Ukuphila Ngezikhathi ZeBhayibheli—Umdobi
“Njengoba [uJesu] ayehamba eceleni kolwandle lwaseGalile wabona izelamani ezimbili, uSimoni obizwa ngokuthi uPetru no-Andreya umfowabo, zehlisela inetha lokudoba olwandle, ngoba zazingabadobi. Wathi kuzo: “Ngilandeleni, ngizonenza abadobi babantu.’”—MATHEWU 4:18, 19.
UKULANDISA kwamaVangeli kukhuluma kaningi ngezinhlanzi, ukudoba nabadobi. Eqinisweni, akumangazi ukuthi uJesu wenza imifanekiso eminingi ngokudoba. Isikhathi esiningi wayefundisa eduze koLwandle LwaseGalile noma ogwini lalo. (Mathewu 4:13; 13:1, 2; Marku 3:7, 8) Leli chibi elihle elinamanzi ahlanzekile lithi alibe ngamakhilomitha angu-20 ubude nangu-11 ububanzi. Cishe abaphostoli bakaJesu abangu-7—uPetru, u-Andreya, uJakobe, uJohane, uFiliphu, uThomase noNathaniyeli—babengabadobi.—Johane 21:2, 3.
Kwakunjani ukuba umdobi ngosuku lukaJesu? Ake sifunde kancane ngala madoda nomsebenzi wawo. Ukwazisa kwakho abaphostoli kuzojula futhi kuthuthukise ukuqonda kwakho izenzo nemifanekiso kaJesu. Okokuqala, hlola ukuthi kwakunjani ukusebenza oLwandle LwaseGalile.
“Ulwandle Lwayaluza Kakhulu”
ULwandle LwaseGalile luphahlwe izintaba, luphansi ngamamitha angu-210. Ugu luzungezwe amadwala, ngasenyakatho kunentaba enkulukazi iHermoni. Ebusika, umoya obandayo ungase wenze kugubhe amagagasi amancane. Ehlobo, umoya ofudumele umboza amanzi. Kungazelelwe, iziphepho ezinamandla ziyehla zivela ezintabeni ezizungezile futhi zikhiphele ulaka lwazo ematilosini ahamba olwandle. UJesu nabafundi bakhe bake bahlaselwa isiphepho esinjalo.—Mathewu 8:23-27.
Abadobi babehamba ngesikebhe esithi asibe ngamamitha angu-8 ubude futhi ubukhulu baso buthi abube ngamamitha amabili. Izikebhe zabo eziningi zazinensika negumbi lokukhosela ngemuva. (Marku 4:35-41) Lezi zikebhe ezihamba kancane kodwa eziqinile zazikwazi ukubekezelela umoya owawuphephula useyili nensika ukuyise kolunye uhlangothi kuyilapho isisindo senetha siwudonsela kolunye.
Amadoda ayeqondisa isikebhe ngamaphini okugwedla ayeba nhlangothi zombili. Isikebhe sasivame ukuba nabadobi abayisithupha noma ngaphezulu. (Marku 1:20) Ngaphezu kwalokho, isikebhe sasiba nezinto ezizosetshenziswa njengoseyili welineni (1), indophi (2), amaphini okugwedla (3), ihange letshe (4), izingubo ezomile, ezifudumele (5), ukudla (Marku 8:14) (6), obhasikidi (7), umqamelo (Marku 4:38) (8), kanye nenetha (9). Kungenzeka babephatha nezinto zokuntanta ezengeziwe (10), umthofu owenza inetha lizike (11), amathuluzi okulungisa (12), kanye nezibani (13).
“Babamba Izinhlanzi Eziningi Kakhulu”
Namuhla, njengasekhulwini lokuqala, izindawo ezikahle zokudoba oLwandle LwaseGalile zitholakala ezindaweni eziningi lapho imithombo nemifula ingenisa khona olwandle. Kulezi zindawo, izimila zingena olwandle futhi zihehe izinhlanzi. Ukuze bazibambe, abadobi bangosuku lukaJesu babedoba ebusuku bekhanyise ngezibani. Kwesinye isenzakalo, abanye babafundi bakaJesu badoba ubusuku bonke bengabambi lutho. Kodwa ngosuku olulandelayo, belandela isiqondiso sikaJesu, baphinda baphonsa amanetha abo futhi babamba izinhlanzi eziningi kangangokuba isikebhe sacishe sacwila.—Luka 5:6, 7.
Ngezinye izikhathi babedoba emanzini ajulile. Kwakuthi uma sebefike endaweni abadoba kuyo bese besebenza njengeqembu. Amadoda ayelula inetha phakathi nezikebhe; bese egwedla eqhelelana, elinye iqembu liye ngakwesokudla elinye ngakwesobunxele, avumele inetha lendlaleke njengoba ezungeza izinhlanzi. Lapho izikebhe sezizizungezile izinhlanzi, ayebe esilivala. Abadobi babebe sebedonsa izintambo eziboshelwe emakhoneni enetha elinezinhlanzi ezibanjiwe. Kungenzeka ukuthi inetha lalingaphezu kwamamitha angu-30 ubude futhi lijule ngamamitha angaba mabili, lalilikhulu ngokwanele ukuba libambe izinhlanzi eziningi. Ingxenye engaphezulu yenetha yayinezinto ezilenza lintante, ingxenye engaphansi iboshwe ngomthofu. Abadobi babelungisa inetha labo, bese belokhu beliphonsa bephindelela.
Emanzini angashoni, iqembu labadobi lalisebenzisa indlela ehlukile. Isikebhe esisodwa sasidonsa uhlangothi lwenetha singene nalo olwandle, sizungeze izinhlanzi bese sijika sibuyela ogwini nazo. Amadoda osogwini ayebe esedonsa inetha achithe izinhlanzi ogwini bese ezihlunga. Ayefaka ezamukelekayo ezitsheni. Ezinye zazidayiselwa umphakathi. Eziningi zezinhlanzi zazomiswa zifakwe usawoti noma zicwiliswe kuviniga, zifakwe ezimbizeni zobumba bese zithunyelwa eJerusalema noma kwamanye amazwe. Izinhlanzi ezingenamazenga noma izigwedlo, njengemibokwane, zazibhekwa njengezingahlanzekile futhi zazilahlwa. (Levitikusi 11:9-12) UJesu wayebhekisela kulolu hlobo lokudoba lapho efanisa “umbuso wamazulu” nenetha, nezinhlobo ezihlukahlukene zezinhlanzi njengabantu abahle nababi.—Mathewu 13:47-50.
Uma umdobi eyedwa wayesebenzisa usinga lwethusi olunengwegwe olunesiyengo. Noma asebenzise inetha elincane eliphonswayo. Ukuze aphonse inetha, wayengena emanzini, abeke inetha engalweni, aliphakamise abese eliphonsela kude naye. Leli netha lalibe seleluleka lingene emanzini bese liyazika. Uma umdobi kumhambele kahle, inetha lalibe selibambe izinhlanzi ezimbalwa uma eselidonsa ngentambo.
Amanetha ayebiza futhi kuwumsebenzi onzima ukuwanakekela, ngakho babewasebenzisa ngokucophelela. Umdobi wayechitha isikhathi esiningi elungisa, egeza futhi omisa amanetha—imisebenzi okwakudingeka ayenze uma ebuya ukuyodoba. (Luka 5:2) Umphostoli uJakobe nomfowabo uJohane babehleli esikebheni sabo belungisa amanetha lapho uJesu ebamema ukuba bamlandele.—Marku 1:19.
Phakathi kwezinhlobo zezinhlanzi ezazifunwa kakhulu abadobi bangekhulu lokuqala kwakuyi-tilapia eyayitholakala ngobuningi. Lolu hlobo lwenhlanzi lwaluwukudla okuvamile kubantu abaningi eGalile futhi cishe noJesu wayeyidla le nhlanzi emnandi. Kungenzeka futhi ukuthi wasebenzisa ama-tilapia omisiwe futhi afakwa usawoti lapho enza isimangaliso sokusuthisa izinkulungwane ngezinhlanzi ezimbili. (Mathewu 14:16, 17; Luka 24:41-43) Lolu hlobo lwenhlanzi luvame ukutshuza namazinyane alo emlonyeni. Nokho, uma lingathwele amazinyane alo, lingase lithwale itshe ngomlomo noma lize licoshe uhlamvu lwemali olucwebezelayo olusekujuleni kolwandle.—Mathewu 17:27.
Ngekhulu lokuqala, abadobi abaphumelelayo babebekezela, bekhuthele, futhi bezimisele ukukhuthazelela ubunzima ukuze bathole umklomelo. Ngokufanayo, labo abamukela isimemo sikaJesu sokuhlanganyela naye emsebenzini wokwenza abafundi babedinga izimfanelo ezinjengalezi ukuze babe ‘abadobi babantu’ abaphumelelayo.—Mathewu 28:19, 20.
[Isithombe ekhasini 19]
(Bheka encwadini)