Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 10/1 kk. 7-8
  • Inkohlakalo Izophela!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Inkohlakalo Izophela!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ithonya Lesono
  • Ithonya Lezwe Elibi Esihlala Kulo
  • Ithonya LikaSathane UDeveli
  • Ingabe Inkohlakalo Yohulumeni Iyoke Iphele?
    Izihloko Ezengeziwe
  • Isithembiso Sezwe Elingenakho Ukonakala
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Ukulwa Nokonakala Ngenkemba Yomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Kungani Kunokonakala Okungaka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 10/1 kk. 7-8

Inkohlakalo Izophela!

“Themba uJehova ugcine indlela yakhe. . . Lapho ababi benqunywa, uyokubona.”—IHUBO 37:34.

INGABE nawe njengabantu abaningi wesaba ukuthi inkohlakalo ayisoze yaphela? Uma kunjalo, ukwesaba kwakho kuyaqondakala. Kuwo wonke umlando, abantu baye bazama zonke izinhlobo zohulumeni ongazicabanga. Nokho, abazange baphumelele ukuyiqeda nyá inkohlakalo. Ingabe likhona ithemba lokuthi kuyoke kube nesikhathi lapho bonke abantu beyosebenzisana ngokwethembeka?

Ngokujabulisayo, impendulo yeBhayibheli inguyebo! Lisitshela ukuthi maduze uNkulunkulu uzothatha isinyathelo sokuqeda inkohlakalo emhlabeni. Uzokwenza kanjani lokho? Uyosebenzisa uMbuso wakhe, uhulumeni wasezulwini oyowushintsha ngokuphelele umhlaba wethu. Lona uMbuso uJesu afundisa abalandeli bakhe ukuba bawuthandazele. Emthandazweni WeNkosi noma uBaba Wethu, uJesu wathi: “Mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni.”—Mathewu 6:10, iBhayibheli lesiZulu elivamile.

Ngokuphathelene noMbusi walowo Mbuso, uJesu Kristu, iBhayibheli labikezela: “Iyokhulula ompofu okhalela usizo, nohluphekile nanoma ubani ongenamsizi. Iyohawukela ophansi nompofu, imiphefumulo yabampofu iyoyisindisa. Iyokhulula umphefumulo wabo ekucindezelweni nasebudloveni.” (IHubo 72:12-14) Phawula ukuthi uJesu unozwela kulabo abayizisulu zenkohlakalo, futhi uzokuthathela isinyathelo ukucindezelwa! Akududuzi yini lokho?

Njengoba izintambo ziyobe ziphethwe uMbusi onozwela nonamandla, uMbuso kaNkulunkulu uyoyiqeda yonke inkohlakalo emhlabeni. Kanjani? Ngokuqeda izimbangela ezintathu zenkohlakalo.

Ithonya Lesono

Okwamanje, sonke kumelwe silwe nesono esisenza sibe nobugovu. (Roma 7:21-23) Noma kunjalo, basekhona abantu abalungile abafuna ukwenza okuhle. Babonisa ukholo egazini likaJesu elihlengayo futhi bangathethelelwa izono zabo.a (1 Johane 1:7, 9) Abantu abanjalo basethubeni lokuzuza esenzweni sikaNkulunkulu sothando olukhulu kunalo lonke, njengoba sifunda ngaso kuJohane 3:16: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.”

UNkulunkulu uzobenzela into emangalisayo abantu abathembekile. Ezweni elisha elizayo, uyosusa yonke iminonjana yesono, kancane kancane enze abantu abathembekile baphelele futhi babe nokuma okuhle naye. (Isaya 26:9; 2 Petru 3:13) Ithonya lesono elenza abantu babe nenkohlakalo ngeke liphinde libe khona. EMbusweni kaNkulunkulu, abantu abathembekile ‘bayokhululwa ekugqilazweni ukonakala.’—Roma 8:20-22.

Ithonya Lezwe Elibi Esihlala Kulo

Kuyadabukisa ukuthi namuhla abantu abaningi bahlukumeza abanye ngamabomu. Basizakala ngophansi nohluphekile futhi bathonya abanye ukuba nabo benze ukukhohlakala. IBhayibheli liyala abanjalo: “Umuntu omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu olimazayo imicabango yakhe.” Uma abantu abakhohlakele bephenduka, iBhayibheli lithembisa ukuthi uNkulunkulu “uyothethelela ngendlela enkulu.”—Isaya 55:7.

Nokho, uNkulunkulu uyobasusa labo abenqaba ngenkani ukushintsha izindlela zabo. NgoMbuso kaNkulunkulu, lesi sithembiso seBhayibheli siyogcwaliseka: “Themba uJehova ugcine indlela yakhe . . . Lapho ababi benqunywa, uyokubona.”b (IHubo 37:34) Lapho ububi obedlulele bungasekho, abakhulekeli bakaNkulunkulu abathembekile ngeke besaba izisulu zenkohlakalo.

Ithonya LikaSathane UDeveli

USathane uDeveli uyisoni esingasoze saphenduka. Yeka ukuthi simbonga kangakanani uJehova ngoba maduze uzovimba uSathane ukuba angabe esabathonya abantu. Ekugcineni, uNkulunkulu uzombhubhisa ngokuphelele uSathane. Lesi sikhohlakali esibi ngeke siphinde sithonye abantu ukuba benze ngokukhohlakala.

Yiqiniso, ukucabanga ngokuthi uNkulunkulu uyoziqeda zonke izimbangela zenkohlakalo kungase kubonakale kuyisifiso nje. Ungase uzibuze, ‘Ingabe ngempela uNkulunkulu unawo amandla okwenza lolu shintsho? Uma kunjalo, kungani engakalwenzi?’ Yimibuzo emihle leyo, futhi iBhayibheli linikeza izimpendulo ezigculisayo.c Sikumema ukuba uzihlolele lokho iBhayibheli elikufundisayo ngokuzokwenzeka maduze, lapho zonke izinhlobo zenkohlakalo ziyobe zingasekho phakade.

a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngenani lokufa kukaJesu okuhlengayo, bheka isahluko 5 encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

b IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu uJehova.

c Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka izahluko 3, 8 no-11 encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela