“Bama Baqina Futhi Kumelwe Bahlonishwe Ngalokho”
PHAKATHI nokubusa kwakhe okubi kakhulu, umbusi waseJalimane, u-Adolf Hitler, wathola amashumi ezinkulungwane zezincwadi. Ngo-1945, ngemva kokuba iRussia idle indawo ezungeze iBerlin, eziningi zalezi zincwadi zayiswa eMoscow zagcinwa khona. Isazi-mlando uHenrik Eberle siye sahlola izinkulungwane zalezo zincwadi endaweni yokugcina izinto ezindala yaseMoscow ukuze sithole ukuthi obani ababebhalela uHitler nokuthi kungani babembhalela. U-Eberle wabe esebhala incwadi equkethe lokho akuthola ebizwa ngokuthi i-Briefe an Hitler (Izincwadi Eziya KuHitler).
UDkt. Eberle uthi: “Othisha nabafundi, izindela nabapristi, abantu abangasebenzi nosomabhizinisi abaphezulu, izikhulu zemikhumbi yempi namasosha avamile—bonke laba bantu bambhalela uHitler. Abanye babemhlonipha kuhle kukaMesiya ozalwe kabusha; abanye babembheka njengosathane uqobo.” Zikhona yini izincwadi zezikhalazo ezatholwa uHitler zivela kubaholi bamasonto mayelana nonya lweNational Socialists, noma lwamaNazi? Yebo zikhona, kodwa zimbalwa kakhulu.
Endaweni yaseMoscow yokugcina izinto ezindala, u-Eberle wathola ifayela elalinenqwaba yezincwadi ezabhalwa oFakazi BakaJehova abahlala ezindaweni ezihlukahlukene eJalimane, ababekhala ngezenzo zamaNazi. Empeleni, oFakazi basemazweni angaba ngu-50 babhalela uHitler izincwadi nama-telegram angaba ngu-20 000 bekhala ngokuphathwa ngonya koFakazi BakaJehova. Izinkulungwane zoFakazi zagqunywa emajele, amakhulu amaningana abo abulawa noma abulawa ukuphathwa ngesihluku. UDkt. Eberle uyaphetha: “Uma sicabangela izigidi ezabulawa embusweni wamaNazi, leli nani [izisulu ezingoFakazi] libonakala lilincane. Kodwa lifakazela ukuthi laba bantu babemunye, bama baqina futhi kumelwe bahlonishwe ngalokho.”