Izifundo Zami ZeBhayibheli
ABANEMINYAKA EMITHATHU NANGAPHANSI
Liyana namuhla.
UBuhle uyakhala.
“Angikwazi ukuphumela ngaphandle.
Yini lingayeki ukuna?”
Kodwa ube esemangala!
Nakhu kuvela ilanga.
Imvula isiphelile.
UBuhle useyajabula!
Uyagijima, aphumele
ngaphandle futhi
uyajabula ngalokho
akubonayo.
UBuhle uthi,
“Bengingazi ukuthi imvula
evela kuNkulunkulu yenza
izimbali zikhule!”
IMISEBENZI
Cela ingane yakho ikubonise
Ifasitela
UBuhle
Izimbali
Inyoni
Isihlahla
Thola izinto ezifihliwe.
Inunu
Ibhanoyi
Funda izEnzo 14:17. UJehova uyiniselani imvula?