Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 5/15 kk. 28-30
  • “Qaphelani Imvubelo YabaFarisi”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Qaphelani Imvubelo YabaFarisi”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Fundani Kimi’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • UJesu Usola Abaphikisi Bakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • UJesu Usola Abaphikisi Bakhe
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Qaphela Ukuzenza Olungile!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 5/15 kk. 28-30

“Qaphelani Imvubelo YabaFarisi”

UJesu waxwayisa abafundi bakhe: “Qaphelani imvubelo yabaFarisi, ewubuzenzisi.” (Luka 12:1) Ukulandisa okucishe kufane nalokhu kwenza kucace ukuthi uJesu wayelahla “imfundiso” yabaFarisi ngala mazwi.—Math. 16:12.

Ngezinye izikhathi iBhayibheli lisebenzisa igama elithi “imvubelo” noma imbiliso njengelifanekisela ukonakala. Akungabazeki ukuthi izimfundiso nesimo sengqondo sabaFarisi kwakunethonya elonakalisayo kubantu ababebalalela. Kungani imfundiso yabaFarisi yayiyingozi?

1 AbaFarisi babeqhosha ngokuthi balungile, futhi bebabukela phansi abantu abavamile.

Lokhu kuzibona belungile kuyavela komunye wemifanekiso kaJesu. Wathi: “UmFarisi wema futhi wathandaza ethi ngaphakathi kuye, ‘O Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuthi anginjengabo bonke abanye abantu, abaphangi, abangalungile, iziphingi, ngisho nanjengalo mthelisi. Ngizila ukudla kabili ngesonto, nginikela okweshumi kwakho konke engikuzuzayo.’ Kodwa umthelisi emi kude, engathandi ngisho nokuphakamisela amehlo akhe ezulwini, wayelokhu eshaya isifuba sakhe, ethi, ‘O Nkulunkulu, yiba nomusa kimi mina soni.’”—Luka 18:11-13.

UJesu wasincoma isimo sengqondo somthelisi sokuzithoba, wathi: “Ngiyanitshela, Lo muntu wehlela kwakhe ebonakaliswe engolungile [kunomFarisi]; ngoba wonke umuntu oziphakamisayo uyothotshiswa, kodwa lowo ozithobayo uyophakanyiswa.” (Luka 18:14) Nakuba abathelisi babedume ngokungathembeki, uJesu wenza umzamo wokusiza abathelisi ababemlalela. Okungenani abathelisi ababili—uMathewu noZakewu—baba abalandeli bakhe.

Yini okufanele siyenze uma sifikelwa umcabango wokuthi singcono kunabanye ngenxa yamakhono noma amalungelo esiwanikwe uNkulunkulu noma ngenxa yamaphutha nobuthakathaka babanye? Kufanele siwususe ngokushesha lowo mcabango, ngoba imiBhalo ithi: “Uthando luyabekezela; uthando lunomusa futhi alunamona ngamuntu. Uthando alulokothi luqhoshe, aluzikhukhumezi, futhi alubonisi ubuluhlaza; alunabugovu nanini, alusheshi ukucasuka. Uthando alugcini mbhalo wokoniwa; alujabuli ngezono zabanye abantu, kodwa lujabulela iqiniso.”—1 Kor. 13:4-6, The New English Bible.

Kufanele sibe nesimo sengqondo esifana nesomphostoli uPawulu. Ngemva kokuthi “uKristu Jesu weza ezweni ezosindisa izoni‚” wanezela: “Kulezi ngingesiphambili.”—1 Thim. 1:15.

Imibuzo yokuzindla:

Ingabe ngiyaqaphela ukuthi ngiyisoni nokuthi insindiso yami ixhomeke emseni ongafanelwe kaJehova? Noma, ingabe ngibheka inkonzo yami yokwethembeka yeminyaka eminingi, amalungelo engiwajabulelayo enhlanganweni kaNkulunkulu, noma amakhono angokwemvelo njengesizathu sokuzizwa ngingcono kunabanye?

2 AbaFarisi babefuna ukuhlaba abanye umxhwele ngokubukisa obala ngo-kulunga kwabo. Babefisa ukuvelela nokubizwa ngeziqu ezibathophayo.

Kodwa uJesu waxwayisa: “Yonke imisebenzi abayenzayo bayenzela ukuba babonwe ngabantu; ngoba bawenza abe banzi amabhokisi aqukethe imibhalo abawafaka njengezivikelo, bandise nezinsephe zezingubo zabo. Bathanda indawo evelele kunazo zonke ezidlweni zakusihlwa nezihlalo ezingaphambili emasinagogeni, nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi Rabi.” (Math. 23:5-7) Phawula umehluko owawukhona phakathi kwesimo sabo sengqondo nesikaJesu. Nakuba eyiNdodana kaNkulunkulu ephelele, wayethobekile. Lapho umuntu othile embiza ngokuthi “omuhle,” uJesu wathi: “Kungani ungibiza ngokuthi ngimuhle? Akekho omuhle, ngaphandle koyedwa, uNkulunkulu.” (Marku 10:18) Kwesinye isenzakalo, uJesu wageza izinyawo zabafundi bakhe, ngaleyo ndlela ebekela abalandeli bakhe isibonelo sokuthobeka.—Joh. 13:1-15.

UmKristu weqiniso kufanele akhonze amaKristu akanye nawo. (Gal. 5:13) Lokhu kudingeka ngokukhethekile kulabo abafuna ukufanelekela ukuba ababonisi ebandleni. Kuyafaneleka ‘ukuzama ukufinyelela ukuba umbonisi,’ kodwa lo mgomo kufanele ushukunyiswe isifiso sokusiza abanye. Lesi sikhundla akusona esokuvelela noma samandla. Labo abakhonza njengababonisi kudingeka babe ‘abathobekile ngenhliziyo,’ njengoJesu.—1 Thim. 3:1, 6; Math. 11:29.

Imibuzo yokuzindla:

Ingabe ngithambekele ekuthandeni abazalwane abanemithwalo yemfanelo ebandleni, mhlawumbe nginethemba lokuthola ukuvelela noma amalungelo engeziwe? Ingabe ngithambekele ekugxileni ngokuyinhloko ezicini zenkonzo kaNkulunkulu ezibonakala zenza umuntu aqashelwe noma adunyiswe? Ngempela, ingabe ngizama ukugqama phambi kwabanye?

3 Amasiko nemithetho yabaFarisi kwenza ukugcina uMthetho kwaba umthwalo osindayo kubantu abavamile.

UMthetho KaMose wanikeza uhlaka lokukhulekela kwama-Israyeli uJehova. Nokho, wawunganikezi imininingwane emincane. Ngokwesibonelo, wawukwenqabela ukusebenza ngeSabatha, kodwa awuzange ucacise ukuthi ikuphi okwakuwumsebenzi nokwakungewona. (Eks. 20:10) AbaFarisi bafuna ukugcwalisa lokho ababekubheka njengemininingwane entulekayo ngemithetho yabo, izincazelo nangamasiko abo. Nakuba uJesu engazange ayinake leyo mithetho yabaFarisi engasekelwe ndawo, wawugcina uMthetho KaMose. (Math. 5:17, 18; 23:23) Wabheka ngalé koMthetho olotshiwe. UJesu wayekuqonda okwakushiwo uMthetho ngempela nesidingo sokubonisa isihe nobubele. Wayecabangela, ngisho nalapho abalandeli bakhe bemdumaza. Ngokwesibonelo, nakuba anxusa abaphostoli bakhe abathathu ukuba bahlale bephapheme futhi belindile ngobusuku bokuboshwa kwakhe, balala ngokuphindaphindiwe. Noma kunjalo, ngozwela wathi: “Yebo, umoya uzimisele, kodwa inyama ibuthakathaka.”—Marku 14:34-42.

Imibuzo yokuzindla:

Ingabe ngifuna ukubeka imithetho eqinile engasekelwe ndawo, noma ukushintsha imibono yami ibe umthetho? Ingabe ngiyacabangela kulokho engikulindele kwabanye?

Zindla ngomahluko ophakathi kwezimfundiso zikaJesu nezabaFarisi. Ingabe uyazibona izici ongathuthuka kuzo? Uma kunjalo, kungani ungazimiseli ukwenza kanjalo?

[Isithombe ekhasini 28]

AbaFarisi babegqoka amabhokisi aqukethe imibhalo.—Math. 23:2, 5

[Izithombe ekhasini 29]

Ngokungafani nabaFarisi abaqhoshayo, abadala abangamaKristu abathobekile bakhonza abanye

[Isithombe ekhasini 30]

NjengoJesu, ingabe ubonisa ukucabangela kulokho okulindele kwabanye?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela