Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .
Ingabe Wonke AmaKristu Athembekile Aya EZulwini?
▪ Abaningi bake bawafunda la mazwi kaJesu aduduzayo: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” (Johane 3:16) Ingabe uJesu wayesho ukuthi bonke abakhulekeli abathembekile bakaYise, uJehova uNkulunkulu, bayoya ezulwini baphile phakade enjabulweni yangempela?
Phawula amazwi kaJesu ashukumisa ingqondo: “Akekho umuntu oye wanyukela ezulwini ngaphandle kwalowo owehla evela ezulwini, iNdodana yomuntu.” (Johane 3:13) Lokhu kusikisela ukuthi abakhulekeli basendulo abathembekile, njengoNowa, u-Abrahama, uMose noDavide, abayanga ezulwini. (IzEnzo 2:34) Bayaphi? Ngamafuphi: Lezi zinceku zikaNkulunkulu ezithembekile zasendulo zisemathuneni, zilele, azazi lutho futhi zilindele uvuko.—UmShumayeli 9:5, 6; IzEnzo 24:15.
UJesu umuntu wokuqala eBhayibhelini owakhuluma ngokuphila kwasezulwini ngemva kokufa. Watshela abaphostoli bakhe ukuthi uzobalungisela indawo ezulwini. (Johane 14:2, 3) Kwakuyinto entsha leyo kubantu bakaNkulunkulu. Kamuva, umphostoli uPawulu wachaza ukuthi ngemva kokufa kukaJesu nokuvuselwa kwakhe ezulwini, uJesu ‘wavulela izikhonzi zakhe indlela entsha nephilayo’—indlela eyayingakaze ihanjwe muntu ngaphambili.—Hebheru 10:19, 20.
Ingabe lokhu kusho ukuthi kusukela ngaleso sikhathi, bonke abathembekile babezoya ezulwini? Cha, ngoba uvuko lwasezulwini luhlobene eduze nesabelo esinikezwa abantu abathile kuphela. Ngobusuku bokugcina bendawonye, uJesu watshela abaphostoli bakhe ukuthi ‘bayohlala ezihlalweni zobukhosi ukuze bahlulele’ eMbusweni wakhe wasezulwini. Ngakho, isabelo sabo kwakuyoba ukubusa noJesu ezulwini.—Luka 22:28-30.
Ngaphandle kwabaphostoli, kunabanye abantu ababeyonikwa lesi sabelo esimangalisayo. Embonweni, umphostoli uJohane wabona uJesu esezulwini neqembu labavusiwe abachazwa ngokuthi ‘umbuso nabapristi abayobusa phezu komhlaba.’ (IsAmbulo 3:21; 5:10) Babebangaki? Njengakubo bonke ohulumeni, bambalwa abantu ababusayo. Kungokufanayo nangalo Mbuso wasezulwini. UJesu, iWundlu likaNkulunkulu, ubusa nabangu-144 000 ‘abathengwe kubantu.’—IsAmbulo 14:1, 4, 5.
Yiqiniso, inani elingu-144 000 lincane uma liqhathaniswa nenani labo bonke abathembekile, basendulo nabanamuhla. Kodwa kuyaqondakala lokhu ngoba abangu-144 000 bavuselwa ezulwini ngoba banomsebenzi ongcwele abawunikiwe. Ukube ubuwakha indlu, ingabe ubungaqasha bonke abakhi abanekhono endaweni yakini? Cha. Ubungadinga abakhi abalingene umsebenzi. Ngokufanayo, akubona bonke abathembekile abakhethwa uNkulunkulu ukuba bathole ilungelo elikhethekile lokubusa noKristu ezulwini.
Lo hulumeni wasezulwini uyofeza injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni ngabantu. UJesu nabangu-144 000 ayobusa nabo bayoqondisa ukuguqulwa komhlaba ube ipharadesi lomhlaba wonke, lapho inani elingaziwa labathembekile liyophila khona phakade ngenjabulo. (Isaya 45:18; IsAmbulo 21:3, 4) Liyohlanganisa nalabo abasenkumbulweni kaNkulunkulu abayovuswa kwabafileyo.—Johane 5:28, 29.
Bonke abakhulekeli bakaJehova abathembekile—basendulo noma banamuhla—bangathola isipho esimangalisayo sokuphila okuphakade. (Roma 6:23) Abambalwa bayothola ukuphila kwasezulwini ukuze benze umsebenzi okhethekile, futhi isixuku esikhulu siyothola ukuphila emhlabeni epharadesi lomhlaba wonke.