Ukulandela UKristu, UMholi Ophelele
LABO abalandela ababusi abangabantu bavame ukudumazeka. Nokho, ukuhola kukaKristu kunomphumela ohluke ngokuphelele kulabo abazithoba kuye. UJesu wathi: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke. Bekani ijoka lami phezu kwenu nifunde kimi, ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo, nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka.” (Math. 11:28, 29) Ukuhola kukaJesu kuyaqabula futhi kuyavuselela. Unesithakazelo esijulile kwabaphansi nakwabacindezelwe, ubamema ukuba bangene ejokeni lakhe lomusa. Nokho, yini ehilelekile ekulandeleni ukuhola kukaJesu?
Umphostoli uPetru wabhala: “[UKristu] wahlupheka ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele izinyathelo zakhe eduze.” (1 Pet. 2:21) Kubaluleke kangakanani ukuba silandele izinyathelo zikaJesu? Ake sithi useqenjini okudingeka lidabule endaweni enamabhomu agqitshiwe futhi munye kuphela kini owaziyo ukuthi ningahamba kanjani kuleyo ndawo ngokuphepha. Ubungeke yini ulandele izinyathelo zakhe eduze, mhlawumbe uze unyathele lapho enyathele khona? Ngokufanayo, ukuphepha kwethu esikhathini esizayo kuncike ekusilingiseni ngokuseduze isibonelo sikaJesu. Ukwenza lokho kuhlanganisa ukumlalela nokubambisana nalabo abammelelayo.
Yizwa Futhi Ulalele
Lapho esezophetha iNtshumayelo yakhe yaseNtabeni, uJesu wathi: “Wonke umuntu owezwayo la mazwi ami awenze uyofaniswa nendoda ehlakaniphile, eyakha indlu yayo phezu kwedwala. Lase liyithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza nemimoya yayishaya leyo ndlu, kodwa ayizange ibhidlike, ngoba yayisekelwe phezu kwedwala.”—Math. 7:24, 25.
Ngakho, uJesu wathi indoda ezwa futhi ilalele amazwi akhe ‘ihlakaniphile.’ Ingabe sibonisa ukuthi siyasihlonipha futhi siyasazisa isibonelo sikaKristu ngokulalela ngokusuka enhliziyweni, noma ingabe sithambekele ekukhetheni ukulalela kuphela imiyalo kaJesu okulula ukuyigcina? UJesu wathi: “Ngaso sonke isikhathi ngenza izinto ezimjabulisayo [uNkulunkulu].” (Joh. 8:29) Masilwele ukulingisa isibonelo sakhe.
Ekhulwini lokuqala, abaphostoli basibekela isibonelo esihle sokuzithoba ekuholeni kukaKristu. Ngesinye isikhathi, uPetru wathi kuJesu: “Bheka! Sishiyé zonke izinto futhi besilokhu sikulandela.” (Marku 10:28) Ngempela, abaphostoli babebheka ukuhola kukaJesu njengokunenzuzo ephakeme kakhulu kangangokuthi babezimisele ukushiya ezinye izinto ukuze bamlandele.—Math. 4:18-22.
Bambisana Nabameleli BakaKristu
Ngaphambi nje kokufa kwakhe, uJesu washo enye indlela esingakulandela ngayo ukuhola kwakhe. Wathi: “Lowo owamukela noma ubani engimthumayo uyangamukela nami.” (Joh. 13:20) Eqinisweni, uJesu wayebiza abameleli bakhe abagcotshiwe ngokuthi ‘abafowabo.’ (Math. 25:40) Ngemva kokuba uJesu esevusiwe futhi wenyukela ezulwini, ‘abafowabo’ bamiswa ukuba bammelele, ‘babambele uKristu’ njengamanxusa amema abanye ukuba babuyisane noJehova uNkulunkulu. (2 Kor. 5:18-20) Ukuqaphela ukuhola kukaKristu kuhilela ukuba sizithobe ‘kubafowabo.’
Siyobe senza kahle uma sihlola indlela esisabela ngayo eselulekweni esingokomBhalo esifika ngesikhathi esisithola ezincwadini zethu ezisekelwe eBhayibhelini. Lapho sitadisha imiBhalo futhi siba khona emihlanganweni yebandla, sikhunjuzwa ngamazwi kaKristu. (2 Pet. 3:1, 2) Sibonisa ukwazisa okusuka enhliziyweni ngalokhu kudla okungokomoya lapho sikudla njalo. Nokho, kufanele sisabele kanjani uma iseluleko esithile siphindwa njalo? Ngokwesibonelo, iZwi likaNkulunkulu leluleka amaKristu ukuba ashade “kuphela eNkosini.” (1 Kor. 7:39) Sekuyiminyaka engaphezu kwekhulu INqabayokulinda ikhipha njalo izihloko ezidingida le ndaba. Ngokuqinisekile, abafowabo bakaKristu babonisa ukuyikhathalela ngothando inhlalakahle yethu engokomoya ngokunyathelisa izihloko ezikhuluma ngale ndaba nangezinye izeluleko eziphefumulelwe. Ukulalela lezi zikhumbuzo kungenye indlela esibonisa ngayo ukuthi silandela uMholi wethu ophelele, uJesu Kristu.
IzAga 4:18 zithi: “Indlela yabalungileyo injengokukhanya okukhulu okuqhubeka kukhanya ngokwengeziwe kuze kube semini enkulu.” Yebo, ukuhola kukaJesu akumile ndawonye. Enye indlela esingabambisana ngayo ‘nabafowabo’ bakaKristu iwukuba nesimo sengqondo esihle nganoma yikuphi ukulungiswa kokuqonda kwethu amaqiniso angokomBhalo anyatheliswa “inceku ethembekileyo neqondayo.”—Math. 24:45.
Sibonisa ukuzithoba ‘kubafowabo’ bakaKristu nangokubambisana nababonisi abamisiwe ebandleni lobuKristu. Umphostoli uPawulu wathi: “Lalelani abaholayo phakathi kwenu futhi nizithobe, ngoba baqapha imiphefumulo yenu.” (Heb. 13:17) Ngokwesibonelo, umdala angase asinikeze isikhuthazo esiphathelene nokubaluleka kokuba njalo nobusuku bokuKhulekela Komkhaya noma angase asinikeze ukusikisela okuphathelene nesici esithile senkonzo yethu yasensimini. Umbonisi ojikelezayo angase asinikeze iseluleko esingokomBhalo esiwusizo ngesici esithile sokuphila kobuKristu. Uma sivuma ukusisebenzisa leso seluleko, sibonisa ukuthi silandela uJesu njengoMholi wethu.
Kuyadabukisa ukuthi izwe alinabo abaholi abaphumelelayo. Kodwa yeka indlela okuqabula ngayo ukulandela ukuhola kukaKristu okunothando! Ngakho, masilalele uMholi wethu futhi sibambisane nalabo abasebenzisayo namuhla.
[Izithombe ekhasini 27]
Uyasamukela yini iseluleko esingokomBhalo sokungaboshelwa ejokeni linye nongakholwayo?