Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 6/1 kk. 26-27
  • Fundisa Izingane Zakho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Fundisa Izingane Zakho
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Báphila Nameva Enyameni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • UDavide Wabonisa Uthando Oluqotho
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2022
  • Incwadi YeBhayibheli Ye-10—2 Samuweli
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 6/1 kk. 26-27

Fundisa Izingane Zakho

Ingabe Wake Waba Nomuzwa Wokuthi Ukhishwa Inyumbazane?

UKUKHISHWA INYUMBAZANE kusho ukungamukelwa iqembu noma abantu. Umuntu angase akhishwe inyumbazane ngenxa yebala lakhe lesikhumba, uhlanga, indlela akhuluma ngayo noma enza ngayo izinto. Ingabe kuke kwenzeke uzizwe sengathi ukhishwa inyumbazane?—a

Ake sixoxe ngendoda eyayizizwa ngale ndlela. Igama layo uMefibhosheti. Ake sizwe ukuthi wayengubani nokuthi kungani ayenomuzwa wokuthi ukhishwa inyumbazane. Uma ngezinye izikhathi uzizwa ngendlela efanayo, kuningi ongakufunda kuye.

UMefibhosheti wayeyindodana kaJonathani, umngane omkhulu kaDavide. Ngaphambi kokuba uJonathani abulawe empini, wathi kuDavide: ‘Ngicela unakekele izingane zami.’ UDavide waba yinkosi. Ngemva kweminyaka eminingi wawakhumbula amazwi kaJonathani, futhi uMefibhosheti wayesaphila. Ngesikhathi esemncane wavelelwa yingozi embi. Akabange esakwazi ukuhamba ukuphila kwakhe konke. Uyasibona yini isizathu okungenzeka samenza waba nomuzwa wokuthi ukhishwa inyumbazane?—

UDavide wafuna ukuyibonisa umusa indodana kaJonathani. Ngakho, wahlela ukuba ibe nomuzi eduze kowakhe eJerusalema nokuba idle naye etafuleni. UZiba kanye namadodana akhe nezinceku banikezwa umsebenzi wokuba yizinceku zikaMefibhosheti. UDavide wayenza yazizwa ikhetheke ngempela indodana kaJonathani! Uyazi ukuthi yini eyenzeka ngemva kwalokho?—

UDavide wabhekana nezinkinga ezithile emzini wakhe. U-Absalomu, enye yamadodana akhe, wamphendukela, wazama ukumketula esihlalweni sobukhosi. Kwadingeka ukuba uDavide abaleke ukuze asindise ukuphila kwakhe. UMefibhosheti wayefuna ukuhamba noDavide njengoba nabanye abaningi bahamba naye ngoba babazi ukuthi nguDavide oyinkosi efanelekayo. Kodwa uMefibhosheti wayengeke akwazi ukuhamba ngoba wayekhubazekile.

UZiba watshela uDavide ukuthi isizathu sokusala kukaMefibhosheti ukuthi wayefuna ukuba yinkosi. UDavide wawakholwa lawo manga! Ngakho, wanika uZiba yonke impahla kaMefibhosheti. UDavide wamnqoba ngokushesha u-Absalomu, wabe esebuyela eJerusalema. Lapho esebuyile, wathola uhlangothi lukaMefibhosheti lwendaba. Wanquma ukuba uZiba noMefibhosheti bayihlanganyele impahla. Ucabanga ukuthi uMefibhosheti wenzani?—

Akazange akhononde, athi uDavide wenze isinqumo esibi. Wayazi ukuthi inkosi idinga kube nokuthula embusweni wayo ukuze ikwazi ukuwenza kahle umsebenzi wayo. Ngakho, wathi uZiba akayithathe yonke impahla. Into uMefibhosheti ayeyikhathalela kakhulu ukuthi uDavide, inceku kaJehova, wayesebuyile eJerusalema ukuzobusa.

UMefibhosheti wabhekana nobunzima obuningi. Izikhathi eziningi wayezizwa sengathi ukhishwa inyumbazane. Kodwa uJehova wayemthanda futhi wamnakekela. Sifundani kulokhu?— Ngisho nalapho senza okuhle, kunabathile abangase basiqambele amanga. UJesu wathi: “Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi liye lazonda mina ngaphambi kokuba lizonde nina.” Phela abantu bagcina bembulele uJesu! Singaqiniseka ngokuthi uma senza okulungile, uNkulunkulu weqiniso, uJehova, uyosithanda—neNdodana yakhe uJesu, iyosithanda.

Funda eBhayibhelini lakho

  • 1 Samuweli 20:15-17, 41, 42

  • 2 Samuweli 4:4; 9:1-10; 19:24-30

  • Johane 15:18

a Uma ufunda nengane, udwi ukukhumbuza ukuba ume bese uyikhuthaza ukuba iveze umbono wayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela