Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 1/1 kk. 16-17
  • Kungani Kufanele Ufundiswe UNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kufanele Ufundiswe UNkulunkulu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Izindaba Ezinhle Zivela KuNkulunkulu Ngempela?
    Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
  • Zithini Izindaba Ezinhle?
    Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
  • Ungubani UNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Incwadi Evela KuNkulunkulu Onothando
    Funda KuMfundisi Omkhulu
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 1/1 kk. 16-17

Fundiswa YiZwi LikaNkulunkulu

Kungani Kufanele Ufundiswe UNkulunkulu?

Lesi sihloko sizodingida imibuzo okungenzeka ukuthi uke wazibuza yona futhi sikubonise ukuthi ungazitholaphi izimpendulo eBhayibhelini lakho. OFakazi BakaJehova bazokujabulela ukuxoxa nawe ngalezi zimpendulo.

1. Kungani kufanele ufundiswe uNkulunkulu?

UNkulunkulu unezindaba ezinhle aziphathele abantu, futhi zitholakala eBhayibhelini. IBhayibheli linjengencwadi evela kuBaba wethu osezulwini onothando.—Funda uJeremiya 29:11.

2. Ziyini izindaba ezinhle?

Abantu badinga uhulumeni omuhle. Akekho umbusi ongumuntu oke wakwazi ukuqeda ubudlova, ukungabi nabulungisa, izifo noma ukufa okukhungethe abantu. Kodwa izindaba ezimnandi ziwukuthi uNkulunkulu uyonika abantu uhulumeni omuhle oyoqeda zonke izimbangela zokuhlupheka.—Funda uDaniyeli 2:44.

3. Kungani kubalulekile ukufundiswa uNkulunkulu?

Maduzane, uNkulunkulu uzoqeda abantu ababangela ukuhlupheka emhlabeni. Okwamanje, ufundisa izigidi zabantu abamnene ukuba babe nokuphila okungcono okusekelwe othandweni. IZwi likaNkulunkulu lisiza abantu ukuba bafunde indlela yokubhekana nezinkinga zokuphila, ukuthola injabulo yangempela nokujabulisa uNkulunkulu.—Funda uZefaniya 2:3.

4. Ubani uMlobi weBhayibheli?

IBhayibheli lakhiwa izincwadi ezincane ezingu-66. Labhalwa amadoda angu-40. Ezinhlanu zokuqala zabhalwa uMose eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule. Eyokugcina yabhalwa umphostoli uJohane eminyakeni engaphezu kuka-1 900 edlule. Kodwa abalobi beBhayibheli babhala imiqondo kaNkulunkulu hhayi eyabo. Ngakho, nguNkulunkulu onguMlobi weBhayibheli.—Funda eyesi-2 Thimothewu 3:16; 2 Petru 1:21.

Siyazi ukuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu ngoba libikezela ikusasa ngokunembile nangokuningiliziwe. Akekho umuntu ongakwenza lokho. (Isaya 46:9, 10) Lembula nobuntu bukaNkulunkulu obuhle. Linamandla okuguqula ukuphila kwabantu kube ngcono. La maqiniso enza izigidi zabantu zikholelwe ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu.—Funda uJoshuwa 23:14; 1 Thesalonika 2:13.

5. Ungaliqonda kanjani iBhayibheli?

UJesu wayaziwa kakhulu njengomfundisi weZwi likaNkulunkulu. Nakuba abantu abaningi ayekhuluma nabo babeyazi imiBhalo, babedinga ukusizwa ukuze bayiqonde. Ukuze abasize, wayeyicaphuna bese echaza ‘okushiwo yileyo miBhalo.’ Lesi sihloko esithi, “Fundiswa YiZwi LikaNkulunkulu,” sizosebenzisa indlela efanayo ukuze sikusize uqonde imiBhalo.—Funda uLuka 24:27, 45.

Zimbalwa izinto ezithakazelisa njengokufundiswa uNkulunkulu ngenjongo yokuphila. Kodwa abanye abantu bangase bangajabuli ngokuthi ufunda iBhayibheli. Ungadumali. Ukuthola ukuphila okuphakade kuxhomeke ekwazini uNkulunkulu.—Funda uMathewu 5:10-12; Johane 17:3.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 2 sale ncwadi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela