Sondela KuNkulunkulu
‘Umphefumulo Wakho Uyokhothamela Phezu Kwami’
UKUTHOBEKA kuyakhanga. Sivame ukudonseleka kulabo abanomoya othobekile. Nokho, kuyadumaza ukuthi kuleli zwe lanamuhla kunzima ukuthola ukuthobeka kwangempela—ikakhulukazi kulabo abanamandla noma igunya phezu kwabanye. Kuthiwani ngoJehova uNkulunkulu, uMuntu omkhulu kunabo bonke kuyo yonke indawo? Ingabe uthobekile? Ake sihlole amazwi omprofethi uJeremiya atholakala encwadini yesiLilo 3:20, 21.—Yifunde.
UJeremiya waloba isiLilo ngesikhathi esinzima emlandweni wakwa-Israyeli. Wayesanda kubona into eyamzwisa ubuhlungu obukhulu—ukubhujiswa kweJerusalema ayelithanda, libhujiswa abaseBhabhiloni. Lo mprofethi owayezwa ubuhlungu wayazi ukuthi lesi sahlulelo esivela kuNkulunkulu siwafanele ama-Israyeli ngenxa yokona kwawo. Kodwa ingabe uJeremiya wasala engenathemba? Ingabe wezwa sengathi uJehova ukude kakhulu noma uphezulu kakhulu ukuba angabona ukuphenduka kwabantu futhi abaduduze? Lalela njengoba uJeremiya ekhulumela abantu.
Nakuba abantu abaningi besebunzimeni, uJeremiya unethemba. Ukhala kuJehova: “Nakanjani umphefumulo wakhoa [uJehova uqobo] uyokhumbula ukhothamele phezu kwami.” (Ivesi 20) UJeremiya akangabazi. Uyazi ukuthi uJehova ngeke amkhohlwe—noma labo abaphendukile kubantu baKhe. Uzokwenzani-ke uNkulunkulu uMninimandla onke?—IsAmbulo 15:3.
UJeremiya uyaqiniseka ngokuthi uJehova ‘uyokhothamela’ labo abaphenduka ngeqiniso. Enye inguqulo ithi: “O khumbula, bese wehlela kimi.” Lawo mazwi asisiza sibone ukuthi uJehova unomusa. UJehova, ‘ongoPhezukonke emhlabeni wonke,’ uyokwehla, ngomqondo ongokomfanekiso, futhi aphakamise abakhulekeli bakhe ehlazweni labo futhi abaphe umusa wakhe. (IHubo 83:18) Ngaleli themba, uJeremiya uthola induduzo yangempela. Lo mprofethi othembekile wayezimisele ukulinda ngesineke kuze kube isikhathi sikaJehova esimisiwe sokukhulula abantu baKhe abathembekile.—Ivesi 21.
Amazwi alotshwa uJeremiya ngempela asifundisa izinto ezimbili ngoJehova. Okokuqala, uthobekile. (IHubo 18:35) Nakuba ‘ephakeme ngamandla,’ uJehova uzimisele ukuzehlisa ukuze asisize lapho sizizwa siphansi. (Jobe 37:23; IHubo 113:5-7) Akududuzi yini lokho? Okwesibili, uJehova unesihe; “ukulungele ukuthethelela” izoni eziphendukayo futhi abuye azinike umusa wakhe. (IHubo 86:5) Lezo zimfanelo ezimbili—ukuthobeka nesihe—ziyahambisana.
Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi uJehova akafani nababusi abangabantu, okuqhosha kwabo kubenza babe nenkani futhi bangakhathaleli muntu! Awushukumiseleki yini ukufunda okwengeziwe ngoNkulunkulu othobekile okulungele ‘ukukhothama’ ukuze aphakamise abakhulekeli bakhe abacindezelekile abanike ithemba?
Izahluko zeBhayibheli ongazifunda ngo-June:
◼ Jeremiya 51-52; IsiLilo 1-5–Hezekeli 1-5
[Umbhalo waphansi]
a Ababhali basendulo bashintsha leli vesi bathi “umphefumulo wami,” njengokungathi libhekisela kuJeremiya. Ngokusobala babekholelwa ukuthi ukungahloniphi ukubiza uNkulunkulu ngokuthi umphefumulo, igama iBhayibheli elilisebenzisela izidalwa zasemhlabeni. Kodwa iBhayibheli livame ukuchaza uNkulunkulu ngendlela ezoqondwa abantu. Njengoba igama elithi “umphefumulo” lingase lisho “ukuphila esinakho,” ibinzana elithi “umphefumulo wakho” lisho ukuthi “wena.”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 14]
UJehova uzimisele ukuzehlisa ukuze asisize lapho sizizwa siphansi