Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 9/1 kk. 30-31
  • UGehazi Wajeziswa Ngenxa Yokuhaha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UGehazi Wajeziswa Ngenxa Yokuhaha
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Intombazane Isiza Induna
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Yayifuna Ukusiza
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Wayenenkani Kodwa Ekugcineni Walalela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Ibutho LikaJehova Lomlilo
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 9/1 kk. 30-31

Fundisa Izingane Zakho

UGehazi Wajeziswa Ngenxa Yokuhaha

IKHONA into owake wayifuna kakhulu?—a Uma kunjalo, ufana nabantu abaningi. Kodwa kufanele yini uzame ukuthola okufunayo ngokuqamba amanga?— Cha, akufanele. Umuntu owenza lokho uyahaha. Ake sibone ukuthi umuntu okuthiwa uGehazi wajeziswa kanjani ngenxa yokuhaha. Wayeyisikhonzi sika-Elisha, umprofethi kaNkulunkulu weqiniso, uJehova.

U-Elisha noGehazi babephila kudala, kusasele cishe iminyaka eyinkulungwane ngaphambi kokuba iNdodana kaNkulunkulu, uJesu, izalwe emhlabeni. UJehova wasebenzisa u-Elisha ukuba enze izinto ezinhle kakhulu—enze izimangaliso! Ngokwesibonelo, iBhayibheli lisitshela ngendoda eyayibalulekile ebuthweni lezempi laseSiriya eyayinesifo esibi okuthiwa uchoko. Akekho owayengayelapha, kodwa u-Elisha uyayelapha.

Uma u-Elisha esetshenziswa uNkulunkulu ukuba asize abantu babe ngcono, akayithathi imali yabo. Uyazi ukuthi kungani?— Kungoba u-Elisha uyazi ukuthi lezo zimangaliso zivela kuJehova—aziveli kuye. Lapho uNahamani eselaphekile, ujabula kakhulu kangangokuba ufuna ukupha u-Elisha izipho zegolide, isiliva nezingubo ezinhle. U-Elisha akafuni kuthatha lutho, kodwa uGehazi uyazifuna nje kakhulu lezi zipho.

Ngemva kokuba uNahamani ehambile, uGehazi uyagijima amlandele kodwa angamtsheli u-Elisha. Lapho uGehazi emfica, uyazi ukuthi uthini kuye?— Uthi ‘u-Elisha ungithumile ukuba ngikutshele ukuthi sekufike izivakashi ezimbili. Ucela izingubo ezimbili zokushintsha ukuze anike la madoda afikile.’

Kodwa amanga lawa! UGehazi uqamba amanga uthi kufike izivakashi ezimbili. Uqamba amanga ngoba efuna izingubo uNahamani abezama ukuzipha u-Elisha. UNahamani yena akakwazi lokhu. Ngakho uyamnika uGehazi lezi zipho. UNahamani uze anike uGehazi okuningi kunalokho akucelile. Uyazi ukuthi kube sekwenzekani?—

Lapho uGehazi efika endlini, u-Elisha uyambuza: ‘Uvelaphi?’

UGehazi uyaphendula, ‘Eh, angizange ngiye ndawo.’ Kepha uJehova usemazisile u-Elisha ukuthi uGehazi wenzeni. Ngakho u-Elisha uthi: ‘Lesi akusona isikhathi sokwamukela imali nezingubo!’

UGehazi uthathe imali nezingubo okungezona ezakhe. Ngakho uNkulunkulu wenza ukuba uchoko lukaNahamani lube kuGehazi. Ucabanga ukuthi sifundani kulokhu?— Sifunda ukuthi akufanele siqambe amanga.

Kungani uGehazi aqamba amanga?— Kungoba wayehaha. Wayefuna ukuthola izinto okungezona ezakhe futhi wazama ukuzithola ngokuqamba amanga. Ngenxa yalokho, waphathwa isifo esibi ukuphila kwakhe konke.

Empeleni kunokunye okubi kakhulu kunochoko okwenzeka kuGehazi. Uyazi ukuthi kuyini lokho?— UNkulunkulu akabange esamthanda. Masingalokothi senze into eyokwenza ukuba uNkulunkulu angabe esasithanda! Kunalokho, masibe nomusa futhi silungele ukupha abanye izinto esinazo.

Funda eBhayibhelini lakho

  • 2 AmaKhosi 5:5, 20-27; Jude 21

  • Johane 15:10

a Uma ufunda nengane, udwi ukukhumbuza ukuba ume bese uyikhuthaza ukuba iveze umbono wayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela