Incwadi Evela EHaiti
“Ngiyajabula Ngokuthi Ngafaka Isandla”
NGEMVA kokuzamazama komhlaba kwaseHaiti ngo-January 12, 2010, kwakunzima kakhulu ngami ngisho nokubuka izindaba ezazibika ngaleyo nhlekelele. Ngomhla ka-20, umngane wami engimthandayo uCarmen wangishayela ucingo wasikisela ukuba siyosiza eHaiti njengezisebenzi zokuzithandela. Sekuyiminyaka impela ngimazi uCarmen. Ngahlangana naye ngesikhathi kwakhiwa iHholo LoMbuso futhi sasisiza njengabahlengikazi lapho. Kusukela ngaleso sikhathi, siye sakhonza njengezisebenzi zokuzithandela nakweminye imisebenzi futhi ubungane bethu buye baqina.
Ngatshela uCarmen ukuthi ngingase ngingabi nawo amandla okubhekana nesimo saseHaiti nokuthi yayingiphazamise kakhulu leyo nhlekelele ngokomzwelo. Wangikhumbuza ukuthi sisebenza kamnandi ndawonye nokuthi singasekelana. Amazwi akhe angikhuthaza, ngakho ngashayela endlunkulu yoFakazi BakaJehova eseBrooklyn, eNew York, ngakhuluma nowayehlela usizo oluvela e-United States. Ngamnika igama lami ukuze alifake ohlwini lwezisebenzi zokuzithandela. Ngamnika nelikaCarmen futhi ngamazisa ukuthi singathanda ukusebenza ndawonye. Wathi akanakuqinisekisa ukuthi bazolucela usizo lwethu noma ukuthi sizosebenza ndawonye.
Ngaqhubeka nokuphila kwami okuvamile ngicabanga ukuthi ngeke ngibizwe. Ngemva kwezinsuku ezine, ngoMsombuluko ngomhla ka-25, ngathola ucingo oluvela eBrooklyn lucela ukuba ngiye eHaiti—ngosuku olulandelayo uma kungenzeka! Angizange ngikholwe. Ngathembisa ukwenza konke okusemandleni. Okokuqala, ngahlela nabasemsebenzini ukuthi ngizoke ngingabi bikho. Ngemva kwalokho, ngathinta uCarmen, kodwa wangitshela ukuthi abamcelanga ngoba akasikhulumi isiFulentshi. Ngangijabule kodwa futhi nginovalo. Ngo-January 28 ngemva kokuthola ithikithi lendiza ngasuka eNew York ngaya eSanto Domingo, eDominican Republic, esemngceleni weHaiti.
Ngahlangatshezwa uFakazi osemusha esikhumulweni sezindiza sahamba ngemoto saya ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseDominican Republic. Ngalo lolo suku kwafika nabanye abahlengikazi ababili abavela e-United States futhi salala egumbini elilodwa ngalobo busuku. Ngakusasa ekuseni sayiswa ehhovisi legatsha laseHaiti elisePort-au-Prince, uhambo olwaba amahora angu-7 nengxenye.
Ngemva kokungena eHaiti, sawubona umonakalo owawubangelwe ukuzamazama komhlaba. Sasingakholwa ukuthi ukuzamazama komhlaba okwathatha imizuzwana engu-35 kwakungalicekela phansi ngale ndlela izwe elihle kangaka. Kwakunzima ukubuka lo monakalo kuyi-TV, kodwa angikwazi ukuchaza indlela engazizwa ngayo lapho sengiwubona ngamehlo. Imizi eminingi, kuhlanganise nesigodlo, kwakuwohloke kuphelile. Abaningi babesebenze ukuphila kwabo konke ukuze babe nale mizi eyayisiyizindunduma nje—zonke izithukuthuku zabo zaphela ngemizuzwana embalwa. Kwaba sobala ngempela kimi ukuthi izinto ezibalulekile ekuphileni akuzona izinto ezithengwa ngemali.
Lapho sifika egatsheni, isisebenzi esamukela izivakashi sasibona singena sagijima sazosihlangabeza. Sasanga futhi sasijabule kakhulu ukusibona. Sasibonga ngokushiya phansi izinto zethu size eHaiti ukuzosiza. Ngemva kokudla kwasemini, saya eHholo LoMhlangano eliseduze elase lisetshenziswa njengesibhedlela. Sahlangana nabanye oFakazi ababezosiza, kuhlanganise nabashadikazi baseJalimane abangodokotela, umsizi wabo kanye nombelethisi ovela eSwitzerland.
Ngaqala ukusebenza ngabo lobo busuku bokuqala. Kwakuneziguli ezingu-18, ezinye zingoFakazi ezinye zingebona. Zazilele komatilasi ababebekwe phansi eHholo LoMhlangano. Izisebenzi zezokwelapha ezingoFakazi zazelapha zonke lezi ziguli ngendlela efanayo ngaphandle kokuzikhokhisa.
Ngalobo busuku, indoda ethile eneminyaka engu-80 yashona. Mina nomkayo, nengangihlala naye egumbini sasiseceleni kwayo lapho ishona. Kwathi kusenjalo, uKetly, owesifazane osemusha, waqala ukukhaliswa yizinhlungu. Ingalo yakhe engakwesokudla yayinqanyuliwe ngoba yayilimele kakhulu. Eceleni kwakhe kwakukhona uFakazi omfundela iBhayibheli. Njalo ebusuku wayelalisa uKetly laphaya eHholo LoMhlangano.
Ngaya kuKetly ngifisa sengathi ngingamthwalela ubuhlungu bakhe, kodwa wayengaphethwe nje izinhlungu zokunqanyulwa ingalo; wayedabuke kakhulu emoyeni. Wangitshela ukuthi ukuzamazama komhlaba kwagadla evakashele umngane wakhe. Babengazi ukuthi kwenzekani. Babalekela kuvulanda bebambene ngezandla. Kusenjalo udonga lwawa lwabagqiba. Wamemeza umngane wakhe kodwa akuvelanga mpendulo. Wavele wabona ukuthi umngane wakhe ushonile. Ingxenye yomzimba womngane kaKetly yayiphezu kwakhe kwaze kwaba yilapho kufika abosizo oluphuthumayo ngemva kwamahora amane. Kwadingeka ukuba yonke ingalo kaKetly inqanyulwe.
Ngobusuku bokuqala engafika ngabo, uKetly wayengakwazi ukulala ngoba kwakuba ukucimeza nje, ayibone yonke into eyayenzekile. Ngezinyembezi, wathi kimi: “Ngiyazi ukuthi lithini iBhayibheli ngezinsuku zokugcina nokuzamazama komhlaba. Ngiyazi ukuthi sithenjiswe ikusasa elijabulisayo. Ngiyazi ukuthi kufanele ngibonge ngokuthi ngiyaphila. Kodwa zibeke esimweni sami. Yonke into ingahamba kahle, kodwa izinto zingashintsha ngomzuzwana, uzithole usunje.” Ngaswela amagama, ngavele ngambamba nami ngaqala ukukhala. Sasikhihla kwaze kwaba yilapho ezumeka.
Nsuku zonke kwakuthunyelwa udokotela oyedwa nabahlengikazi ababili ukuba bayosiza labo abadinga usizo. Mina ngathunyelwa ePetit Goave, eqhele cishe ngamahora amabili ukusuka ePort-au-Prince. Ngahamba nezinye izisebenzi zokuzithandela ezimbili—umhlengikazi waseFlorida nodokotela waseFrance. Safika seligamenxe ihora lesi-9 ekuseni. Sadiliza izinto esasiziphethe sazifaka eHholo LoMbuso. Abantu babetshelwe ukuthi siyeza, ngakho sathola besilindile.
Asipholisanga maseko, saqala ukusebenza. Ilanga laliphumile impela futhi abantu ababedinga usizo bebaningi kakhulu. Saze sathatha ikhefu cishe ngehora lesithathu. Sobathathu sagoma abantu abangu-114, futhi sahlola abangu-105 ngalolo suku kuphela. Ngangikhathele ngiyingcuba, kodwa ngijabule ngokuba nesandla ekusizeni abadinga usizo.
Ngachitha amasonto amabili nezinsukwana eHaiti. Cishe njalo ebusuku ngangisebenza amahora angu-12 eHholo LoMhlangano. Ngangiqala ngqa ukusebenza esimweni esinzima kanje. Noma kunjalo, ngazizwa nginelungelo futhi ngibusisekile ngokuba lapho. Ngijabula kakhulu ngokuthi kunabantu abambalwa eHaiti engakwazi ukubaduduza nokubasiza.
Kuningi esingakufunda kubo. Ngokwesibonelo, kunesiguli engangisinakekela, u-Eliser, umfanyana oneminyaka engu-15 okwadingeka ukuba anqanyulwe umlenze. Ngaphawula ukuthi wayeshiyela uJimmy ukudla kwakhe. Wangichazela ukuthi uJimmy wayeke afike engadlanga uma ezomlalisa ebusuku. Isibonelo sika-Eliser sangisiza ukuba ngibone ukuthi akudingeki sicebe—noma sibe nempilo enhle—ukuze sabele abanye lokho esinakho.
Lowo moya ngawubona kahle kakhulu nasezisebenzini zokuzithandela engangisebenza nazo. Esinye isisebenzi sasingenayo impilo enhle ngempela; esinye sihlushwa iqolo. Noma kunjalo, zonke zazikhathalela iziguli ngaphezu kokuzikhathalela zona. Lokhu kwangikhuthaza kakhulu. Sonke sasike sizizwe sikhandlekile ngokomzwelo, engqondweni nasemzimbeni, kodwa sasisekelana futhi siqhubeke siyibambile. Angisoze ngakukhohlwa engakufunda laphaya! Ngiyabonga ngokuba yingxenye yale nhlangano yamaKristu amahle, anomusa, anothando nazidelayo.
Ngaphambi kokuhamba eHaiti, kuneziguli ezimbili ezazinqanyulwe izingalo ezingakwesokudla ezakwazi ukungibhalela izincwadi zibonga. Zangidonsa ngendlebe zathi lezo zincwadi ngizifunde uma sengisendizeni. Ngenza njengokwesifiso sazo. Lezo zincwadi zangithinta inhliziyo, futhi zavele zehla.
Ngemva kokubuyela ekhaya, ngaqhubeka ngixhumana nabangane engabathola eHaiti. Ubungane bangempela bakheka futhi buvivinyeke ezikhathini ezinzima. Ngikholelwa ukuthi abukho ubunzima obungephula ubungane bethu. Ngiyajabula ngokuthi ngafaka isandla.