Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 12/1 kk. 16-17
  • Singabakhetha Kanjani Abangane Abahle?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Singabakhetha Kanjani Abangane Abahle?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Bakhethe Ngokuhlakanipha Abangane
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Ungaba Umngane KaJehova
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Thanda Labo Abathandwa UNkulunkulu
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • Ngingabenza Kanjani Abangane Abakahle?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 12/1 kk. 16-17

Fundiswa YiZwi LikaNkulunkulu

Singabakhetha Kanjani Abangane Abahle?

Lesi sihloko sizodingida imibuzo okungenzeka ukuthi uke wazibuza yona futhi sikubonise ukuthi ungazitholaphi izimpendulo eBhayibhelini lakho. OFakazi BakaJehova bazokujabulela ukuxoxa nawe ngalezi zimpendulo.

1. Kungani kufanele sikhethe abangane ngokucophelela?

Abantu abaningi bayathanda ukwamukelwa abanye. Lesi sifiso ngokuvamile sisenza silingise abantu esihlala nabo. Ngakho, abangane bethu banethonya elinamandla enhliziyweni yethu elawula indlela esicabanga ngayo. Ngakho-ke, abangane esibakhethayo bangaba nethonya ekutheni siyoba abantu abanjani.—Funda izAga 4:23; 13:20.

Umlobi weBhayibheli ophefumulelwe uDavide wakhetha abangane bakhe ngokuhlakanipha. Wazihlanganisa nalabo ababemsiza ukuba agcine ubuqotho bakhe njengenceku kaNkulunkulu. (IHubo 26:4, 5, 11, 12) Ngokwesibonelo, uDavide wajabulela ubungane noJonathani ngoba uJonathani wayemkhuthaza ukuba athembe uJehova.—Funda eyoku-1 Samuweli 23:16-18.

2. Ungaba kanjani umngane kaNkulunkulu?

Nakuba uJehova enawo wonke amandla, empeleni singaba abangane bakhe. Ngokwesibonelo, u-Abrahama waba umngane kaNkulunkulu. Ngenxa yokuthi wayemethemba futhi emlalela uJehova, uJehova wambheka njengomngane wakhe. (Genesise 22:2, 9-12; Jakobe 2:21-23) Uma simethemba uJehova futhi senza lokho asitshela ukuba sikwenze, nathi singaba abangane bakhe.—Funda iHubo 15:1, 2.

3. Bangakuzuzisa kanjani abangane abahle?

Abangane beqiniso bathembekile futhi bayakusiza ukuba wenze okulungile. (IzAga 17:17; 18:24) Ngokwesibonelo, nakuba uJonathani ayemdala cishe ngeminyaka engu-30 kuDavide futhi kunguye okwakumelwe abe indlalifa yesihlalo sobukhosi sika-Israyeli, wasekela uDavide ngokwethembeka njengenkosi ekhethwe uNkulunkulu. Abangane beqiniso bananesibindi sokukukhuza uma bebona ukuthi wenza ngobuwula. (IHubo 141:5) Abangane abathanda uNkulunkulu bayokusiza ukuba uhlakulele imikhuba emihle.—Funda eyoku-1 Korinte 15:33.

Ungabathola abantu abathanda okuhle njengawe eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova. Lapho, uyothola abangane abayokukhuthaza emizamweni yakho yokujabulisa uNkulunkulu.—Funda amaHebheru 10:24, 25.

Noma kunjalo, ngisho nabangane abathanda uNkulunkulu kungenzeka basidumaze ngezinye izikhathi. Ungasheshi ucasulwe amaphutha abo. (UmShumayeli 7:9, 20-22) Khumbula, akekho umngane ophelele futhi abangane abathanda uJehova bayigugu kithi. IZwi likaNkulunkulu lisikhuthaza ukuba singagxili emaphutheni amanye amaKristu.—Funda abaseKolose 3:13.

4. Kuthiwani uma abangane-mbumbulu bekuphikisa?

Abaningi bathola ukuthi lapho nje beqala ukuthola usizo lokuqonda iZwi likaNkulunkulu, abanye babangane babo bakudala bayabaphikisa. Kungenzeka labo bangane abasiqondi iseluleko esisebenzayo noma ithemba eliqinisekile olithole eBhayibhelini. Mhlawumbe ungabasiza.—Funda abaseKolose 4:6.

Kwezinye izimo, abangane-mbumbulu bangase bazihleke usulu izindaba ezinhle eziseZwini likaNkulunkulu. (2 Petru 3:3, 4) Abanye bangayihleka usulu imizamo yakho yokwenza okulungile. (1 Petru 4:4) Uma lokho kwenzeka kuwe, kungase kudingeke ukhethe phakathi kokuba umngane wabo noma ukuba umngane kaNkulunkulu. Uma ukhetha ukuba umngane kaNkulunkulu, uyobe ukhethe umngane ongcono kakhulu umuntu angaba naye.—Funda uJakobe 4:4, 8.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka izahluko 12 no-19 zencwadi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela