UJesu Wayezibheka Kanjani Ezombusazwe?
ABALOBI bamaVangeli bachaza izigameko eziningana lapho uJesu azithola kufanele abhekane ngokuqondile nezindaba zezombusazwe enkonzweni yakhe. Ngokwesibonelo, ngemva nje kokubhapathizwa kwakhe, cishe eneminyaka engu-30 ubudala, uDeveli wamthembisa isikhundla sokuba umbusi wezwe. Kamuva, isixuku safuna ukumenza inkosi yaso. Ngokuhamba kwesikhathi abantu baphinde bafuna ukumenza isishoshovu sezombusazwe. Wasabela kanjani? Ake sihlole lezi zenzakalo.
Umbusi wezwe. AmaVangeli athi uDeveli wathembisa ukunikeza uJesu ubukhosi phezu kwayo “yonke imibuso yezwe.” Cabanga nje ukuthi zingakanani izinto ezinhle uJesu ayeyozenzela abantu abahluphekayo ukube wasithatha leso sikhundla! Umuntu othanda abantu wayengalenqaba yini leli thuba uma ayecabanga ukuthi izinkinga zabantu zingaxazululwa ezombusazwe? Kodwa uJesu walenqaba.—Mathewu 4:8-11.
Inkosi. Osukwini lukaJesu abantu abaningi babedinga umbusi owayengaxazulula izinkinga zabo zezomnotho nezombusazwe. Behlatshwe umxhwele amakhono kaJesu, abantu bafuna ukuba angenele ezombusazwe. Wenzenjani? Umlobi weVangeli uJohane uthi: “UJesu azi ukuthi base bezokuza bambambe ukuze bambeke inkosi, waphinde wasuka waya entabeni eyedwa.” (Johane 6:10-15) Ngokusobala, uJesu wenqaba ukuzigaxa kwezombusazwe.
Isishoshovu sezombusazwe. Phawula lokho okwenzeka sekusele izinsuku ngaphambi kokuba uJesu abulawe. Abafundi babaFarisi ababelwela ukuphuma ngaphansi koMbuso wamaRoma, kanye nabalandeli bakaHerode, amalungu eqembu lezombusazwe elalisekela iRoma, baya kuJesu. Babefuna ukumphoqa ukuba athathe uhlangothi kwezombusazwe. Babuza ukuthi kufanele yini amaJuda akhokhe intela eRoma.
UMarku waloba impendulo kaJesu: “‘Kungani ningivivinya na? Lethani lapha udenariyu ngiwubone.’ Bawuletha. Wathi kubo: ‘Okabani lo mfanekiso nalo mbhalo oqoshiwe?’ Bathi kuye: ‘OkaKhesari.’ UJesu wabe esethi: ‘Buyiselani okukaKhesari kuKhesari, kodwa okukaNkulunkulu kuNkulunkulu.’” (Marku 12:13-17) Iphawula ngesizathu esenza uJesu waphendula ngale ndlela, incwadi ethi Church and State—The Story of Two Kingdoms iphetha ngokuthi: “Wenqaba ukuba umesiya wezombusazwe kodwa wawenza wacaca umehluko phakathi kukaKhesari noNkulunkulu.”
UKristu wayenendaba nezinkinga ezinjengobumpofu, ukukhwabanisa nokungabi nabulungisa. Eqinisweni, iBhayibheli libonisa ukuthi samzwisa ubuhlungu isimo esidabukisayo sabantu ayephila nabo. (Marku 6:33, 34) Noma kunjalo, uJesu akazange aqale umkhankaso wokuqeda ukungabi nabulungisa emhlabeni yize abanye bazama kanzima ukumhilela ezingxabanweni zangesikhathi sakhe.
Ngokusobala, njengoba lezi zibonelo zibonisa, uJesu wenqaba ukuzihilela ezindabeni zezombusazwe. Kodwa kuthiwani ngamaKristu namuhla? Kufanele enzenjani?