Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 2/15 kk. 18-22
  • Londoloza Umoya Omuhle Webandla

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Londoloza Umoya Omuhle Webandla
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • KHUTHAZA UMOYA OMUHLE
  • SHISEKA ENKONZWENI
  • XWAYA UKUBUBULA NOBUBI
  • KHUTHAZA “UBUNYE BOMOYA”
  • Hlobo Luni Lomoya Owubonisayo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Hlobo Luni Lomoya Olubonisayo?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Ibandla Malidumise UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Ibandla Malakhiwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 2/15 kk. 18-22

Londoloza Umoya Omuhle Webandla

“Umusa ongafanelwe weNkosi uJesu Kristu mawube nomoya eniwubonisayo.”—FIL. 4:23.

SINGAWUKHUTHAZA KANJANI UMOYA ONEMPILO EBANDLENI . . . 

lapho sinabafowethu?

ngentshiseko yethu enkonzweni yasensimini?

ngokubika ububi obungathi sína?

1. Kungani ibandla laseFilipi nelaseThiyathira anconywa?

AMAKRISTU ekhulu lokuqala aseFilipi ayempofu. Noma kunjalo, ayephana futhi ebonisa uthando oluyisibonelo kulabo ayekholwa nabo. (Fil. 1:3-5, 9; 4:15, 16) Yingakho umphostoli uPawulu lapho ephetha incwadi ephefumulelwe awabhalela yona athi: “Umusa ongafanelwe weNkosi uJesu Kristu mawube nomoya eniwubonisayo.” (Fil. 4:23) Ngenxa yokuthi amaKristu aseThiyathira ayebonisa umoya ofanayo, uJesu Kristu okhazinyulisiwe wathi: “Ngiyazazi izenzo zakho, nothando lwakho, nokholo, nenkonzo, nokukhuthazela, nokuthi izenzo zakho zamuva zingaphezu kwezangaphambili.”—IsAm. 2:19.

2. Iyiphi indima esinayo emoyeni ibandla lakithi eliwubonisayo?

2 Nanamuhla, ibandla ngalinye loFakazi BakaJehova linomoya eliwubonisayo noma isimo sengqondo eliphawuleka ngaso. Amanye aziwa ikakhulu ngokubonisa umoya wothando ofudumele. Amanye ahamba phambili ekusekeleni ngentshiseko umsebenzi wokushumayela ngoMbuso nasekwaziseni inkonzo yesikhathi esigcwele. Lapho thina ngabanye sihlakulela umoya omuhle, siba neqhaza ebunyeni bebandla futhi siqhubekisela phambili intuthuko yalo engokomoya. (1 Kor. 1:10) Ngakolunye uhlangothi, ukubonisa umoya ongemuhle kungaholela ekozeleni ngokomoya, ekubeni sivivi ngisho nasekubekezeleleni ububi ebandleni. (1 Kor. 5:1; IsAm. 3:15, 16) Ibandla lakini linomoya onjani? Ungaba kanjani nesandla ekukhuthazeni umoya omuhle ebandleni?

KHUTHAZA UMOYA OMUHLE

3, 4. ‘Singamdumisa kanjani uJehova ebandleni elikhulu?’

3 Umhubi wahlabelela: “Ngiyokudumisa [Jehova] ebandleni elikhulu; phakathi kwabantu abaningi ngiyokudumisa.” (IHu. 35:18) Umhubi akazigodlanga ekudumiseni uJehova lapho enezinye izinceku zikaNkulunkulu. Imihlangano yebandla yamasonto onke, ehlanganisa neSifundo Se-Nqabayokulinda, isinikeza amathuba amahle okubonisa umoya wentshiseko lapho siphendula futhi sizwakalisa ukholo lwethu. Kungaba kuhle ukuba sonke sizibuze: ‘Ingabe ngilisebenzisa ngokugcwele ilungelo lokuhlanganyela emihlanganweni? Ingabe ngiyilungiselela kahle futhi nginikeze izimpendulo ezakhayo? Njengenhloko yomkhaya, ngiyazisiza yini izingane zami ukuba zilungiselele izimpendulo kusengaphambili futhi ngizifundise ukuphendula ngamazwi azo?’

4 Umhubi uDavide wahlanganisa ukuba kwethu nenhliziyo egxilile nokuhlabelela. Wathi: “Inhliziyo yami igxilile, Nkulunkulu, inhliziyo yami igxilile. Ngizohlabelela ngihube.” (IHu. 57:7) Izingoma ezihlatshelelwa emihlanganweni yobuKristu zisinika ithuba elihle ‘lokuhlabelela sihubele’ uJehova ngenhliziyo egxilile. Uma singazijwayele ezinye zezingoma, kungani singaziprakthizi phakathi nokuKhulekela Komkhaya kwakusihlwa? Kwangathi singazimisela ‘ukuhlabelelela uJehova konke ukuphila kwethu futhi simhubele uma nje sisekhona.’—IHu. 104:33.

5, 6. Singawubonisa kanjani umoya wokungenisa izihambi nowokupha kwabanye, futhi ukwenza lokhu kukhuthazani ebandleni?

5 Ukubonisa abafowethu nodadewethu umoya wokungenisa izihambi kungenye indlela esikhuthaza ngayo umoya wothando ebandleni. Esahlukweni sokugcina sencwadi ayibhalela amaHebheru, uPawulu ufaka nalesi sikhuthazo: “Uthando lwenu lobuzalwane maluqhubeke. Ningakukhohlwa ukungenisa izihambi.” (Heb. 13:1, 2) Ukumema ababonisi abajikelezayo nomkabo noma izikhonzi zesikhathi esigcwele ebandleni ukuba bazodla nathi, kuyindlela enhle kakhulu yokubonisa umoya wokungenisa izihambi. Cabangela nabafelokazi, imikhaya enomzali ongayedwa noma abanye abangase bazuze ngokuzodla nathi ngezikhathi ezithile noma babe nathi ekukhulekeleni komkhaya.

6 UPawulu watshela uThimothewu ukuba ayale abanye ukuba “benze okuhle, bacebe emisebenzini emihle, babe nesandla esivulekile, belungele ukwabelana izinto nabanye, bezibekelela ngokulondekile isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze babambisise ukuphila kwangempela.” (1 Thim. 6:17-19) UPawulu wayekhuthaza abakhulekeli ayekanye nabo ukuba bahlakulele umoya wokupha. Singathuthukisa umoya wokupha ngisho nalapho izimo zomnotho zinzima. Indlela enhle yokwenza lokhu iwukugibelisa abadinga into yokuhamba yokuya ensimini nasemihlanganweni yebandla. Yini engenziwa yilabo abazuza kulezi zenzo zomusa wothando? Bayobe bekhuthaza umoya omuhle ebandleni uma bengabonisa ukwazisa, mhlawumbe ngokusiza ekuhlangabezaneni nezindleko zikaphethiloli ezenyuka njalo. Ngaphezu kwalokho, ukuhlela ukuchitha isikhathi esengeziwe sinabafowethu nodadewethu abangokomoya ngeke yini kwabenza bazizwe bedingeka futhi bethandwa? Lapho sivama ezenzweni ezinhle “kulabo abahlobene nathi okholweni” futhi sikulungele ukubanika isikhathi sethu futhi sabelane nabo esinakho, asigcini nje ngokujulisa uthando lwethu ngabo kodwa sisiza nasekwakheni umoya omuhle nofudumele ebandleni.—Gal. 6:10.

7. Ukugcina izindaba zabanye ziyimfihlo kusiza kanjani ekulondolozeni umoya omuhle ebandleni?

7 Cabangela nezinye izici eziqinisa isibopho sothando phakathi kwethu nesikholwa nabo: ubungane nokugcina izimfihlo. (Funda izAga 18:24.) Abangane beqiniso bagcina izindaba zabanye ziyimfihlo. Lapho abafowethu bethululela isifuba sabo kithi futhi beqiniseka ngokuthi ngeke izindaba zabo zaziwe izwe lonke, isibopho sothando okungenzeka sesikhona kakade siyoqina nakakhulu. Kwangathi singakhuthaza umoya wothando, onjengowomkhaya ebandleni ngokuba abangane abanokwethenjelwa abakwaziyo ukugcina izimfihlo.—IzAga 20:19.

SHISEKA ENKONZWENI

8. Isiphi iseluleko esatholwa abaseLawodikeya, futhi ngani?

8 Lapho ekhuluma nebandla laseLawodikeya, uJesu wathi: “Ngiyazazi izenzo zakho, ukuthi awubandi futhi awushisi. Ngifisa sengathi ngabe uyabanda noma uyashisa. Ngakho, ngenxa yokuba usivivi ungashisi futhi ungabandi, ngizokuhlanza uphume emlonyeni wami.” (IsAm. 3:15, 16) AbaseLawodikeya babengayishisekeli inkonzo yobuKristu. Isimo sengqondo esinjalo kungenzeka ukuthi sathinta nobuhlobo babo nabanye. Ngakho, ngothando uJesu wabeluleka: “Bonke engibathandayo ngiyabasola ngibayale. Ngakho-ke shiseka, uphenduke.”—IsAm. 3:19.

9. Isimo sethu sengqondo ngenkonzo yasensimini siwuthinta kanjani umoya webandla?

9 Ukuze sikhuthaze umoya omuhle onempilo ebandleni, kufanele sinake indlela esiyishisekela ngayo inkonzo yasensimini. Ibandla lihlelwe ngenjongo yokufuna abantu abanjengezimvu ensimini nokubakha ngokomoya. Ngakho, kudingeka sihlanganyele ngentshiseko emsebenzini wokwenza abafundi, njengoba kwenza uJesu. (Math. 28:19, 20; Luka 4:43) Lapho siyishisekela kakhulu inkonzo, siyoba munye nangokwengeziwe ‘njengezisebenzi ezikanye noNkulunkulu.’ (1 Kor. 3:9) Njengoba sibona abanye enkonzweni yasensimini bemelela ukholo lwabo futhi bebonisa ukwazisa ngezinto ezingokomoya, sishukumiseleka ukuba sibathande futhi sibahloniphe ngokwengeziwe. Ukusebenza ndawonye enkonzweni ‘silinganisene ihlombe nehlombe’ kuveza nomoya wobunye ebandleni.—Funda uZefaniya 3:9.

10. Ukuthuthukisa izinga lenkonzo yethu yasensimini kuwuthinta kanjani umoya wabanye ebandleni?

10 Imizamo yethu yokuthuthukisa izinga lenkonzo yethu inanethonya elihle kwabanye. Njengoba sibakhathalela ngokwengeziwe abantu esibashumayezayo futhi sizama ukuthuthukisa ukuphumelela kwethu ekufinyeleleni izinhliziyo zabo, intshiseko yethu ngenkonzo iyakhula. (Math. 9:36, 37) Intshiseko ivame ukwesuleleka kulabo esisebenza nabo. UJesu wabathuma ngababili abafundi bakhe lapho beyoshumayela, akazange abathume ngabanye. (Luka 10:1) Lokhu kwakungabaniki ithuba lokukhuthazana nokuqeqeshana kuphela kodwa kwakukhulisa nentshiseko yabo ngenkonzo. Asikwazisi yini ukusebenza nabamemezeli boMbuso abashisekayo? Umoya wabo wentshiseko uyasikhuthaza futhi usigqugquzele ukuba siqhubeke nomsebenzi wokushumayela.—Roma 1:12.

XWAYA UKUBUBULA NOBUBI

11. Imuphi umoya amanye ama-Israyeli aba nawo osukwini lukaMose, futhi lokhu kwaba namuphi umphumela kuwo?

11 Phakathi namasonto ambalwa nje eyisizwe esisha, ama-Israyeli aba nomoya wokunganeliseki nokububula. Lokhu kwaholela ekuvukeleni uJehova nabameleli bakhe. (Eks. 16:1, 2) Ambalwa ama-Israyeli aphuma eGibhithe angena eZweni Lesithembiso. Ingani ngisho noMose akavunyelwanga ukungena kulelo zwe ngenxa yendlela asabela ngayo emoyeni ongemuhle owaboniswa ibandla lama-Israyeli! (Dut. 32:48-52) Singenzani namuhla ukuze singathonywa umoya ongemuhle?

12. Singakugwema kanjani ukuba nomoya wokukhononda?

12 Kumelwe sigweme ukuba nomoya wokububula. Nakuba ukuhlakulela ukuthobeka nenhlonipho ngegunya kuyosisiza, kudingeka sibheke ukuthi obani esizihlanganisa nabo. Ukukhetha kabi ezokuzijabulisa noma ukuchitha isikhathi esiningi sinesisebenza noma esifunda nabo abangenandaba nezimiso ezilungile kuyalimaza. Siyobe senza ngokuhlakanipha uma sibulinganisela ubudlelwane bethu nabantu abanombono ophambene noma abakhuthaza umoya wokuzibusa.—IzAga 13:20.

13. Ithonya elonakalisayo lokububula lingaba namiphi eminye imiphumela elimazayo ngokomoya ebandleni?

13 Ithonya elonakalisayo lokububula lingaba neminye imiphumela elimazayo ngokomoya. Ngokwesibonelo, ukububula kungaphazamisa ukuthula nobunye bebandla. Ngaphezu kwalokho, ukukhononda ngamakholwa esikanye nawo kungase kungagcini ngokuwazwisa ubuhlungu kodwa kungase kuholele nasesonweni sokunyundela nokuhlambalaza. (Lev. 19:16; 1 Kor. 5:11) Abanye ababebubula ebandleni lekhulu lokuqala ‘babengabunaki ubukhosi futhi bekhuluma ngokuhlambalaza ngabakhazimulayo.’ (Jude 8, 16) Ukububula okunjalo ngamadoda anemithwalo yemfanelo ebandleni kwakungamukeleki neze kuNkulunkulu.

14, 15. (a) Ukuvumela ububi ukuba buqhubeke kungaba namuphi umphumela kulo lonke ibandla? (b) Kufanele senzeni uma sazi ukuthi othile wenza isono sangasese?

14 Kumelwe senzenjani uma sazi ukuthi othile wenza isono sangasese, mhlawumbe usebenzisa kabi utshwala, ubuka izithombe zobulili ezingcolile, noma uziphethe kabi? (Efe. 5:11, 12) Ukushalazela kwethu ububi obungathi sína kungathiya ukugeleza ngokukhululekile komoya ongcwele kaJehova futhi kungasongela ukuthula kwalo lonke ibandla. (Gal. 5:19-23) Njengoba nje kwadingeka ukuba amaKristu okuqala aseKorinte asuse ububi phakathi kwawo, nanamuhla kumelwe kususwe noma iliphi ithonya elonakalisayo ebandleni ukuze kulondolozwe umoya walo omuhle onempilo. Ungenzani ukuze ube nengxenye ekuthuleni kwebandla?

15 Njengoba kushiwo ngaphambili, kubalulekile ukuba singaxoxi ngezindaba zabanye eziyisifuba, ikakhulu lapho bethululela isifuba sabo kithi. Yeka ukuthi kubi futhi kulimaza kanjani ukusakaza indaba yothile eyisifuba! Noma kunjalo, lapho kwenziwe ububi obungathi sína, labo abanesibopho esingokomBhalo sokusingatha lolo daba—abadala ebandleni—kufanele baziswe. (Funda uLevitikusi 5:1.) Ngakho, lapho sazi ukuthi umzalwane noma udade uye wawela ebubini obunjalo, kufanele simkhuthaze ukuba abonane nabadala acele usizo lwabo. (Jak. 5:13-15) Nokho, uma engenzi kanjalo phakathi nesikhathi esanele asinikeziwe, kufanele sibubike lobo bubi.

16. Ukubika ububi obungathi sína kusiza kanjani ekulondolozeni umoya webandla?

16 Ibandla lobuKristu liyisiphephelo esingokomoya, futhi kumelwe sisize ekulivikeleni ngokubika ububi obungathi sína. Uma abadala besiza umenzi wobubi futhi esanguluka, aphenduke, amukele isiyalo nokulungiswa, akabe esaba ithonya elibi emoyeni webandla. Kodwa kuthiwani uma umenzi wobubi engaphenduki futhi engasamukeli iseluleko sothando sabadala? Umphumela wokuxoshwa kwakhe ebandleni uba ‘ukubhujiswa,’ noma ukususwa kwesici esonakalisayo phakathi kwethu, kanjalo umoya webandla ulondolozwe. (Funda eyoku-1 Korinte 5:5.) Yebo, ukulondoloza umoya webandla kudinga ukuba ngamunye wethu athathe isinyathelo esifanele, abambisane nendikimba yabadala futhi avikele inhlalakahle yabafowabo ebandleni.

KHUTHAZA “UBUNYE BOMOYA”

17, 18. Yini eyosisiza ukuba ‘sigcine ubunye bomoya’?

17 Abalandeli bakaJesu bokuqala basiza ekuhlakuleleni umoya wobunye ebandleni ‘ngokuzinikela ekufundiseni kwabaphostoli.’ (IzE. 2:42) Basazisa iseluleko nesiqondiso esingokomBhalo ababesinikezwa amadoda amadala. Ngenxa yokuthi abadala banamuhla babambisana nesigaba senceku ethembekileyo neqondayo, bonke ebandleni bayakhuthazeka futhi basizwe ukuba bahlale bemunye. (1 Kor. 1:10) Lapho samukela iziqondiso ezisekelwe eBhayibhelini ezivela enhlanganweni kaJehova futhi silandele isiqondiso sabadala, sinikeza ubufakazi bokuthi “[sizama] ngenkuthalo ukugcina ubunye bomoya esibophweni esihlanganisayo sokuthula.”—Efe. 4:3.

18 Ngakho-ke, masilwele ukulondoloza umoya omuhle onempilo ebandleni. Uma senza kanjalo, siqinisekiswa ngokuthi ‘umusa ongafanelwe weNkosi uJesu Kristu uyoba nomoya esiwubonisayo.’—Fil. 4:23.

[Isithombe ekhasini 19]

Ingabe uba nengxenye emoyeni omuhle ngokulungiselela izimpendulo ezakhayo?

[Isithombe ekhasini 20]

Yiba nengxenye emoyeni omuhle ngokujwayelana nezingoma zethu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela