Ikilasi Le-131 Lithweswa Iziqu ZaseGileyadi
“Yenzani UJehova Ajabule”
IMINDENI, abangani nabanye bahlangana ngo-September 10, 2011, ukuze babe khona ekuthwesweni kweziqu kwekilasi le-131 le-Watchtower Bible School of Gilead. Ekuseni ngalolo suku, uvalo lwaluzenzela ezikhulumini nakubafundi. Nokho, kwathi lapho isimiso siphela bonke abangu-9 063 ababekhona base bekhululekile futhi bemamatheka, bejatshuliswe izinkulumo, imiboniso nezingxoxo.
UStephen Lett, ilungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova nosihlalo wesimiso, wanikeza inkulumo yokuvula. Wahlola amavesi eBhayibheli abhekisela kuJehova uNkulunkulu njengomuntu onomzimba wenyama futhi wagxila ezindaweni ezichaza indlela uJehova asebenzisa ngayo amehlo, izindlebe, izandla nezingalo okungokomfanekiso.
Okokuqala, uMfoweth’ uLett wakhuluma ngeyesi-2 IziKronike 16:9, ethi “amehlo [kaJehova] aqalaza kuwo wonke umhlaba ukuze abonise amandla akhe ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye.” Abafundi bakhuthazwa ukuba balondoloze inhliziyo enikelwe ngokuphelele kuJehova. Batshelwa ukuthi bangalingisa uNkulunkulu ngokufuna okuhle kubantu. UMfoweth’ uLett wabe esekhuluma ngeyoku-1 Petru 3:12, ethi izindlebe zikaJehova zisekunxuseni kwabalungile. Wakhuthaza abafundi ukuba bangayeki ukuthandaza, bakhumbule ukuthi uJehova ukufuna ngempela ukuzwa imithandazo yabo.
Wabuye waxoxa ngo-Isaya 41:13, lapho uJehova enza lesi sithembiso: “Mina, Jehova uNkulunkulu wakho, ngibambé isandla sakho sokunene, Mina engithi kuwe, ‘Ungesabi. Ngizokusiza mina mathupha.’” Ekhuluma ngezwi elinothando uMfoweth’ uLett wathi: “Phawulani la mazwi kaJehova athinta inhliziyo. Welula isandla sakhe ukuze abambe isandla sethu.” Wabe esetshela abafundi ukuba bahlale bevumela uJehova ukuba abasize futhi bangalokothi benqabe usizo lwakhe. Waphinde wathi abafundi bangalingisa uJehova ngokwelulela izandla zabo kwabanye babasize.
Ekugcineni uMfoweth’ uLett wafunda u-Isaya 40:11. Wamema ababekhona ukuba babone ngeso lengqondo uthando lomzwelo oluvezwa yilo mBhalo. Wathi: “UJehova usiqoqela ndawonye ngezingalo zakhe, usibeka esifubeni sakhe.” Kufanele sisabele kanjani? Abafundi bayalwa ukuba bahlale bethobekile futhi bemnene njengewundlu ukuze uJehova ababeke esifubeni sakhe.
“Sinale Ngcebo Ezitsheni Zobumba”
UDavid Splane weNdikimba Ebusayo wakhuluma ngalesi sihloko esingokomBhalo. (2 Korinte 4:7) Iyini ingcebo? Ingabe ulwazi noma ukuhlakanipha? Waphendula: “Cha, ingcebo umphostoli uPawulu ayekhuluma ngayo ‘yile nkonzo’ ‘yokwenza iqiniso libonakale.’” (2 Korinte 4:1, 2, 5) UMfoweth’ uSplane wakhumbuza abafundi ukuthi izinyanga ezinhlanu abazichithe befunda bezibalungiselela isabelo esikhethekile enkonzweni. Kufanele basazise kakhulu lesi sabelo.
Wachaza ukuthi ‘izitsha zobumba’ zibhekisela emizimbeni yethu yenyama. Waqhathanisa isitsha esenziwe ngobumba nesitsha esenziwe ngegolide. Izitsha zegolide azisetshenziswa njalo. Ngakolunye uhlangothi, izitsha zobumba zenzelwe ukuba zisebenze. Uma besingafaka umcebo esitsheni segolide, besingase sinake kakhulu isitsha ngendlela esinganaka ngayo umcebo okuso. UMfoweth’ uSplane wabe esethi: “Nina bafundi anifuni ukuba kunakwe nina, njengezithunywa zevangeli, nifuna ukuqondisa abantu kuJehova. Niyizitsha zobumba ezithobekile.”
Eqhubeka nalo mfanekiso wachaza ukuthi ezikhathini zeBhayibheli ezinye izitsha zobumba zazingashi, futhi ezinye zazinamekwe ngendlela yokuba zingaqhephuki. Wayeqonde ukuthini? Phakathi nezinyanga zokuqala ezabelweni zazo, izithunywa zevangeli zizobhekana nobunzima obuyokwenza zikhuthazele. Ngeke zisazwela kangako lapho zigxekwa, futhi ngeke zisheshe zicasuke. UMfoweth’ uSplane wathi: “Nizobona senikwazi ukukhuthazelela ubunzima obukhulu kunalokho ebenikucabanga.” UJehova akayiphathisanga izingelosi le ngcebo yenkonzo, kodwa izitsha zobumba. Wabe esephetha ngokuthi: “Lokhu kubonisa ukuthi uJehova uyanethemba.”
‘Nigijimile Nemigundatshani, Ningakwazi Yini Ukuncintisana Namahhashi?’
USamuel Herd, weNdikimba Ebusayo wabuza: Ningakwazi ukugijima kangakanani futhi isikhathi eside kangakanani? Kungani abuza abafundi lowo mbuzo? Waqhathanisa okuhlangenwe nakho kwabafundi nokomprofethi uJeremiya. Kwakunzima kuleyo ndoda ethembekile ukubhekana nezilingo ezaziphambi kwayo. Kodwa kwakunezilingo ezinkulu ezaziseza. Ngakho uJehova wayibuza: “Ngoba ugijimile nemigundatshani, futhi yayikwenza ukhathale, khona-ke ungakwazi kanjani ukuncintisana namahhashi?”—Jeremiya 12:5.
Echaza ukuthi leli phuzu lisebenza kanjani kubafundi, uMfoweth’ uHerd wathi: “Ningase nizizwe sengathi benigijima namahhashi ngenxa yazo zonke izivivinyo enizenzile. Kodwa empeleni benigijima nemigundatshani, hhayi amahhashi. Ezabelweni zenu niyobe nigijima namahhashi, noma niyobhekana nezinselele ezinkulu eningacabangi ngazo namuhla. Niyokwenzenjani? Ukuqeqeshwa kwaseGileyadi kunilungiselele ukuba nigijime namahhashi futhi ningakhathali.” Wakhuthaza abafundi ukuba baqhubeke beziqeqesha ngokomoya, balondoloze isimiso esihle sokufunda iBhayibheli nokuthandaza.
UMfoweth’ uHerd wavuma ukuthi njengoba isikhathi sihamba ezinye izithunywa zevangeli zizobhekana nokudumazeka nokunganakwa. Ezinye zizokhathazwa ukugula noma umuzwa wokungafaneleki. Kodwa waqinisekisa abafundi ngokuthi banomthombo wamandla oyobasiza ukuba bagijime badlule noma isiphi isimo esinzima futhi bangakhathali. Wabe esethi: “Kungakhathaliseki ukuthi nigijima nemigundatshani noma namahhashi, qinisekani ukuthi isandla sikaNkulunkulu esinamandla siyonibamba siniwelise entanjeni. Khona-ke, niyoba izithunywa zevangeli eziphumelelayo, kube udumo nenkazimulo kuJehova.”
Amanye Amaphuzu Avelele Esimiso
“Ungazilinganiseli Kwezimbalwa.” UJohn Ekrann, ilungu leKomiti Yegatsha e-United States, waxoxa ngendaba ehilela umprofethi u-Elisha nomfelokazi owayesezophucwa amadodana akhe athengiswe njengezigqila. (2 AmaKhosi 4:1-7) Lo mfelokazi wayenembiza encane yamafutha. U-Elisha wamyala ukuba acele ezinye izimbiza komakhelwane, ethi: “Ungazilinganiseli kwezimbalwa.” Esebenzisa u-Elisha, uJehova wagcwalisa ngokuyisimangaliso zonke izimbiza ezazicelwe umfelokazi ngamafutha. Umfelokazi wabe esedayisa lawo mafutha wathola imali eyanele ukuba akhokhe izikweletu zakhe futhi ondle umndeni wakhe isikhathi esithile.
Yiziphi izifundo ezingafundwa yilabo ababezoba izithunywa zevangeli? Lapho umfelokazi ecela izitsha ezengeziwe, cishe wayengakhethi. Isikhulumi sathi: “Wayethatha noma isiphi isitsha esasingafaka amafutha, futhi cishe wayejabula lapho ethola esikhulu.” UMfoweth’ u-Ekrann wabe esenxusa abafundi ukuba bathathe noma isiphi isabelo, esikhulu noma esincane. Wathi: “Ningakhethi.” Waphinde wakhumbuza abafundi ukuthi inani lezibusiso ezatholwa umfelokazi lalihlobene ngokuqondile nokuthi uzilalela kangakanani iziqondiso zika-Elisha. Yisiphi isifundo kulokhu? Inani lezibusiso esizitholayo lihlobene ngokuqondile nentshiseko nokholo esilubonisayo. Isikhulumi sathi: “Ningazongi.”
“Bayisinkwa Kithi.” UWilliam Samuelson, umbonisi woMnyango WeZikole Zenkonzo, wakhuluma ngalesi sihloko esithathwe kuNumeri 14:9. Wakhuluma ngesibonelo esihle esabekwa uJoshuwa noKalebi. Igama elithi “isinkwa” lasetshenziswa kule ndaba ukuze kuboniswe ukuthi izakhamuzi zaseKhanani zazinganqotshwa kalula nokuthi lapho ezinqoba, ama-Israyeli ayeyothola amandla. Abafundi babengafundani? Wathi: “Emsebenzini wenu ongokomoya wesikhathi esizayo, bhekani izinselele njengento ezoniqinisa futhi ininike amandla.”
“Ingabe Umkhumbi Wabo Wokholo Wawuyoma Uqine Lapho Uhlaselwa Iziphepho Ezaziseza?” USam Roberson, omunye wabafundisi, waxoxa ngesixwayiso somphostoli uPawulu esithi abanye “baphukelwa umkhumbi wokholo lwabo.” (1 Thimothewu 1:19) Wanxusa abafundi ukuba bakhe kwabanye ukholo oluqinile olusekelwe kuJehova uNkulunkulu. Wathi: “Umsebenzi wenu ungafaniswa nowomkhandi wensimbi.” Kanjani? Umkhandi wensimbi ushisela amaketanga ensimbi akwazi ukubamba umkhumbi ungaphahlazeki. Ngokufanayo, izithunywa zevangeli zisiza abafundi beBhayibheli ukuba babe nezimfanelo ezingokomoya ezidingekayo ukuze basindiswe.
Wahlobanisa amaketanga ensimbi nezimfanelo ezingu-8 ezilotshwe kweyesi-2 Petru 1:5-8. UMfoweth’ uRoberson wathi uma izithunywa zevangeli zisiza abantu ezifunda nabo iBhayibheli ukuba babone ukuthi uJehova uzibonakalisa kanjani lezo zimfanelo, labo bafundi bayoba nobuhlobo obuhlala njalo noJehova. Bayokhuthazelela noma isiphi isiphepho senhlupheko esingase sivivinye ukholo lwabo.
Okuhlangenwe Nakho Nezingxoxo
UMichael Burnett, omunye wabafundisi, wacela abafundi baseGileyadi ukuba balandise futhi balingise lokho abakujabulele okwenzeke lapho beshumayela. Ababekhona bajabula kakhulu lapho bezwa ukuthi abafundi bakwaze kanjani ukushumayela ezinxanxatheleni zezitolo, esikhumulweni sezindiza, endlini ngendlu ngisho nangocingo kumuntu oshayele inombolo okungeyona.
UMichael Hansen, oyilungu loMkhaya waseBethel e-United States wabe esexoxa nabazalwane abathathu abayizithunywa zevangeli ezimnkantsh’ ubomvu—uStephen McDowell ePanama, uMark Noumair eKenya noWilliam Yasovsky eParaguay. Amaphuzu alaba bazalwane aqokomisa isihloko esithi, “Ukuthola Injabulo Ekwenzeni Intando KaJehova.” (IHubo 40:8) Ngokwesibonelo, uMark Noumair wakhuluma ngezinto eziqondile ezibangela injabulo yena nomkakhe abazithola lapho bekhonza esabelweni sabo. Ubungane ababa nabo noFakazi bendawo benza bathola ukwaneliseka okukhulu. Ezinye izizathu zenjabulo zazihlanganisa ukubona abazalwane belandela iziqondiso, ukubabona benza izinguquko ezinkulu ekuphileni kwabo nokuqaphela indlela uJehova ayibusisa ngayo imizamo yabo. Waqinisekisa abafundi ngokuthi bagcinelwe injabulo enkulu.
Ngemva kokuba omunye umfundi wekilasi le-131 efunde incwadi ebhalwe kahle ebonisa ukubonga kwabafundi, uMfoweth’ uLett waphetha isimiso ngokukhuthaza ababethweswe iziqu ukuba benze ngokuhlakanipha. Wathi uma benze kanjalo ‘bayokwenza uJehova ajabule.’ Lezi zithunywa zevangeli nakanjani ziyokwenza uJehova ajabule njengoba zimkhonza ngokwethembeka ezabelweni zazo.—Isaya 65:19.
[Ishadi/Ibalazwe ekhasini 31]
IMINININGWANE YEKILASI
10 amazwe amelelwe
34.7 isilinganiso seminyaka yobudala
19.0 isilinganiso seminyaka bebhapathiziwe
13.5 isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele
[Ibalazwe]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Ikilasi labelwa emazweni aboniswe ngezansi
AMAZWE ABABELWA KUWO
EBENIN
EBRAZIL
EBULGARIA
EBURUNDI
ECAMEROON
ECANADA
ECENTRAL AFRICAN REPUBLIC
EJALIMANE
EGHANA
EHONG KONG
E-INDONESIA
EKENYA
ELIBERIA
ELITHUANIA
EMALAYSIA
EMOZAMBIQUE
ENEPAL
EPANAMA
EPARAGUAY
ESIERRA LEONE
ESLOVAKIA
ENINGIZIMU AFRIKA
E-UNITED STATES OF AMERICA
EVENEZUELA
[Isithombe ekhasini 30]
Abafundi baseGileyadi balingisa okwenzekile lapho beshumayela
[Isithombe ekhasini 31]
Ikilasi Le-131 Elithweswa Iziqu E-Watchtower Bible School of Gilead
Imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.
(1) Lesch C.; Lesch, N.; Shakarjian, P.; Shakarjian, T.; Budden, R.; Budden, K.; Nash, T.; Nash, L.
(2) Tremblay, E.; Tremblay, C.; Garvey, D.; Garvey, G.; Gaunt, R.; Gaunt, P.; Lau, J.; Lau, J.
(3) Davis, S.; Davis, S.; Sargeant, J.; Sargeant, J.; Fonseca, C.; Fonseca, S.; Thenard, E.; Thenard, A.
(4) Petratyotin, A.; Petratyotin, R.; Reyes, N.; Reyes, N.; Eisiminger, B.; Eisiminger, S.; Hacker, J.; Hacker, C.
(5) Hartman, E.; Hartman, T.; Goolia, W.; Goolia, K.; Thomas, J.; Thomas, E.; Okazaki, N.; Okazaki, M.
(6) Mills, C.; Mills, A.; Benning, L.; Benning, T.; Sobiecki, S.; Sobiecki, T.; Gagnon, L.; Gagnon, E.
(7) Hansen, B.; Hansen, M.; Fahie, A.; Fahie, M.; Dalgaard, J.; Dalgaard, J.; Andersson, M.; Andersson, R.