabanga kahle futhi isincishe injabulo. IBhayibheli lithi: “Ingabe uzibonise udangele ngosuku losizi? Amandla akho ayoba mancane.” (IzAga 24:10) Sidinga amandla nomdlandla ukuze sikwazi ukuphila kuleli zwe eligcwele izinkathazo. Ngakho-ke, kubalulekile ukulawula le mizwa edangalisayo.a

IBhayibheli linamacebiso awusizo olukhulu ekulweni nemizwa engafanele. UJehova uNkulunkulu, uMdali noMsekeli wakho konke ukuphila, akafuni unqotshwe imizwa yokudangala noma yokuphelelwa ithemba. (IHubo 36:9) Ngakho-ke, masicabangele izindlela ezintathu iZwi lakhe elingasisiza ngayo ukuba sinqobe imizwa edangalisayo.

Yazi Ukuthi UNkulunkulu Uyakukhathalela

Abanye abantu bacabanga ukuthi uNkulunkulu umatasa kakhulu ngezinye izinto ukuthi anganakana nemizwa yabo. Ingabe nawe uzizwa kanjalo? Empeleni, iBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi uMdali wethu uyayikhathalela indlela esizizwa ngayo. Umhubi wathi: “UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.” (IHubo 34:18) Yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi uMbusi onguMninimandla onke useduze nathi lapho sisekucindezelekeni!

UNkulunkulu akanayo inhliziyo elukhuni futhi uyangeneka. IBhayibheli lithi “uNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) Uyabathanda abantu futhi uyabakhathalela abacindezelekile. Ngokwesibonelo, ngesikhathi ama-Israyeli eyizigqila eGibhithe eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule, wathi: “Ngokuqinisekile ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yalabo ababacindezela ngomsebenzi; ngoba ngibazi kahle ubuhlungu ababuzwayo. Ngiyehla ukuze ngiyobakhulula.”—Eksodusi 3:7, 8.

UNkulunkulu uyazi kahle indlela esidalwe ngayo. Ingani “nguye osenzile, akuthina.” (IHubo 100:3) Ngakho-ke, ngisho noma singaba nomuzwa wokuthi abanye abasiqondi, singaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyasiqonda. IZwi lakhe lithi: “[Indlela uNkulunkulu abona ngayo] akuyona indlela umuntu abona ngayo, ngoba umuntu nje ubona okubonakala emehlweni; kodwa uJehova yena, ubona lokho inhliziyo eyikho.” (1 Samuweli 16:7) Ubona ngisho nemizwa yethu esekujuleni kwenhliziyo.

Yiqiniso, uJehova uyawabona amaphutha nobuthaka bethu. Kodwa kumelwe sibonge ngokuthi uMdali wethu onothando uyathethelela. Umbhali weBhayibheli ophefumulelwe, uDavide, wathi: “Njengoba ubaba ebonisa umusa emadodaneni akhe, kanjalo uJehova ubonisé umusa kulabo abamesabayo. Ngoba yena uyakwazi ukwakheka kwethu, ekhumbula ukuthi siluthuli.” (IHubo 103:13, 14) UNkulunkulu ubona lokho thina esingenakukubona. Ubheka okuhle, athalalise ububi, inqobo nje uma siphenduka ezonweni zethu.—IHubo 139:1-3, 23, 24.

Ngakho-ke, lapho sizizwa sengathi asizinto zalutho, kumelwe sizimisele ukulwa naleyo mizwa. Kumelwe sikhumbule indlela uNkulunkulu asibheka ngayo!—1 Johane 3:20.

Yakha Ubungane Obufudumele NoNkulunkulu

Sizuza ngani uma sizibheka ngendlela uNkulunkulu asibheka ngayo? Kuyoba lula ngathi ukuthatha isinyathelo esilandelayo sokunqoba imizwa engakhi—ukwakha ubungane obufudumele noNkulunkulu. Kuyinto engenzeka yini kodwa leyo?

NjengoBaba onothando, uJehova uNkulunkulu ulangazelela ukusisiza ukuba sakhe ubungane obufudumele naye. IBhayibheli liyasinxusa: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jakobe 4:8) Nanti iqiniso elimangalisayo: Yize sibuthaka futhi siyizoni, singakwazi ukuba nobungane obufudumele noMbusi wendawo yonke.

UNkulunkulu uzembulile eBhayibhelini ukuze simazi. Ngokulifunda njalo, singakwazi ukwazi izimfanelo zakhe ezikhangayo.b Lapho sizindla ngazo, siyozizwa sisondelene kakhulu naye. Siyomazi kangcono, sazi ukuthi unguBaba onothando nesihe.

Kunokwengeziwe esingakuzuza ngokucabanga ngokujulile ngalokho esikufunda eBhayibhelini. Sisondela kuBaba wethu osezulwini ngokufaka imicabango yakhe ezingqondweni nasezinhliziyweni zethu, siyivumele ukuba isilungise, isiduduze futhi isiqondise. Lokhu kudingeka sikwenze ngokukhethekile lapho sihlushwa imicabango esikhathazayo nemizwa esidangalisayo noma esincisha ukuthula. Umhubi wakubeka ngale ndlela lokhu: “Lapho izinkathazo zingisinda, wangiduduza wangenza ngazizwa ngilondekile.” (IHubo 94:19, Contemporary English Version) IZwi likaNkulunkulu lingasiduduza kakhulu. Uma sizithoba samukele isigijimi sakhe seqiniso, singase sithole ukuthi ukucindezeleka kuya ngokuya kuncipha ngoba nguNkulunkulu kuphela ongasiduduza futhi asinike ukuthula. UJehova usiduduza ngendlela umzali onothando angaduduza ngayo ingane yakhe ephatheke kabi.

Esinye isihluthulelo sokuba umngane kaNkulunkulu sihlanganisa ukukhuluma naye njalo. IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi “kungakhathaliseki ukuthi yini esiyicelayo ngokwentando yakhe, uyasizwa.” (1 Johane 5:14) Kungakhathaliseki ukuthi sibhekene naziphi izinto ezisenza sesabe noma sikhathazeke, singathandaza kuNkulunkulu simcele ukuba asisize. Uma simthululela isifuba, siyothola ukuthula kwengqondo. Umphostoli uPawulu wabhala: “Kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.”—Filipi 4:6, 7.

Ngokunamathela esimisweni sokufunda iBhayibheli, ukuzindla nokuthandaza, uyoba nobuhlobo obuhle noYihlo osezulwini. Lobo buhlobo buyisikhali esinamandla sokulwa nemizwa eqeda injabulo. Yini enye engasiza?

Gxila Ethembeni Eliqinisekile Ngekusasa

Ngisho nalapho sibhekene nezimo ezinzima kakhulu, singakwazi ukucabanga ngezinto ezinhle. Kanjani? UNkulunkulu usinika ithemba eliqinisekile ngekusasa. Umphostoli uPawulu waligoqa ngala mazwi leli themba elimangalisayo: “Kukhona amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele ngokwesithembiso [sikaNkulunkulu], futhi kukho kuyohlala ukulunga.” (2 Petru 3:13) Kusho ukuthini lokho?

Inkulumo ethi “amazulu amasha” empeleni isho uhulumeni—uMbuso kaNkulunkulu osezulwini ophethwe uJesu Kristu. Inkulumo ethi “umhlaba omusha” yona isho umphakathi omusha oyobe uhlala emhlabeni wamukelwa uNkulunkulu. Lapho sekubusa “amazulu amasha” umphakathi omusha ngeke usahlushwa yizinto ezimbi ezibangela imizwa edangalisayo. Lapho likhuluma ngabantu abathembekile abayobe bephila kulowo mhlaba, iBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”—IsAmbulo 21:4.

Cishe uyavuma ukuthi la maphuzu ayajabulisa futhi ayakhuthaza. Yingakho iBhayibheli libiza izibusiso zekusasa uNkulunkulu azithembisa amaKristu eqiniso ngokuthi “ithemba elijabulisayo.” (Thithu 2:13) Uma sigxilisa izingqondo zethu ezithembisweni zikaNkulunkulu ngekusasa—nasezizathwini ezenza lezo zithembiso sizethembe futhi zibe eziqinisekile—sidedisela kude imicabango engakhi.—Filipi 4:8.

IBhayibheli lifanisa ithemba lethu lensindiso nesigqoko sokuzivikela. (1 Thesalonika 5:8) Ezikhathini zasendulo, isosha lalingalokothi liye empini ngaphandle kwesigqoko sokuzivikela. Lalazi ukuthi laliyovikeleka emagalelweni nasemicibisholweni eminingi. Njengoba isigqoko sokuzivikela sivikela ikhanda, nethemba lethu livikela ingqondo. Ukuhlale sicabanga ngezinto ezisinika ithemba kungasisiza ukuba singacabangi ngezinto ezingakhi, ezisenza sesabe nezingasiyisi ndawo.

Ngakho, ungakwazi ukunqoba imizwa edangalisayo. Zindla ngendlela uNkulunkulu akubheka ngayo, sondela kuye futhi ugxile ethembeni onalo ngekusasa. Uma wenza kanjalo, ungaqiniseka ngokuthi uyoba khona lapho yonke imizwa engakhi nedangalisayo iyoqedwa ngokuphelele!—IHubo 37:29.

[Imibhalo yaphansi]

a Labo abacindezeleke kakhulu ngokomzwelo kungase kudingeke babonane nodokotela osebenza kulo mkhakha.—Mathewu 9:12.

b INqabayokulinda ka-August 1, 2009, inesimiso esisebenzisekayo nesiwusizo sokufunda iBhayibheli.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 19]

“Ngibazi kahle ubuhlungu ababuzwayo.”—EKSODUSI 3:7, 8

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 20]

“Lapho izinkathazo zingisinda, wangiduduza wangenza ngazizwa ngilondekile.”—IHUBO 94:19, CONTEMPORARY ENGLISH VERSION

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 21]

“Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo.”—FILIPI 4:7

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 20, 21]

ImiBhalo Eduduzayo NgoJehova UNkulunkulu

“UJehova, uNkulunkulu onesihe nomusa, owephuza ukuthukuthela nochichima umusa wothando neqiniso.”—EKSODUSI 34:6.

“Amehlo akhe aqalaza kuwo wonke umhlaba ukuze abonise amandla akhe ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye.”—2 IZIKRONIKE 16:9.

“UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.”—IHUBO 34:18.

“Wena Jehova, umuhle futhi ukulungele ukuthethelela.”—IHUBO 86:5.

“UJehova muhle kubo bonke, isihe sakhe siphezu kwayo yonke imisebenzi yakhe.”—IHUBO 145:9.

“Mina, Jehova uNkulunkulu wakho, ngibambé isandla sakho sokunene, Mina engithi kuwe, ‘Ungesabi. Ngizokusiza mina mathupha.’”—ISAYA 41:13.

“Makadunyiswe . . . uYise wesihe noNkulunkulu wenduduzo yonke.”—2 KORINTE 1:3.

“Siyoqinisekisa izinhliziyo zethu phambi kwakhe ngokuqondene nanoma yini inhliziyo yethu engase isilahle kuyo, ngoba uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu futhi wazi zonke izinto.”—1 JOHANE 3:19, 20.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 22]

Babhekana Ngokuphumelelayo Nemizwa Edangalisayo

“Ubaba uyisidakwa, futhi uye wangizwisa ubuhlungu obukhulu. Sekuyiminyaka ngizizwa ngingento yalutho. Kodwa lapho ngiqala ukutadisha iBhayibheli nomunye woFakazi BakaJehova, ngafunda ngesithembiso sokuphila okuphakade emhlabeni. Leli themba langinika injabulo. Ngaqala ukulifunda njalo iBhayibheli futhi ngihamba nalo nomaphi lapho ngiya khona. Lapho ngigajwa imizwa edangalisayo, ngiyalivula ngifunde imiBhalo eduduzayo. Ukufunda ngezimfanelo zikaNkulunkulu ezikhangayo kungiqinisekisa ngokuthi ngiyigugu emehlweni akhe.”—UKátia, owesifazane oneminyaka engu-33.c

“Ngangiyisidakwa, ngibhema insangu, ngidla i-cocaine ne-crack cocaine ngibhema ne-glue. Ngaba usikhotheni ngoba ngalahlekelwa cishe yikho konke enganginakho. Ngemva kokwamukela isifundo seBhayibheli koFakazi BakaJehova, ngakushintsha ngokuphelele ukuphila kwami. Ngaba nobuhlobo obuseduze noNkulunkulu. Nakuba ngisahlushwa imizwa yecala nokuzizwa ngingelutho, ngiye ngafunda ukuncika esiheni nasemseni wothando kaNkulunkulu. Ngiyaqiniseka ukuthi uzoqhubeka enginika amandla okunqoba imizwa engiqeda injabulo. Ukwazi iqiniso leBhayibheli kube yisibusiso esikhulu kunazo zonke ekuphileni kwami.”—URenato, indoda eneminyaka engu-37.

“Kusukela ngiseyingane, ngangivame ukuziqhathanisa nomfo- wethu omdala. Nganginomuzwa wokuthi ungcono kunami. Ngisenakho ukungazethembi nokungabaza amakhono ami. Kodwa ngizimisele ukuyinqoba le mpi. Ngiye ngathandaza kuJehova ngokungaphezi, futhi uye wangisiza ukuba nginqobe imizwa yokungazethembi. Kuyangiduduza ukwazi ukuthi uNkulunkulu ungithanda ngempela nokuthi uyangikhathalela!”—URoberta, owesifazane oneminyaka engu-45.

[Umbhalo waphansi]

c Amanye amagama ashintshiwe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela