Fundiswa YiZwi LikaNkulunkulu
UJesu Waba Nini INkosi?
Lesi sihloko sizodingida imibuzo okungenzeka ukuthi uke wazibuza yona futhi sikubonise ukuthi ungazitholaphi izimpendulo eBhayibhelini lakho. OFakazi BakaJehova bazokujabulela ukuxoxa nawe ngalezi zimpendulo.
1. Wathenjiswa muphi uMbuso uJesu?
UNkulunkulu wathembisa ukuthi inzalo yeNkosi uDavide yayiyohlala esihlalweni saKhe sobukhosi kuze kube phakade. Leyo nzalo eyayibikezelwe kwakunguJesu, futhi uyabusa manje ezulwini njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu.—Funda iHubo 89:4; Luka 1:32, 33.
Ngesikhathi uDavide esengumfana, uNkulunkulu wamkhetha ukuba abe yinkosi phezu kwabantu baKhe, u-Israyeli. Lapho uDavide efa, uSolomoni, owayekhethwe uJehova, wahlala “esihlalweni sobukhosi sikaJehova.” (1 IziKronike 28:4, 5; 29:23) Ngemva kokufa kukaSolomoni, maningi amakhosi abusa eJerusalema, kodwa iningi lawo lalingathembekile. Ekugcineni, uJehova wavumela amabutho aseBhabhiloni ukuba abhubhise iJerusalema futhi asuse inkosi eyayibusa. Lokho kwenzeka ngonyaka ka-607 B.C.E. Kusukela ngaleso sikhathi, ayikho inkosi esohlwini lozalo lukaDavide eyabusa emzini waseJerusalema ongokoqobo.—Funda uHezekeli 21:27.
2. Kwadlula isikhathi eside kangakanani uMbuso kaNkulunkulu ungamelelwe emhlabeni?
Ngokushesha nje ngemva kokubhujiswa kweJerusalema, uJehova watshela umprofethi wakhe uDaniyeli ukuthi wayezokhetha inkosi ezobusa isezulwini. Ukubusa kwayo kwakuyoqala nini?—Funda uDaniyeli 7:13, 14.
UDaniyeli wachaza umbono uNkulunkulu ayala kuwo ukuba umuthi omkhulukazi ugawulwe, njengoba nje ayeyale ukuba umbuso owawuseJerusalema ugawulwe futhi ubhujiswe. Kodwa izimpande zomuthi kwakufanele zishiywe emhlabathini ukuze kuthi ngemva ‘kwezikhathi eziyisikhombisa’ ukhule futhi. IBhayibheli libonisa ukuthi “izikhathi” ezintathu nengxenye zilingana nezinsuku ezingu-1 260, ngakho “izikhathi eziyisikhombisa” zilingana nezinsuku ezingu-2 520. (IsAmbulo 12:6, 14) Esiprofethweni seBhayibheli, izinsuku zivame ukumelela iminyaka. (Numeri 14:34) Ngakho, uMbuso kaNkulunkulu wawuyohlala ungamelelwe iminyaka engu-2 520.—Funda uDaniyeli 4:10-17.
3. UJesu waba nini iNkosi?
UNkulunkulu wabeka uJesu njengeNkosi ezulwini ngo-1914, khona kanye emva kweminyaka engu-2 520 kubhujiswe iJerusalema. Isenzo sokuqala uJesu asenza njengeNkosi kwaba ukuxosha uSathane namademoni akhe ezulwini. (IsAmbulo 12:7-10) Lesi senzakalo asizange sibonakale emehlweni abantu, kepha umphumela waba inhlekelele eyabonwa uwonk’ uwonke. (IsAmbulo 12:12) Izenzakalo ezisukela ku-1914 ziqinisekisa ukuthi uJesu waba iNkosi ngalowo nyaka.—Funda uMathewu 24:14; Luka 21: 10, 11, 31.
4. Ubukhosi bukaJesu busho ukuthini ngawe?
Ukugcwaliseka kweziprofetho mayelana nobukhosi bukaJesu kufakazela ukuthi ungathembela eZwini likaNkulunkulu. Maduzane, uJesu uzosebenzisa amandla akhe njengenkosi ukuze akhulule isintu kukho konke ukuhlupheka.—Funda iHubo 72:8, 12, 13; Daniyeli 2:44.
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka amakhasi 215-218 encwadi, Lifundisani Ngempela IBhayibheli?, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Ishadi emakhasini 16, 17]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
October October
607 B.C.E. 1914 C.E.
← iminyaka engu-2 520 →
1000 B.C.E. 1 B.C.E. 1 C.E. 1000 C.E. 2000 C.E.
← iminyaka engu-606,25 →← iminyaka engu-1 913,75 →
Umbuso Sebenzisa umshini wokubala: UNkulunkulu ubeka
waseJerusalema 606,25 uJesu njengeNkosi
uyabhujiswa + 1 913,75 enamandla phezu kwezizwe
= 2 520