Iziprofetho Ezigcwalisekile
“Akukho nelilodwa izwi kuwo wonke amazwi amahle uJehova uNkulunkulu wenu awakhulumile kini eliye laphutha.”—JOSHUWA 23:14.
LIHLUKE KANJANI IBHAYIBHELI? Ababhuli basendulo babedume ngokubikezela izinto ezididayo nezingathembekile, nababhula ngezinkanyezi namuhla basenza okufanayo. I-Futurology (ucwaningo lokuzama ukufunda ikusasa ngokubuka okwenzeka manje) isekelwe ekuchazeni izinto ezenzeka manje futhi kuyethukela ibikezela izenzakalo kusasele amakhulu eminyaka. Ngokuphambene, iziprofetho zeBhayibheli zihlub udlubu ekhasini futhi ziyiqiniso, ngisho noma zibikezela “izinto ezingakenziwa kusukela kudala.”—Isaya 46:10.
ISIBONELO: Ekhulwini lesithupha B.C.E., umprofethi uDaniyeli wabona umbono owawubikezela ukunqotshwa ngokuphelele kwamaMede namaPheresiya enqotshwa amaGreki. Lo mbono wabuye waveza ukuthi ngokushesha ngemva kokuba inkosi yaseGrisi ‘ibe namandla,’ umbuso wayo ‘wawuzohlukaniswa.’ Ubani owayezongena esikhundleni sayo? UDaniyeli wabhala: “Kukhona imibuso emine eyokuma ivela esizweni sayo, kodwa ingenamandla ayo.”—Daniyeli 8:5-8, 20-22.
OKUSHIWO IZAZI-MLANDO: Ngemva kweminyaka engu-200 uDaniyeli afa, u-Alexander Omkhulu waba inkosi yaseGrisi. Kungakapheli neminyaka eyishumi, u-Alexander wanqoba uMbuso wamaMede namaPheresiya futhi wandisa umbuso wamaGreki waze wayofika eMfuleni i-Indus (namuhla eyiPakistan). Kodwa wafa ngokuzumayo eneminyaka engu-32. Ekugcineni, impi eyayiseduze nase-Ipsus, e-Asia Minor yawuhlakaza uMbuso wamaGreki. Labo babusi abane babe sebehlukaniselana ngalo mbuso. Nokho, akekho kubo owaba namandla njengo-Alexander.
UCABANGANI? Ingabe ikhona enye incwadi engathi ineziprofetho ezigcwaliseke ngaleyo ndlela? Noma ingabe iBhayibheli lihlukile?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]
“Iziprofetho zeBhayibheli . . . ziningi kakhulu ukuba kungazenzakalela nje ukuba zigcwaliseke.”—Incwadi ethi A LAWYER EXAMINES THE BIBLE, KA-IRWIN H. LINTON
[Umthombo Wesithombe ekhasini 4]
© Robert Harding Picture Library/SuperStock