Uyayibonakalisa Yini Inkazimulo KaJehova?
“Sibonakalisa njengezibuko inkazimulo kaJehova.”—2 KOR. 3:18.
UNGAPHENDULA KANJANI?
Nakuba sinesono, singamkhazimulisa kanjani uJehova?
Imithandazo yethu nokuba khona emihlanganweni yobuKristu kusisiza kanjani ukuba sibonakalise inkazimulo kaNkulunkulu?
Yini engasisiza ukuba siqhubeke sikhazimulisa uJehova?
1, 2. Kungani kunengqondo ukulindela ukuthi singakwazi ukulingisa izimfanelo zikaJehova?
NGANDLELA-THILE, sonke sifuzé abazali bethu. Ngakho-ke, akumangazi ukuzwa othile ethi kumfanyana: ‘Ufana nse noyihlo.’ Entombazaneni kungase kuthiwe, ‘Ungikhumbuza umama wakho.’ Ngokuvamile, izingane zilingisa abazali bazo. Kodwa kuthiwani ngathi? Singamlingisa yini uBaba wethu osezulwini, uJehova? Nakuba singakaze simbone, singaziqonda izimfanelo zakhe eziyigugu ngokutadisha iZwi lakhe, ngokubuka indalo nangokuzindla ngemiBhalo, ikakhulu ngamazwi nangezenzo zeNdodana yakhe, uJesu Kristu. (Joh. 1:18; Roma 1:20) Singakwazi ukubonakalisa inkazimulo kaJehova.
2 Ngaphambi kokudala u-Adamu no-Eva, uNkulunkulu wayeqiniseka ukuthi abantu babeyokwazi ukufeza lokho okuyintando yakhe ngabo, ukubonakalisa izimfanelo zakhe nokumkhazimulisa. (Funda uGenesise 1:26, 27.) Ekuzinikeleni kwethu kokuhlonipha uNkulunkulu, kufanele sibonise izimfanelo zaLowo owasidalayo. Uma senza kanjalo, siba nelungelo eliyingqayizivele lokubonakalisa inkazimulo kaNkulunkulu kungakhathaliseki amasiko, imfundo nesizinda sobuzwe bethu. Ngani? Ngoba “uNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.”—IzE. 10:34, 35.
3. AmaKristu angaba namuphi umuzwa njengoba ekhonza uJehova?
3 AmaKristu agcotshiwe ayayibonakalisa inkazimulo kaJehova. Yingakho umphostoli uPawulu ozelwe ngomoya abhala: “Sonke, lapho sibonakalisa njengezibuko inkazimulo kaJehova ngobuso obungagutshuzelwe, siguqulelwa emfanekisweni ofanayo kusuka enkazimulweni kuya enkazimulweni.” (2 Kor. 3:18) Lapho umprofethi uMose ehla eNtabeni iSinayi ephethe izibhebhe ezazineMiyalo Eyishumi, ubuso bakhe babukhipha imisebe ngoba uJehova wayekhulume naye. (Eks. 34:29, 30) Nakuba amaKristu engakaze abe nokuhlangenwe nakho okunjalo futhi ubuso bawo bungakhiphi misebe, injabulo yawo yenza ubuso bawo bukhanye njengoba etshela abanye ngoJehova, izimfanelo zakhe nangenjongo yakhe enhle ngesintu. Ngale ndlela, abagcotshiweyo nabangane babo babonakalisa inkazimulo kaJehova ekuphileni nasenkonzweni yabo kuhle kwezibuko zensimbi ezicwebezelayo zasendulo. (2 Kor. 4:1) Uyayibonakalisa yini inkazimulo kaJehova ngokuziphatha ngendlela ebonisa ukumesaba nangenkonzo yakho njengommemezeli woMbuso ophuma njalo?
SIFISA UKUBONAKALISA INKAZIMULO KAJEHOVA
4, 5. (a) NjengoPawulu, iyiphi impi esibhekene nayo? (b) Isono siye sasithinta kanjani?
4 Njengezinceku zikaJehova, ngokuqinisekile sifuna ukudumisa nokukhazimulisa uMdali wethu kukho konke esikwenzayo. Nokho, ngokuvamile esikwenzayo akukhona lokho esikufisayo. UPawulu wabhekana naleyo mpi. (Funda amaRoma 7:21-25.) Echaza ukuthi kungani sibhekana nale mpi, uPawulu wabhala: “Bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.” (Roma 3:23) Yebo, ngenxa yefa esalizuza ku-Adamu onesono, isintu saba ngaphansi kokulawula okunonya ‘kweNkosi Eyisono.’—Roma 5:12; 6:12.
5 Siyini isono? Siyinoma yini ephambene nobuntu, izindlela, izindinganiso nentando kaJehova. Sonakalisa ubuhlobo bomuntu noNkulunkulu. Sisenza sigeje uphawu, njengoba nje umcibi engaciba umcibisholo kodwa ageje lokho akucibayo. Singona ngamabomu noma ngephutha. (Num. 15:27-31) Isono sigxile ngokujulile kubantu futhi sidala umgoqo phakathi kwabo noMdali wabo. (IHu. 51:5; Isaya 59:2; Kol. 1:21) Ngakho, ngokuvamile isintu senza ngokuphambene kakhulu nalokho okufunwa uJehova futhi siphuthelwa ithuba eliyigugu lokubonakalisa inkazimulo yakhe. Ngokungangabazeki, isono siwukukhubazeka okubi kunakho konke okuhlupha isintu.
6. Nakuba sinesono, singamkhazimulisa kanjani uNkulunkulu?
6 Nakuba sinesono, uJehova uye wazibonakalisa ‘enguNkulunkulu onika ithemba.’ (Roma 15:13) Uye walungiselela indlela yokuqeda isono—umhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu. Ngokubonisa ukholo kulo mhlatshelo, asibe sisaba “izigqila zesono,” kodwa siba sesimweni sokubonakalisa inkazimulo kaJehova. (Roma 5:19; 6:6; Joh. 3:16) Ukulondoloza lobu buhlobo obuhle noNkulunkulu kusenza siqiniseke ngokuthi uzosibusisa kwamanje futhi esikhathini esizayo asibusise ngokuphelela nangokuphila okuphakade. Nakuba sisenesono, yeka ukuthi kuyisibusiso kangakanani ukuba uNkulunkulu asibheke njengabantu abangabonakalisa inkazimulo yakhe!
UKUBONAKALISA INKAZIMULO KANKULUNKULU
7. Yini okumelwe siyivume ngathi ukuze sibonakalise inkazimulo kaNkulunkulu?
7 Ukuze siyibonakalise ngokufanele inkazimulo kaNkulunkulu, kumelwe sivume ngobuqotho ukuthi sinesono. (2 IziKr. 6:36) Kudingeka sivume ubuthaka bethu bese silwela ukubulawula ukuze sithuthukele eqophelweni lokumkhazimulisa ngokugcwele uNkulunkulu. Ngokwesibonelo, uma sesiwele esonweni esihlazisayo sokubuka izithombe zobulili ezingcolile, kumelwe sivume ukuthi sidinga usizo olungokomoya futhi silufune. (Jak. 5:14, 15) Lokhu kuyoba isinyathelo sokuqala esingasithatha ekulweleni ukuphila ngendlela ekhazimulisa uNkulunkulu ngokugcwele. Njengabakhulekeli bakhe, kumelwe siqhubeke sizihlola ukuze sibone ukuthi siphila ngokuvumelana nezindinganiso zakhe zokulunga yini. (IzAga 28:18; 1 Kor. 10:12) Kungakhathaliseki ukuthi sinanhloboni yobuthaka, kumelwe siqhubeke silwisana nabo ukuze sikwazi ukubonakalisa inkazimulo kaNkulunkulu.
8. Nakuba singaphelele, yini okufanele siyenze?
8 UJesu uwukuphela komuntu owake waphila futhi wafa engahlulekanga ukujabulisa uNkulunkulu nokubonakalisa inkazimulo yaKhe. Nakuba thina singaphelele njengoJesu, singakwazi futhi kufanele silwele ukulingisa isibonelo sakhe. (1 Pet. 2:21) UJehova uyawucabangela umzamo nentuthuko esiyenzayo futhi uyawubusisa umzamo wethu oqotho wokumkhazimulisa.
9. IBhayibheli linayiphi indima ekuphileni kwamaKristu anesifiso sokuphila ngokuvumelana nezimfuneko zikaNkulunkulu?
9 Ukukhanya kweZwi likaJehova elilotshiwe kungasibonisa lapho kumelwe sithuthuke khona. Kubalulekile ukutadisha imiBhalo ngokujulile nokuzindla ngayo. (IHu. 1:1-3) Ukuyifunda nsuku zonke kuyosisiza ukuba sithuthuke. (Funda uJakobe 1:22-25.) Ulwazi lweBhayibheli luyisisekelo sokholo lwethu futhi luyindlela yokuqinisa ukuzimisela kwethu ukugwema isono esingathi sína futhi sijabulise uJehova.—IHu. 119:11, 47, 48.
10. Umthandazo ungasisiza kanjani ukuba sikhonze uJehova ngokugcwele?
10 Ukuze sibonakalise inkazimulo kaNkulunkulu, kudingeka nokuba ‘siphikelele emthandazweni.’ (Roma 12:12) Singakwazi futhi kufanele sithandazele ukuba uJehova asisize simkhonze ngendlela ayamukelayo. Ukuze senze lokho, kuyafaneleka ukumcela ukuba asinike umoya ongcwele, ukholo olwengeziwe, amandla okumelana nezilingo nekhono ‘lokuphatha izwi leqiniso ngokufanele.’ (2 Thim. 2:15; Math. 6:13; Luka 11:13; 17:5) Njengoba ingane ithembela kuyise, nathi kudingeka sithembele kuBaba wethu osezulwini, uJehova. Uma simcela ukuba asisize ukuba simkhonze ngokugcwele, singaqiniseka ukuthi uyokwenza kanjalo. Kwangathi singelokothe sibe nomuzwa wokuthi siyamhlupha! Kunalokho, masithandaze simdumise, simbonge, sifune isiqondiso sakhe ikakhulu lapho sibhekene nobunzima, futhi simcele asisize simkhonze ngezindlela ezikhazimulisa igama lakhe elingcwele.—IHu. 86:12; Jak. 1:5-7.
11. Imihlangano yebandla isisiza kanjani ukuba sibonakalise inkazimulo kaNkulunkulu?
11 UNkulunkulu uye waphathisa “inceku ethembekileyo neqondayo” ukuba inakekele izimvu zakhe eziyigugu. (Math. 24:45-47; IHu. 100:3) Isigaba senceku sinesithakazelo esikhulu endleleni amaKristu esikanye nawo abonakalisa ngayo inkazimulo kaJehova. Ubuntu bethu njengezikhonzi ezingamaKristu buyalungiswa emihlanganweni yethu, njengoba nje singase sicele umthungi ukuba alungise izingubo zethu ukuze sibukeke kangcono. (Heb. 10:24, 25) Ngakho-ke, masifike ngesikhathi, ngoba uma sikwenza umkhuba ukufika isiqalile, siphuthelwa okunye kokulungiswa okungokomoya okudingekayo ekuthuthukiseni ubuntu bethu njengezinceku zikaJehova.
MASILINGISE UNKULUNKULU
12. Singamlingisa kanjani uNkulunkulu?
12 Uma sifuna ukubonakalisa inkazimulo kaJehova, kumelwe ‘sibe ngabalingisi bakhe.’ (Efe. 5:1) Enye indlela esingamlingisa ngayo uJehova iwukuba nombono wakhe ngezinto. Ukuphila nganoma iyiphi enye indlela kuyamhlazisa futhi kuyasilimaza. Njengoba izwe elisizungezile lilawulwa omubi, uSathane uDeveli, kumelwe sizikhandle ukuze sizonde lokho uJehova akuzondayo futhi sikuthande ngokujulile lokho akuthandayo. (IHu. 97:10; 1 Joh. 5:19) Kudingeka siqiniseke ngokusuka enhliziyweni ukuthi okuwukuphela kwendlela efanele yokukhonza uNkulunkulu iwukuba zonke izinto sizenzele inkazimulo yakhe.—Funda eyoku-1 Korinte 10:31.
13. Kungani kumelwe sizonde isono, futhi lokhu kuyosishukumisela ukuba senzeni?
13 UJehova uyasizonda isono, nathi kufanele sisizonde. Ngempela, kumelwe sidede ngangokunokwenzeka ebubini futhi singazami ukubona ukuthi singasondela kangakanani kubo ngaphandle kokuba sinqotshwe isono. Ngokwesibonelo, kudingeka siqaphe ukuhlubuka, isono esingasenza singakufanelekeli ukukhazimulisa uNkulunkulu. (Dut. 13:6-9) Ngakho-ke, masingazihlanganisi nezihlubuki nanoma ubani othi ungumzalwane kodwa ebe ehlazisa uNkulunkulu. Kufanele senze ngale ndlela ngisho nalapho eyilungu lomkhaya. (1 Kor. 5:11) Akusisizi ukuzama ukuphikisana nezihlubuki noma labo abagxeka inhlangano kaJehova. Eqinisweni, akufanele futhi kuyingozi ngokomoya ukufunda ukwaziswa okuvela kuzo, kungakhathaliseki ukuthi kusezincwadini noma kuyi-Internet.—Funda u-Isaya 5:20; Mathewu 7:6.
14. Lapho silwela ukubonakalisa inkazimulo kaNkulunkulu, iyiphi imfanelo okufanele ivelele kithi, futhi ngani?
14 Indlela evelele yokulingisa uBaba wethu osezulwini iwukubonisa uthando. Yebo, kufanele sibe nothando njengaye. (1 Joh. 4:16-19) Eqinisweni, uthando oluphakathi kwethu lusibonakalisa njengabafundi bakaJesu nezinceku zikaJehova. (Joh. 13:34, 35) Nakuba ngezinye izikhathi ukungapheleli esakuzuza ngefa kungase kume endleleni yethu, kumelwe sikuchilizele kude futhi sibonise uthando ngaso sonke isikhathi. Ukuhlakulela uthando nezinye izimfanelo zokwesaba uNkulunkulu kuyosivimbela ekwenzeni izenzo ezingabonisi umusa neziyisono.—2 Pet. 1:5-7.
15. Uthando lubuthinta kanjani ubuhlobo bethu nabanye?
15 Uthando lusenza sifune ukwenza okuhle kwabanye abantu. (Roma 13:8-10) Ngokwesibonelo, uthando phakathi kwabashadile luyobenza bagcine umbhede womshado ungangcolisiwe. Uthando ngabadala kanye nokwazisa ngomsebenzi wabo, luyosisiza ukuba sibalalele futhi sizithobe esiqondisweni sabo. Izingane ezithanda abazali bazo ziyabalalela, zibahloniphe futhi azikhulumi kabi ngabo. Uma sithanda omakhelwane bethu, ngeke sibabukele phansi noma sikhulume nabo ngendelelo. (Jak. 3:9) Abadala abazithandayo izimvu zikaNkulunkulu bayoziphatha ngesisa.—IzE. 20:28, 29.
16. Ukubonisa uthando kuyosisiza kanjani enkonzweni yethu?
16 Imfanelo yothando kufanele ivelele nasenkonzweni yethu. Ngenxa yokuthi simthanda kakhulu uJehova, asisoze savuma ukuntengantengiswa ukungasinaki noma ukusabela kabi kwabathile ensimini. Kunalokho, siyoqhubeka sishumayela izindaba ezinhle. Uthando luyosishukumisela ukuba silungiselele kahle futhi silwele ukuphumelela enkonzweni. Uma simthanda ngempela uNkulunkulu nomakhelwane bethu, ngeke sibheke umsebenzi wokushumayela ngoMbuso njengomsebenzi onzima noma oyisibopho. Kunalokho, siyowubheka njengelungelo elikhulu futhi siwenze ngenjabulo.—Math. 10:7.
QHUBEKA UKHAZIMULISA UJEHOVA
17. Kungani kusizuzisa ukuqaphela ukuthi siyasilela enkazimulweni kaNkulunkulu?
17 Izwe aliqapheli ukuthi isono siyinto engathi sína kangakanani, kodwa thina siyazi. Lokhu kusenza sibone ukuthi kudingeka silwe nokuthambekela kwethu esonweni. Ukuqaphela ukuthi sinesono kusenza siqeqeshe unembeza wethu ozosishukumisela ukuba senze okufanele lapho kuqala ukwakheka isifiso sokona engqondweni nasenhliziyweni yethu. (Roma 7:22, 23) Yebo, sibuthaka, kodwa uNkulunkulu angasiqinisa ukuze senze okulungile kunoma isiphi isimo.—2 Kor. 12:10.
18, 19. (a) Yini esenza sinqobe ekulweni namandla omoya ababi? (b) Yini okufanele sizimisele ukuyenza?
18 Ukuze sikhazimulise uJehova, kumelwe futhi silwe namandla omoya ababi. Isembatho sethu esingokomoya uNkulunkulu asinike sona sisenza siphumelele ekwenzeni lokhu. (Efe. 6:11-13) USathane uDeveli akadeli emizamweni yakhe yokuphuca uJehova inkazimulo efanele Yena yedwa. Uyaqhubeka futhi enza konke okusemandleni akhe ukuze aqede ubuhlobo bethu noJehova. Kodwa yeka imbibizane ayitholayo lapho thina nezigidi zamanye amadoda, abesifazane nezingane sigcina ubuqotho bethu kuNkulunkulu futhi simkhazimulisa yize singaphelele! Khona-ke, masiqhubeke sidumisa uJehova, njengezidalwa zasezulwini ezithi: “Uyakufanelekela, Jehova, yebo Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto, nangenxa yentando yakho zaba khona zadalwa.”—IsAm. 4:11.
19 Kwangathi singazimisela ukuqhubeka sikhazimulisa uJehova, kumnyama kubomvu. Ngokuqinisekile, uyajabula ngokubona abantu abaningi kangaka abathembekile benza konke abangakwenza ukuze bamlingise futhi babonakalise inkazimulo yakhe. (IzAga 27:11) Kwangathi singazizwa njengoDavide, owahlabelela: “O Jehova Nkulunkulu wami, ngiyakudumisa ngayo yonke inhliziyo yami, ngizolikhazimulisa igama lakho kuze kube nini nanini.” (IHu. 86:12) Yeka ukuthi silulangazelela kangakanani usuku lapho siyoyibonakalisa khona ngokuphelele inkazimulo kaJehova futhi sikwazi ukumdumisa phakade! Isintu esilalelayo sizojabulela ukwenza lokhu. Uyayibonakalisa yini inkazimulo kaJehova uNkulunkulu manje, unethemba lokuqhubeka uyibonakalisa phakade?
[Izithombe ekhasini 27]
Uyayibonakalisa yini inkazimulo kaJehova ngalezi zindlela?