I-Internet—Ukusebenzisa Leli Thuluzi Lembulunga Yonke Ngokuhlakanipha
UKUSUNGULWA kobuchwepheshe bokunyathelisa emakhulwini amaningi eminyaka kwayishintsha indlela abantu abaxhumana ngayo. Ukusungulwa kwe-Internet ezikhathini zanamuhla kuye kwafaniswa nako. Leli thuluzi eliwusizo liye labizwa ngokuthi ithuluzi lokuxhumana lembulunga yonke, futhi kufanele. Njengoba uguduza kulo mzila onguthelawayeka onqamula amazwe wolwazi, ungase uthole amaqiniso, izibalo ezihlaziyiwe zezinto ezithile nemibono ngezihloko ezinhlobonhlobo.
Ikhono lokukhulumisana liyisipho esimangalisayo esasinikwa uMdali wethu. Lisenza sikwazi ukucobelelana nabanye imibono nolwazi. NguJehova owaqala ukukhulumisana nomkhaya wakhe wabantu, ewunikeza ulwazi olucacile noluqondakalayo lwendlela owawungaphila ngayo ukuphila okuzuzisayo. (Gen. 1:28-30) Nokho, njengoba kubonakala kulokho okwenzeka ekuqaleni komlando wabantu, lesi sipho sokukhulumisana singase sisetshenziswe kabi. USathane wanikeza u-Eva ulwazi olungamanga aluhlaza cwe. U-Eva wakukholelwa ayekutshelwa futhi wakudlulisela ku-Adamu, owaholela isintu enkambweni eyinhlekelele.—Gen. 3:1-6; Roma 5:12.
Kuthiwani ngokusebenzisa i-Internet? Nakuba i-Internet ingase inikeze ulwazi oluzuzisayo, yonge isikhathi sethu futhi isisize ekwenzeni umsebenzi othile, ingase futhi isinikeze ulwazi olunganembile, idle isikhathi sethu esiningi futhi yonakalise ukuziphatha kwethu. Ake sicabangele izindlela esingalisebenzisa ngazo leli thuluzi lembulunga yonke ngokunenzuzo.
Inokwaziswa Esingakwethemba Noma Okungamanga?
Ungalokothi uthathe ngokuthi konke ukwaziswa okukuyi-Internet kuhle futhi kuyazuzisa. Izingosi zokucwaninga ze-Internet zingase zifaniswe neqembu labantu abahlale bekha yonke inhlobo yamakhowe—adliwayo nenkowankowane—bawafake esitsheni esisodwa bese besinika ukuba siwadle. Ingabe ubuyomane uqale ukuwadla ngaphandle kokuhlolisisa ikhowe ngalinye? Lutho neze! Izingosi zokucwaninga ze-Internet zisebenzisa ama-computer amaningi kakhulu ukuze zibuthe noma zikhethe ezingosini eziyizigidigidi ezikhona eziqukethe yonke into kusukela kwengcono kakhulu kuya kwembi kakhulu. Sidinga ikhono lokuqonda ukuze njengokungathi kunjalo, sihlukanise ukolweni emakhobeni, ngaphandle kwalokho siyogxisha izingqondo zethu ngobuthi bokwaziswa okunganembile.
Ngo-1993, umagazini othile owaziwa kakhulu wake waba nesithombe sopopayi esibonisa izinja ezimbili zimi phambi kwe-computer. Enye inja ichazela enye: “Uma ukuyi-Internet, akekho owaziyo ukuthi uyinja.” Kudala, uSathane wacasha ngenyoka, wavula “ingosi yengevu” waxoxa no-Eva emtshela ukuthi wayengafana noNkulunkulu. Namuhla noma ubani okwaziyo ukungena kuyi-Internet angaba nguprofesa, azishaye usolwazi engazange azisho negama lakhe. Futhi ayikho imithetho ebekiwe mayelana nokuthi ubani ongafaka imibono, ukwaziswa, izithombe namacebiso.
Ungabi “u-Eva we-Internet.” Hlaziya futhi ucubungule konke ukwaziswa okutholayo. Ngaphambi kokuba ukwethembe, zibuze: (1) Ubani ofake lokhu kwaziswa? Iziphi izinto ezimenza afaneleke njengomlobi? (2) Kungani efake lokhu kwaziswa? Wayeshukunyiswa yini? Ingabe kuyacwasa? (3) Umlobi ukutholephi lokhu kwaziswa? Ingabe uyayinikeza imithombo yokwaziswa esingaziqinisekisa ngayo? (4) Ingabe lokhu kwaziswa kungokwamuva? Ekhulwini lokuqala, umphostoli uPawulu wanika uThimothewu iseluleko esisasebenza ngokugcwele nanamuhla. Wabhala: “Kuqaphe ophathiswe kona, uzifulathele izinkulumo ezingenangqondo ezingcolisa okungcwele, nokuphikisana ngalokho okubizwa ngokungeyikho ngokuthi ‘ulwazi.’”—1 Thim. 6:20.
Yonga Isikhathi Noma Iyasidla?
Akungabazeki ukuthi i-Internet ingasonga isikhathi, amandla nemali yethu, uma isetshenziswa ngokuhlakanipha. Singathenga okuthile kungazange kudingeke ukuba sizikhandle sisuke ekhaya. Singaqhathanisa amanani, okungasisiza songe imali. Ukufaka nokukhipha imali ebhange nge-Internet kuye kwenza ukuphila kwabaningi kwaba lula; usungazisingatha noma nini izindaba zezimali uzinethezekele ekhaya. I-Internet inamathuluzi adingekayo okwenza izinhlelo ezivumelana nezimo zethu nezongayo zohambo okungenzeka ukuthi sihlela ukuluthatha futhi isisize ukuba sikwazi ukubekisa izindawo zokulala noma izinto zokuhamba. Ngokuchofoza nje, singakwazi ukubheka izinombolo zezingcingo, amakheli nezindlela ezihlukahlukene zokuya endaweni esifisa ukuya kuyo. Amagatsha oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke asebenzisa eziningi zalezi zinkonzo futhi lokho konga isikhathi nemali, kunciphise nezisebenzi.
Nokho, kunohlangothi olungeluhle lwe-Internet okufanele silubhekisise. Luphathelene nesikhathi i-Internet engasidla. Kwabanye, i-Internet iye yaba ithoyizi elithakazelisayo kunokuba ithuluzi eliwusizo. Bachitha isikhathi esiningi ngokweqile bedlala, bethenga, bedla ingevu, bethumelelana ama-e-mail, becinga futhi bephuma bengena ezingosini zayo. Ekugcineni, bangase baqale ukudebeselela izinto ezibaluleke kakhulu ezihilela umkhaya, abangane nebandla. I-Internet ingakwenza ugcine ngisho usuwumlutha wayo. Ngokwesibonelo, okunye ukulinganisela okwakhishwa ngo-2010 kwabonisa ukuthi amaphesenti angu-18.4 entsha yaseKorea ayeyimilutha ye-Internet. Abacwaningi baseJalimane bathi “liyakhula inani labesifazane abakhalaza ngokuthi abangane babo bomshado sebeyimilutha.” Omunye wesifazane wakhalaza ngokuthi ukuncika komyeni wakhe kuyi-Internet kuye kwamshintsha kakhulu kwaze kwachitheka umshado wabo.
Elinye ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova lathola incwadi evela kothile owazibiza ngokuthi ungumlutha we-Internet. Wathi ngezinye izikhathi wayechitha amahora afika eshumini ngosuku kuyi-Internet. Ngemva kokuphawula ukuthi “ekuqaleni, kwakubonakala kungeyona neze ingozi,” wanezela: “Ngokuhamba kwesikhathi, nganciphisa ukuya emihlanganweni, ngayeka nokuthandaza.” Lapho eya emihlanganweni, wayeya engalungiselele futhi umqondo wakhe wawuzula ubuyele ekhaya ulangazelele “ukuvula i-Internet futhi.” Ngokujabulisayo, waqaphela ukuthi wayenenkinga engathí sina futhi wathatha izinyathelo zokuyilungisa. Kwangathi singelokothe sifinyelele eqophelweni lokuba imilutha ye-Internet.
Ingabe Inokwaziswa Okuzuzisayo Noma Cha?
Kweyoku-1 Thesalonika 5:21, 22 sifunda lokhu: “Qinisekani ngazo zonke izinto; bambelelani niqinise kokuhle. Dedani kuzo zonke izinhlobo zobubi.” Kudingeka sinqume ukuthi ukwaziswa esikuthola kuyi-Internet kuyamukeleka yini kuNkulunkulu, kuyahlangabezana yini nezindinganiso zakhe eziphakeme. Kumelwe kube okungasoleki ngokokuziphatha futhi kumfanele umKristu. Izithombe zobulili ezingcolile yizo ezande kakhulu kuyi-Internet, futhi uma singaqaphile, zingasiyengela kalula ogibeni lokuzibuka.
Siyobe sihlakaniphile uma sizibuza, ‘Ingabe engikubona kuyi-computer kuyinto engingayifihla ngokushesha uma kungenzeka kungene umngane wami womshado, abazali noma amanye amaKristu ekamelweni?’ Uma impendulo inguyebo, siyobe senza kahle uma siyisebenzisa kuphela lapho kukhona abanye abantu. I-Internet iyishintshe ngempela indlela esikhulumisana nesithenga ngayo. Ngaphezu kwalokhu, iye yavula indlela entsha ngokuphelele ‘yokuphinga ezinhliziyweni zethu.’—Math. 5:27, 28.
Ngikudlulisele Yini Kwabanye Noma Cha?
Ukusebenzisa i-Internet kuhlanganisa ukuthola ukwaziswa nokukusakaza. Nakuba sinenkululeko yokuthola nokudlulisela ukwaziswa kwabanye, sinanomthwalo wemfanelo wokuqinisekisa ukuthi kuyiqiniso futhi kuhlanzekile ngokokuziphatha. Singagomela yini ukuthi lokho esikubhalela noma esikudlulisela kwabanye kunembile? Sinayo yini imvume yokudlulisa lokho kwaziswa?a Ingabe kuyazuzisa futhi kuyakha? Ziyini izisusa zethu zokukudlulisela kwabanye? Ingabe nje sifuna ukuhlaba abanye umxhwele?
Uma isetshenziswa kahle, i-e-mail ingaba isibusiso. Kodwa ingasigidlabeza nangokwaziswa okuningi. Ingabe sinohlu olude lwabangane esibathwesa umthwalo omkhulu ngokusakaza izindaba zamuva noma inhlebo, mhlawumbe sibadlele isikhathi abebengasisebenzisa ngokunenzuzo? Akufanele yini sihlole izisusa zethu ngaphambi kokuthumela umyalezo? Yini ngempela esifuna ukuyifinyelela? Abantu babevame ukubhala izincwadi ukuze baxoxele umndeni nabangane okuhlangenwe nakho kwabo, bebatshela njalo izinto ezazenzeka ekuphileni kwabo. Akufanele yini kube yilokho esigxila kukho lapho sibhala ama-e-mail? Kungani udlulisela kwabanye izinto ongenakuziqinisekisa?
Ngakho-ke, yini okufanele siyenze ngokuqondene ne-Internet? Siyigweme ngokuphelele? Yilokho okungase kudingeke kwezinye izimo. Owaba umlutha we-Internet okukhulunywe ngaye ngenhla wenza lokho kanye ukuze anqobe inkinga okwase kuyiminyaka enayo. Ngakolunye uhlangothi, ukusebenzisa i-Internet kungasizuzisa uma sivumela ‘ikhono lokucabanga lisiqaphe nokuqonda ukuba kusilonde.’—IzAga 2:10, 11.
[Umbhalo waphansi]
a Kungokufanayo nangezithombe. Nakuba singase sithathe izithombe esihlose ukuzisebenzisa thina, kungenzeka asivunyelwe ukuzisakaza, noma mhlawumbe ukunikeza amagama abantu abakulezo zithombe nokusho ukuthi bahlalaphi.
[Isithombe ekhasini 4]
Ungakugwema kanjani ukuba isisulu sokwaziswa okunganembile?
[Isithombe ekhasini 5]
Yini okufanele uyicabangele ngaphambi kokuthumela umyalezo?