Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 12/1 k. 11
  • Sondela KuNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Sondela KuNkulunkulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-39—UMalaki
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Ukuhlangabezana Nezimfuneko Zaphezulu Kudumisa UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • “Isibusiso Kuze Kungabikho Ukuswela”
    Lukhumbule Njalo Usuku LukaJehova
  • Obani Abayosinda Osukwini LukaJehova?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 12/1 k. 11

Sondela KuNkulunkulu

Ingabe Ukhona ‘Encwadini KaNkulunkulu Yenkumbulo’?

UJEHOVA uyayibona yini imizamo yabakhulekeli bakhe yokumjabulisa? Yebo, uyayibona! Kodwa ubona okungaphezu kwezenzo zabo zokumhlonipha namazwi okumdumisa. Uyabona ngisho nalapho becabanga ngokwazisa ngaye. Ngaphezu kwalokho, uJehova akasoze abakhohlwa abantu bakhe nalokho abakwenzayo. Singaqiniseka kanjani? Impendulo itholakala emazwini alotshwa umprofethi uMalaki.—Funda uMalaki 3:16.

Ngekhulu lesihlanu B.C.E., ngenkathi uMalaki engumprofethi kwa-Israyeli, kwakunemikhuba emibi yokuziphatha nezenzo zenkolo ezinyantisayo kwa-Israyeli. Abapristi babengazinaki izabelo zabo, futhi nabantu baqala ukwenza imikhuba ehlazisa uNkulunkulu njengokuthakatha, ukuphinga nokukhwabanisa. (Malaki 2:8; 3:5) Kodwa, phakathi naleyo nkathi yenkohlakalo, kwakuneqembu lama-Israyeli elahlala lithembekile. Yini elaliyenza?

UMalaki uthi, “abamesabayo uJehova bakhuluma omunye komunye.” Ukwesaba uNkulunkulu kuyimfanelo enhle. Lapha, uMalaki uthi ama-Israyeli ayenenhlonipho enkulu ngoNkulunkulu futhi esaba ukumdumaza. Phawula ukuthi labo ababesaba uNkulunkulu “bakhuluma omunye komunye.” Kusobala ukuthi babehlangana ukuze bakhulume okuhle ngoJehova futhi bakhuthazane, ukuze bangadangali noma bangenwe inkohlakalo eyayibazungezile.

Ama-Israyeli athembekile abonisa ukwesaba kwawo uJehova nangenye indlela ebalulekile: ‘Ayecabanga ngegama lakhe.’ Enye inguqulo ithi “ayelazisa igama laKhe.” Labo ababesaba uNkulunkulu babedumisa uJehova ngisho nasemicabangweni yabo. Ezinhliziyweni zabo babecabanga ngokwazisa, noma bezindla ngoJehova nangegama lakhe elikhulu. Ingabe uJehova wayekubona ababekwenza?

UMalaki uthi: “UJehova waqhubeka enakile futhi elalele.” Esendaweni yakhe yokuhlala ephezulu ezulwini, uJehova wayelalelisisa futhi ewezwa wonke amazwi okumdumisa abakhulekeli bakhe abawakhuluma komunye nomunye. Wayephinde azinake zonke izizindlo zabo zangasese. (IHubo 94:11) Kodwa wenza okungaphezu kokuphawula amazwi amahle nemicabango yabo.

UMalaki wabhala: “Kwalotshwa incwadi yenkumbulo phambi kwakhe.” Leyo ncwadi ingumlando wabo bonke labo abaye bakhonza uJehova ngobuqotho. Phawula ukuthi ibizwa ngokuthi “incwadi yenkumbulo.”a Lokhu kusitshela ukuthi uJehova akasoze abakhohlwa abakhulekeli bakhe abathembekile nakho konke abakwenzile ukuze bamdumise—zonke izenzo zabo ezinhle, amazwi nemicabango yabo. Kodwa uNkulunkulu unesizathu sokubakhumbula. Ubathembisa umvuzo wokuphila okuphakade labo abamagama abo ayohlala elotshiwe encwadini yakhe yenkumbulo.b—IHubo 37:29.

Yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi uJehova ukubona kubalulekile konke esikwenzayo ukuze simkhulekele ngendlela ayamukelayo! Amazwi akuMalaki 3:16 asenza sicabangisise. Senza kahle ngokuzibuza, ‘Ingabe igama lami likhona “encwadini kaNkulunkulu yenkumbulo”?’ Liyoba khona uma senza okusemandleni ethu ukuba usuku nosuku senze, sikhulume futhi sicabange ngezindlela uJehova ayothanda ukuzikhumbula.

Izahluko zeBhayibheli ongazifunda ngo-December:

Nahume 1-3–Malaki 1-4

a Igama lesiHeberu elithi “inkumbulo” lisho okungaphezu nje kokukhumbula into ethile engqondweni. Lingasho nokuthatha isinyathelo ngalokho okukhunjulwayo.

b Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngesithembiso sikaNkulunkulu sokuphila okuphakade, bheka isahluko 3 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela