Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 11/1 k. 30
  • “Uyozenza Atholakale Kuwe”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Uyozenza Atholakale Kuwe”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwazisa UJesu​—UDavide Omkhulu NoSolomoni Omkhulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Ukuhlakanipha KukaSolomoni
    IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
  • Ingabe Umbheka Njengoyisibonelo Esihle Noma Esiyisixwayiso?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • “Ngifundise Ukwenza Intando Yakho”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 11/1 k. 30

Sondela KuNkulunkulu

“Uyozenza Atholakale Kuwe”

1 IZIKRONIKE 28:9

INGABE uyamazi uNkulunkulu? Ukuphendula lo mbuzo akulula njengoba ungase ucabange. Ukwazi uNkulunkulu kahle kuhilela ukuyazi kahle intando nezindlela zakhe. Lokhu kwenza sisondelane naye futhi lokho kuyithinta kakhulu indlela yethu yokuphila. Ingabe ngempela singasondelana noNkulunkulu ngale ndlela? Uma kunjalo, singasondelana kanjani naye? Izimpendulo zingatholakala eselulekweni iNkosi uDavide eyasinika indodana yayo uSolomoni esikweyoku-1 IziKronike 28:9.

Kubone ngamehlo engqondo lokhu. UDavide usebuse u-Israyeli iminyaka ecela kwengu-40, futhi isizwe siye sachuma ngaphansi kokubusa kwakhe. USolomoni, ozolandela esihlalweni maduze, usemncane kakhulu. (1 IziKronike 29:1) Njengoba uDavide esezokufa, yisiphi iseluleko sokugcina asinika indodana yakhe?

Ecaphuna kokuhlangenwe nakho kwakhe siqu ekukhonzeni uNkulunkulu, uDavide uqala ngokuthi: “Solomoni ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo.” Kumelwe ukuba uDavide akasho ukwazi amaqiniso athile ngoNkulunkulu ngoba vele uSolomoni ungumkhulekeli kaNkulunkulu kaDavide, uJehova. Ingxenye enkulu yemiBhalo YesiHebheru isilotshiwe, futhi akungabazeki ukuthi uSolomoni uyazi ukuthi le miBhalo engcwele ithini ngoNkulunkulu. Esinye isazi sithi igama lesiHebheru elithi “ukwazi” lingase lisho “ukusondelana nothile.” Yebo, uDavide ufuna indodana yakhe ihlakulele into ebaluleke kakhulu kuye—ubuhlobo obufudumele noNkulunkulu.

Ubuhlobo obunjalo kufanele buyithinte ngokujulile indlela kaSolomoni yokubheka izinto nokuphila. UDavide unxusa indodana yakhe: ‘Khonza uNkulunkulu ngenhliziyo ephelele nangomphefumulo ojabulayo.’a Phawula ukuthi uSolomoni utshelwa ukuba akhonze uNkulunkulu ngemva kokuba eyalwe ukuba amazi. Ukwazi uNkulunkulu kahle kuholela ekumkhonzeni. Kodwa akufanele akhonzwe ngenhliziyo engaphelele noma ngenhliziyo embaxa-mbili nangokuzenzisa. (IHubo 12:2; 119:113) UDavide unxusa indodana yakhe ukuba ikhonze uNkulunkulu ngenhliziyo epheleleyo nangokuzithandela.

Kungani uDavide enxusa indodana yakhe ukuba ikhulekele ngezisusa nangomqondo ofanele? Uyachaza: “Ngoba uJehova uhlola zonke izinhliziyo, futhi ubona konke ukuthambekela kwemicabango.” USolomoni akumelwe akhonze uNkulunkulu ukuze nje ajabulise uyise, uDavide. UNkulunkulu ufuna labo abanhliziyo yabo ithambekele ngobuqotho kuYe.

Ingabe uSolomoni uzosilingisa isibonelo sikayise futhi asondele kuJehova? Yisinqumo sakhe leso. UDavide utshela indodana yakhe: “Uma umfuna, uyozenza atholakale kuwe; kodwa uma umshiya, uyokulahla kuze kube phakade.” Ukuze abe umkhulekeli osondelene noNkulunkulu, uSolomoni kumelwe enze umzamo wangempela wokwazi uJehova.b

Iseluleko sikaDavide esasiya endodaneni yakhe sisiqinisekisa ukuthi uJehova ufuna sisondele kuye. Kodwa ukuze sisondelane naye, kudingeka ‘simfune,’ simbe emiBhalweni ukuze simazi kahle. Ukumazi kufanele kusishukumisele ukuba simkhonze ngenhliziyo yonke nangokuzithandela. Yilokho akufuna ezikhonzini zakhe futhi uyakufanelekela.—Mathewu 22:37.

[Imibhalo yaphansi]

a Ezinye izinguqulo zifundeka kanje: “Umkhonze ngenhliziyo yonke nangengqondo evumayo.”

b Nokho, kuyadabukisa ukuthi nakuba uSolomoni aqale akhonza uJehova ngenhliziyo ephelele, akazange ahlale ethembekile.—1 AmaKhosi 11:4.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela