Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 6/1 kk. 12-13
  • UJehova Uye Wangivula Amehlo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJehova Uye Wangivula Amehlo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuphila EKinshasa
  • Ukuphinde Ngithole Injabulo Ekuphileni
  • UJehova Uye Wanginika “Amehlo”
  • Manje Sengingakwazi Ukusiza Abanye
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Isifiso Sami Esivuthayo Sokukhonza UNkulunkulu
    I-Phaphama!—1992
  • Ngiwusizo Futhi Ngiyajabula Nakuba Ngiyimpumputhe
    I-Phaphama!—1999
  • Ngiyabonga Ngokusekela KukaJehova Okuqinisekile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 6/1 kk. 12-13

UJehova Uye Wangivula Amehlo

Ilandiswa uPatrice Oyeka

Ngelinye ilanga kuntambama, ngemva kokuphela kolunye usuku losizi olwalubangelwa ukuba kwami impumputhe nokuba nesizungu, ngangilalele umsakazo kodwa ngingezwa nokuthi kuthiwani—nganquma ukuzibulala. Ngathela ushevu oyimpuphu enkomishini yamanzi ngase ngiyibeka etafuleni elaliphambi kwami. Ngangifuna ukugeza okokugcina bese ngigqoka kahle ngaphambi kokuba ngiwuphuze bese kuphela konke ngami. Yini eyabangela ukuba ngifune ukuzibulala? Futhi kwenzeka kanjani ukuthi ngisawadla anhlamvana ukuze ngilandise le ndaba?

NGAZALWA ngo-February 2, 1958, esifundazweni saseKasaï Oriental, eDemocratic Republic of the Congo. Ubaba washona ngingumfanyana oneminyaka engu-9, futhi ngakhuliswa umfowethu omdala.

Lapho sengiqede isikole, ngathola umsebenzi endaweni okutshalwa kuyo izihlahla zenjoloba. Ngelinye ilanga ekuseni ngo-1989, ngibhala umbiko ehhovisi lami, kwavele kwahlwa emini, kwaba mnyama bhuqe emehlweni. Ngaqale ngacabanga ukuthi kuhamba ugesi, kodwa ngangiwuzwa umshini ophehla ugesi uduma ngale kwalokho kwakusekuseni. Ngathuka kwaphela nasozwaneni, ngaqaphela ukuthi angisaboni lutho, angisaboni ngisho nalokhu ebengikubhala!

Ngabiza enye indoda eyayisebenza ngaphansi kwami ngayicela ukuba ingiphuthumise emtholampilo wasemsebenzini. Indoda eyayisebenza khona yathi kungcono ngiyiswe kudokotela onolwazi oluthé xaxa edolobheni. Udokotela wabona ukuthi emehlweni ami kudabuke ulwelwesi olungaphakathi nokuthi isimo sami sibucayi, wabe esengiyisa enhloko-dolobha, eKinshasa.

Ukuphila EKinshasa

SengiseKinshasa, ngaya kodokotela abaningi bamehlo kodwa akekho owakwazi ukungisiza. Ngemva kwezinsuku ezingu-43 ngisesibhedlela, odokotela baphetha ngokuthi ngizoba impumputhe ukuphila kwami konke! Umndeni wakithi wangiyisa kuzo zonke izinhlobo zamasonto ufuna ukuba ngelashwe ngokuyisimangaliso, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

Ekugcineni ngahlanza ngedela ekutheni ngiyoke ngiphinde ngibone. Yonke into yavele yaba mnyama ekuphileni kwami. Ngase ngiyimpumputhe futhi ngalahlekelwa umsebenzi. Ngalahlekelwa nawumkami, owavele wangishiya, wahuqula yonke into endlini. Nganginamahloni okuhlangana nabanye abantu. Ngaba unkom’ idlayodwa futhi ngizizwa ngingento yalutho.

Ngazama kabili ukuzibulala. Isigameko sesibili yilesi engisichaze ekuqaleni. Ngasizwa umntwana omncane wasekhaya. Engazi nakwazi, wathatha leyo nkomishi ngisageza wayichitha. Ngibonga nje ukuthi akazange awuphuze lowo shevu. Ngadumala kabi lapho ngiphuma ngingasayitholi leyo nkomishi. Ngabe sengitshela abasekhaya lonke iqiniso, ukuthi ngiyifunelani nokuthi bengihlose ukwenzani.

Ngiyambonga uNkulunkulu nabasekhaya ngokunginakekela. Icebo lami lokuzibulala labhuntsha.

Ukuphinde Ngithole Injabulo Ekuphileni

Ngonyaka ka-1992, ngeSonto ngihleli ekhaya ngibhema, kwafika oFakazi BakaJehova ababili beshumayela endlini ngendlu. Bebona ukuthi ngiyimpumputhe, bangifundela umBhalo ka-Isaya 35:5: “Ngaleso sikhathi amehlo ezimpumputhe ayovulwa, nazo kanye izindlebe zabayizithulu ziyovulwa.” Inhliziyo yami yaphuphuma injabulo lapho ngizwa lawo mazwi! Ngokuphambene nalokho engangikuzwe emasontweni engake ngaya kuwo, oFakazi abazange bathi ngizophulukiswa ngokuyisimangaliso. Kunalokho, bangichazela ukuthi ngizophinde ngibone ezweni elisha elithenjiswa uNkulunkulu, uma nje ngizofunda ngaye. (Johane 17:3) Angipholisanga maseko, ngaqala ukufunda iBhayibheli noFakazi, ngencwadi ethi Ungaphila Phakade Epharadesi Emhlabeni. Ngaqala nokuya kuyo yonke imihlangano yobuKristu eHholo LoMbuso lasendaweni futhi ngashintsha ukuphila kwami. Ngayeka ukubhema.

Ukuba kwami impumputhe kwakuyithiya intuthuko yami engokomoya. Ngakho, ngaya esikoleni sabangaboni ngiyofunda ukufunda nokubhala i-Braille. Lokhu kwangisiza ukuba ngikwazi ukuba nengxenye esikoleni sokuqeqeshelwa inkonzo esiseHholo LoMbuso. Ngokushesha ngaqala ukushumayela komakhelwane bami. Ngaphinde ngathola injabulo ekuphileni. Ngaqhubeka ngithuthuka futhi nganikezela ukuphila kwami kuJehova. Ngabhapathizwa ngo-May 7, 1994.

Njengoba uthando lwami ngoJehova nabantu lwalukhula, ngaba nesifiso sokungenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Kusukela ngo-December 1, 1995, bengilokhu ngiyiphayona elivamile, isikhonzi sesikhathi esigcwele. Ngibuye ngaba nelungelo lokukhonza njengomdala ebandleni lakithi kusukela ngo-February 2004. Ngezinye izikhathi ngimenywa kwamanye amabandla asendaweni ukuba ngiyonikeza izinkulumo zeBhayibheli. Zonke lezi zibusiso zingilethela injabulo enkulu futhi zingenza ngikhumbule ukuthi akukho kukhubazeka okungavimbela isifiso sami sokukhonza uJehova uNkulunkulu.

UJehova Uye Wanginika “Amehlo”

Njengoba ngichazile ekuqaleni, umkami wangishiya ngoba sengiyimpumputhe. Kodwa ngiye ngathola isibusiso esikhulu kuJehova. Ngendlela ekhethekile, uye wangipha amanye amehlo ukuze ngibone. U-Anny Mavambu owavuma ukuba umkami naphezu kokukhubazeka kwami, manje usengamehlo ami. Njengoba naye eyisikhonzi sesikhathi esigcwele uhlale ehamba nami enkonzweni. Ungifundela nezincwadi okusekelwe kuzo izinkulumo zami ukuze ngikwazi ukubhala amaphuzu athile nge-Braille. Uyisibusiso esikhethekile kimi. Ngenxa yakhe, ngiye ngabona ubuqiniso bamazwi atholakala kuzAga 19:14: “Ifa elivela kobaba lingumuzi nomcebo, kodwa umfazi oqondayo uvela kuJehova.”

UJehova uphinde wasibusisa ngezingane ezimbili—umfana nentombazane. Ngikubheke ngabomvu ukubabona ukuthi banjani ebusweni ePharadesi! Esinye isibusiso ukuthi umfowethu omdala, osibonise umusa ngokusivumela ukuba sihlale endaweni yakhe, wamukele iqiniso leBhayibheli futhi usebhapathiziwe! Sonke sisebandleni elilodwa.

Naphezu kokukhubazeka kwami, nginesifiso sokwenza okwengeziwe ekukhonzeni uNkulunkulu ngokungibusisa kakhulu kangaka. (Malaki 3:10) Nsuku zonke ngithandazela ukuba uMbuso kaNkulunkulu ufike ususe konke ukuhlupheka emhlabeni. Selokhu ngaqala ukwazi uJehova, ngingasho kugcwale umlomo: “Isibusiso sikaJehova—yiso esicebisayo, futhi akenezeli ubuhlungu kanye naso.”—IzAga 10:22.

[Izithombe ekhasini 13]

Nginikeza inkulumo yeBhayibheli; nginomkhaya wami nomfowethu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela