“Ngubani Osewazi Umqondo KaJehova?”
“‘Ngubani osewazi umqondo kaJehova, ukuba angamyala?’ Kodwa sinawo umqondo kaKristu.”—1 KOR. 2:16.
1, 2. (a) Ibuphi ubunzima abantu abaningi ababhekana nabo? (b) Yini okudingeka siyikhumbule ngokucabanga kwethu nokukaJehova?
WAKE wakuthola yini kunzima ukuqonda indlela omunye umuntu acabanga ngayo? Mhlawumbe usanda kushada, futhi unomuzwa wokuthi awusoze wayiqonda ngokugcwele indlela umuntu oshade naye acabanga ngayo. Ngempela, amadoda nabesifazane bacabanga futhi baze bakhulume ngezindlela ezingafani. Phela, kwezinye izindawo, amadoda nabesifazane bangathi bekhuluma ulimi olulodwa kodwa balukhulume ngezindlela ezingafani! Ngaphezu kwalokho, ukungefani kwamasiko nezilimi kungenza kube nezindlela ezihlukahlukene zokucabanga nokuziphatha. Nokho, lapho uqala ukubazi kangcono abanye, liyakhula nethuba lokuyiqonda indlela abacabanga ngayo.
2 Ngakho, akufanele kusimangaze ukuthi indlela yethu yokucabanga ihluke kakhulu kwekaJehova. Ngomprofethi wakhe u-Isaya, uJehova watshela ama-Israyeli: “Imicabango yenu akuyona imicabango yami, nezindlela zami akuzona izindlela zenu.” Efanekisa leli qiniso, wabe esethi: “Ngoba njengoba nje amazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu.”—Isaya 55:8, 9.
3. Iziphi izindlela ezimbili esingazama ngazo “ukusondelana noJehova”?
3 Nokho, ingabe lokhu kusho ukuthi akufanele sizame ngisho nokuzama ukuqonda indlela uJehova acabanga ngayo? Akunjalo. Nakuba singasoze sayiqonda ngokugcwele yonke imicabango kaJehova, iBhayibheli lisikhuthaza ukuba ‘sisondelane noJehova.’ (Funda iHubo 25:14; IzAga 3:32.) Enye indlela esingasondela ngayo kuJehova iwukwazisa nokunaka imisebenzi yakhe elotshwe eZwini lakhe, iBhayibheli. (IHu. 28:5) Enye indlela iwukwazi “umqondo kaKristu,” ‘ongumfanekiso kaNkulunkulu ongabonakali.’ (1 Kor. 2:16; Kol. 1:15) Lapho sizinika isikhathi sokutadisha izindaba eziseBhayibhelini futhi sizindle ngazo, singaqala ukuqonda izimfanelo zikaJehova nendlela yakhe yokucabanga.
Qaphela Ukuthambekela Okungalungile
4, 5. (a) Ikuphi ukuthambekela okungalungile okudingeka sikugweme? Chaza. (b) Iyiphi indlela yokucabanga engalungile ama-Israyeli aqala ukuba nayo?
4 Njengoba sizindla ngemisebenzi kaJehova, kudingeka sigweme ukuthambekela kokwahlulela uNkulunkulu ngezindinganiso zethu njengabantu. UJehova wayebhekisela kulokhu kuthambekela lapho esho amazwi akumaHubo 50:21: “Ubucabanga ukuthi nakanjani ngizoba njengawe.” Kunjengoba nje esinye isazi seBhayibheli sasho eminyakeni engaphezu kwengu-175 edlule: “Abantu bathambekele ekwahluleleni uNkulunkulu ngezindinganiso zabo, futhi bacabange ukuthi uboshwe imithetho enjengaleyo abakubona kufanele ukuba bona bayigcine.”
5 Kudingeka siqaphele ukuba singavumeli umbono wethu ngoJehova ulolongwe izindinganiso nezifiso zethu. Kungani lokhu kubalulekile? Phela njengoba sitadisha imiBhalo, ezinye zezinto uJehova azenzile zingase zibonakale zingafanele ngokombono wethu olinganiselwe nongaphelele. Ama-Israyeli asendulo aqala ukuba naleyo ndlela yokucabanga futhi afinyelela eziphethweni ezingalungile ngendlela uJehova ayesebenzelana ngayo nawo. Phawula lokho uJehova akusho kuwo: “Ngokuqinisekile niyothi: ‘Indlela kaJehova ayilungiswanga kahle.’ Ngicela nizwe nina ndlu ka-Israyeli. Ayilungiswanga kahle yini indlela yami? Akuzona yini izindlela zenu ezingalungiswanga kahle?”—Hez. 18:25.
6. Isiphi isifundo esafundwa uJobe, futhi singazuza kanjani kokuhlangenwe nakho kwakhe?
6 Isihluthulelo sokugwema ugibe lokwahlulela uJehova ngezindinganiso zethu siwukuqaphela ukuthi umbono wethu ulinganiselwe futhi ngezinye izikhathi ushaya eceleni kakhulu. UJobe kwadingeka asifunde leso sifundo. Ngesikhathi esosizini, wahlushwa umuzwa wokuphelelwa ithemba futhi ngandlela-thile wacabanga ngaye kuphela. Wakhohlwa izimpikiswano ezinkulu ezazihilelekile. Kodwa uJehova wamsiza ngothando ukuba abe nombono osabalele. Wambuza imibuzo engaphezu kwengu-70 angakwazanga ukuphendula nowodwa kuyo, eqokomisa ukuthi ukuqonda kwakhe kwakulinganiselwe. UJobe wazithoba, walungisa umbono wakhe.—Funda uJobe 42:1-6.
Ukwazi “Umqondo KaKristu”
7. Kungani ukuhlola lokho okwenziwa uJesu kusisiza ukuba siqonde indlela kaJehova yokucabanga?
7 UJesu wamlingisa ngokuphelele uYise kuzo zonke izinto azisho nazenza. (Joh. 14:9) Ngakho-ke, ukuhlola lokho uJesu akwenza kusisiza ukuba siqonde indlela kaJehova yokucabanga. (Roma 15:5; Fil. 2:5) Ake sihlole ukulandisa okusemaVangelini amabili.
8, 9. Njengoba kulotshwe kuJohane 6:1-5, isiphi isimo esenza uJesu wabuza uFiliphu umbuzo, futhi uJesu wayekwenzelani lokhu?
8 Cabanga ngalesi senzakalo. Kwakungaphambi nje kwePhasika lika-32 C.E. Abaphostoli bakaJesu babesanda kubuya emsebenzini wokushumayela kulo lonke elaseGalile. Njengoba babuya bekhathele, uJesu wabayisa endaweni engayodwa ogwini olusenyakatho-mpumalanga yoLwandle lwaseGalile. Nokho, isixuku sabalandela. Ngemva kokuba uJesu esesiphulukisile lesi sixuku futhi wasifundisa izinto eziningi, kwaphakama inkinga yokudla. Babezokutholaphi ukudla kwabo bonke laba bantu kule ndawo engayodwa? Eqaphela lesi sidingo, uJesu wabuza uFiliphu, owayengowakuleyo ndawo: “Sizozithengaphi izinkwa ukuze laba badle na?”—Joh. 6:1-5.
9 Kungani uJesu abuza uFiliphu lo mbuzo? Ingabe uJesu wayekhathazeke ngokuthi kwakuzokwenziwa njani? Cha. Wayecabangani ngempela? Umphostoli uJohane, owayekhona naye, uyachaza: “[UJesu] wayesho lokhu ukuze amvivinye, ngoba wayekwazi ayesezokwenza.” (Joh. 6:6) Lapha uJesu wayevivinya abafundi bakhe ukuze abone intuthuko yabo engokomoya. Ngokubuza lo mbuzo, wabenza bambheka futhi kwabanika ithuba lokuzwakalisa ukholo lwabo kulokho ayengakwenza. Kodwa baliyeka leli thuba futhi babonisa ukuthi umbono wabo wawulinganiselwe kangakanani. (Funda uJohane 6:7-9.) UJesu wabe esebonisa ukuthi angenza okuthile ababengakucabangi nakukucabanga. Wazisuthisa ngokuyisimangaliso lezo zinkulungwane ezazilambile.—Joh. 6:10-13.
10-12. (a) Yini okungenzeka yenza uJesu ukuba angasabeli masinyane esicelweni sowesifazane ongumGreki? Chaza. (b) Sizoxoxa ngani manje?
10 Lokhu kulandisa kungase kusisize ukuba siqonde indlela kaJesu yokucabanga kwesinye isenzakalo. Ngemva nje kokusuthisa lolu quqaba, uJesu nabaphostoli bakhe balibhekisa enyakatho, ngale kwemingcele yakwa-Israyeli, baya endaweni yaseThire neSidoni. Ngesikhathi belapho, bahlangana nowesifazane ongumGreki owancenga uJesu ukuba aphulukise indodakazi yakhe. UJesu waqale wamziba lona wesifazane. Kodwa lapho eqhubeka ephikelela, uJesu wathi kuye: “Makwaneliseke abantwana kuqala, ngoba akulungile ukuthatha isinkwa sabantwana usiphonse ezinjaneni.”—Marku 7:24-27.
11 Kungani uJesu aqale wenqaba ukumsiza lona wesifazane? Ingabe wayemvivinya, njengoba avivinya uFiliphu, efuna ukubona ukuthi wayezosabela kanjani, emnika ithuba lokubonisa ukholo lwakhe? Nakuba umBhalo ungasitsheli ukuthi wakhuluma ngezwi elinjani, okuphawulekayo ukuthi alizange limdikibalise. Ukusebenzisa kwakhe igama elithi ‘izinjana’ kwathambisa leso siqhathaniso. Ngakho, kungenzeka ukuthi uJesu wayelingisa umzali ohlose ukunika ingane lokho ekucelayo kodwa okufihlayo ukuthi uhlose ukuyinika ukuze avivinye ukuthi ingane izimisele kangakanani. Kunoma ikuphi, kwathi lapho lona wesifazane eselubonisile ukholo lwakhe, uJesu wavuma ukumenzela lokho ayekucela.—Funda uMarku 7:28-30.
12 Lokhu kulandisa okubili kwamaVangeli kusisiza kakhulu ukuba siqonde “umqondo kaKristu.” Manje ake sibone indlela lokhu kulandisa okungasisiza ngayo siqonde kangcono umqondo kaJehova.
Indlela UJehova Asebenzelana Ngayo NoMose
13. Ukuqonda indlela kaJesu yokucabanga kusisiza kanjani?
13 Ukuqonda indlela kaJesu yokucabanga kusisiza ukuba siqonde amavesi athile eBhayibheli obekungase kube nzima ukuwaqonda. Ngokwesibonelo, cabanga ngamazwi uJehova awasho kuMose ngemva kokuba ama-Israyeli enze ithole legolide ukuze alikhulekele. UNkulunkulu wathi: “Ngibabhekile laba bantu futhi bheka bangabantu abantamo-lukhuni. Ngakho manje ngiyeke, intukuthelo yami ibavuthele ukuze ngibaqothule, ngenze wena ube isizwe esikhulu.”—Eks. 32:9, 10.
14. UMose wasabela kanjani emazwini kaJehova?
14 Ukulandisa kuyaqhubeka: “UMose wamncenga uJehova uNkulunkulu wakhe wathi: ‘Kungani, Jehova, intukuthelo yakho kufanele ivuthele abantu bakho owabakhipha ezweni laseGibhithe ngamandla amakhulu nangesandla esinamandla? Kungani kufanele abaseGibhithe bathi, “Wabakhipha ngenhloso embi ukuze ababulale phakathi kwezintaba futhi abaqothule ebusweni bomhlaba”? Phenduka entukuthelweni yakho evuthayo uzisole ngobubi ofuna ukubenza kubantu bakho. Khumbula u-Abrahama, u-Isaka no-Israyeli izinceku zakho, owazifunga wena kuzo, ngokuba uthi kuzo, “Ngiyokwandisa inzalo yenu ibe ngangezinkanyezi zamazulu, futhi lonke leli zwe engilikhethile ngiyolinika inzalo yenu, ukuba ngempela ilidle njengefa kuze kube nini nanini.”’ UJehova waqala ukuzisola ngobubi ayethe uzobenza kubantu bakhe.”—Eks. 32:11-14.a
15, 16. (a) Iliphi ithuba elavulekela uMose ngenxa yalokho okwashiwo uJehova? (b) UJehova ‘wazisola’ ngamuphi umqondo?
15 Ingabe kwakudingeka ngempela ukuba uMose alungise ukucabanga kukaJehova? Lutho neze! Nakuba uJehova ayezwakalise lokho ayethambekele ekukwenzeni, kwakungesona isinqumo sakhe esiwujuqu. Empeleni, uJehova lapha wayevivinya uMose, njengoba nje kamuva uJesu avivinya uFiliphu nowesifazane ongumGreki. UMose wayenikezwa ithuba lokuba aveze umbono wakhe.b UJehova wayemise uMose njengomlamuleli phakathi kwaKhe no-Israyeli, futhi wayekuhlonipha ukumnika kwakhe leyo ndima. Ingabe uMose wayeyonqotshwa ukukhungatheka? Ingabe wayeyobamba leli thuba akhuthaze uJehova ukuba akhohlwe ngama-Israyeli abese enza inzalo yakhe ibe isizwe esinamandla?
16 Ukusabela kukaMose kwabonisa ukuthi wayenokholo kuJehova futhi ebethemba ubulungisa bakhe. Indlela asabela ngayo yabonisa ukuthi wayengenabugovu kodwa wayekhathalela igama likaJehova. Wayengafuni ukuba lihlanjalazwe. Ngaleyo ndlela wabonisa ukuthi wayewuqonda “umqondo kaJehova” ngale ndaba. (1 Kor. 2:16) Waba yini umphumela? Ngenxa yokuthi uJehova wayengakazibophezeli ngokuqinile ekuthatheni isinyathelo esithile, ukulandisa okuphefumulelwe kuthi “waqala ukuzisola.” NgesiHebheru, le nkulumo ingasho nje ukuthi uJehova akazange ayilethe inhlekelele ayethe uthambekele ekuyiletheni kuso sonke leso sizwe.
Indlela UJehova Asebenzelana Ngayo No-Abrahama
17. UJehova wasibonisa kanjani isineke esikhulu endleleni asingatha ngayo ukukhathazeka kuka-Abrahama?
17 Esinye isibonelo sendlela uJehova anikeza ngayo izinceku zakhe ithuba lokubonisa ukholo nokumethemba siphathelene nesicelo sika-Abrahama ngeSodoma. Kulokho kulandisa, uJehova wabonisa isineke esikhulu ngokuvumela u-Abrahama abuze uhide lwemibuzo engu-8. Ngesinye isikhathi, wenza lokhu kunxusa okunamandla: “Kuyinto engacabangeki ukuba wenze ngale ndlela, ukuba ubulale umuntu olungile kanye nomubi ukuze kwenzeke kolungile njengoba kwenzeka komubi! Kuyinto engacabangeki ngawe. Ubengeke yini uMahluleli womhlaba wonke enze okulungile?”—Gen. 18:22-33.
18. Yini esiyifundayo endleleni uJehova asebenzelana ngayo no-Abrahama?
18 Yini esiyifundayo ngokucabanga kukaJehova kulokhu kulandisa? Ingabe uJehova wayedinga ukuba u-Abrahama abonisane naye ukuze enze isinqumo esifanele? Cha. Yiqiniso, uJehova wayengase azisho kwasekuqaleni izizathu zesinqumo sakhe. Kodwa ngale mibuzo, uJehova wanika u-Abrahama ithuba lokuqonda ukucabanga kwaKhe nokwamukela isinqumo sakhe. Lelo thuba lasiza u-Abrahama nokuba aqonde ukujula kobubele nobulungisa bukaJehova. Yebo, uJehova wasebenzelana no-Abrahama njengomngane.—Isaya 41:8; Jak. 2:23.
Izifundo Esizitholayo
19. Singamlingisa kanjani uJobe?
19 Yini esiyifundile mayelana ‘nomqondo kaJehova’? Kudingeka sivumele iZwi likaNkulunkulu lilolonge ukuqonda kwethu umqondo kaJehova. Akufanele silokothe sibekele uJehova imingcele futhi simahlulele ngezindinganiso nangokucabanga kwethu. UJobe wathi: “[UNkulunkulu] akayena umuntu njengami ukuba ngimphendule, ukuba sihlangane ndawonye ekwahluleleni.” (Jobe 9:32) NjengoJobe, lapho siqala ukuqonda umqondo kaJehova, sishukumiseleka ukuba sibabaze: “Bheka! Lawa amaphethelo ezindlela zakhe, futhi yeka ukuthi okuzwakele ngaye kuwumnyenyezo omncane kangakanani wendaba! Kodwa ubani ongabonisa ukukuqonda ukuduma kwakhe okunamandla?”—Jobe 26:14.
20. Yini okufanele siyenze uma sihlangana nendinyana yomBhalo okunzima ukuyiqonda?
20 Njengoba sifunda imiBhalo, kufanele senzeni uma sihlangana nendinyana okunzima ukuyiqonda, ikakhulu ngokuphathelene nokucabanga kukaJehova? Uma singayitholi impendulo ecacile nangemva kokucwaninga ngendaba, singabheka lokhu njengokuvivinya ukuthembela kwethu kuJehova. Khumbula ukuthi ngezinye izikhathi amazwi athile asinikeza ithuba lokubonisa ukholo lwethu ezimfanelweni zikaJehova. Masithobeke, samukele ukuthi asikuqondi konke akwenzayo. (UmSh. 11:5) Ngaleyo ndlela, siyoshukumiseleka ukuba sivumelane nala mazwi omphostoli uPawulu: “O ukujula kwengcebo nokuhlakanipha nolwazi lukaNkulunkulu! Yeka ukuthi zingezingaphenyeki kanjani izahlulelo zakhe nokuthi zingezingenakuthungathwa kanjani izindlela zakhe! Ngoba ‘ubani owaziyo umqondo kaJehova, noma ubani oye waba umeluleki wakhe?’ Noma, ‘Ngubani oye wamupha kuqala kangangokuba kumelwe abuyiselwe?’ Ngoba zonke izinto zivela kuye, zikhona ngaye futhi zingezakhe. Inkazimulo mayibe kuye kuze kube phakade. Amen.”—Roma 11:33-36.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukulandisa okuthi akufane kuyatholakala nakuNumeri 14:11-20.
b Ngokwezinye izazi, isisho sesiHebheru esihunyushwe ngokuthi “ngiyeke” ku-Eksodusi 32:10 singase sibhekwe njengesimemo, esisikisela ukuthi uMose wayeyovunyelwa ukuba alamule, noma ‘eme esikhaleni,’ phakathi kukaJehova nesizwe. (IHu. 106:23; Hez. 22:30) Kunoma ikuphi, kusobala ukuthi uMose wazizwa ekhululekile ukuveza umbono wakhe kuJehova.
Uyakhumbula?
• Yini eyosisiza ukuba sigweme ukuthambekela kokwahlulela uJehova ngezindinganiso zethu?
• Ukuqonda izenzo zikaJesu kungasisiza kanjani ukuba ‘sisondelane noJehova’?
• Iziphi izifundo ozifunde ezingxoxweni uJehova aba nazo noMose no-Abrahama?
[Izithombe ekhasini 5]
Sifundani ngokucabanga kukaJehova endleleni asebenzelana ngayo noMose no-Abrahama?