Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w13 11/1 k. 3
  • Kunzima Kwabanye Ukuthanda UNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kunzima Kwabanye Ukuthanda UNkulunkulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Iqiniso Lingakukhulula
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Amanga Athi UNkulunkulu Uyimfihlakalo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Amanga Athi UNkulunkulu Unonya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Thanda UNkulunkulu Okuthandayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
w13 11/1 k. 3

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | YIMAPHI AMANGA AQHELISA ABANTU KUNKULUNKULU?

Kunzima Kwabanye Ukuthanda UNkulunkulu

“‘Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho.’ Lona ngumyalo omkhulu kunayo yonke futhi ungowokuqala.”—UJesu Kristu, ngo-33 C.E.a

Abanye abantu bakuthola kunzima ukuthanda uNkulunkulu. Kubona, uNkulunkulu akaqondakali, ukude futhi unonya. Cabangela la mazwi alandelayo:

  • “Ngathandazela usizo kuNkulunkulu kodwa ngesikhathi esifanayo nganginomuzwa wokuthi ukude, akafinyeleleki. Kimina uNkulunkulu wayengeyena umuntu onemizwa.”—UMarco, e-Italy.

  • “Nakuba ngangifuna ngempela ukukhonza uNkulunkulu kodwa wayebonakala ekude kakhulu. Ngangicabanga ukuthi unguNkulunkulu onesihluku ophilela ukusijezisa. Ngangingakholelwa ukuthi unezimfanelo ezinhle.”—URosa, eGuatemala.

  • “Ngesikhathi ngisemncane, ngangicabanga ukuthi uNkulunkulu ufunana namaphutha kithi futhi uhlale ekulungele ukusijezisa. Ngokuhamba kwesikhathi ngambona njengomuntu okude kakhulu kithi. UNkulunkulu wayenjongondunankulu olawula izindaba zabantu abangaphansi kwakhe—kodwa engenandaba ngempela nabo.”—URaymonde, eCanada.

Ucabangani? Ingabe uNkulunkulu akathandeki? Sekungamakhulu eminyaka amaKristu ebuza lowo mbuzo. Empeleni, kunesikhathi lapho abantu abaningi kweLobukholwa babengathandazi kwakuthandaza kuNkulunkulu uMninimandla onke. Kungani? Babemesaba ngendlela emangalisayo. Isazi-mlando uWill Durant sikubeka kanje: “Isoni sasingalokotha kanjani nje sithandaze kumuntu omubi nokude kangaka?”

Yini eyabangela ukuba uNkulunkulu abhekwe njengomuntu “omubi nokude”? Lifundisani ngempela iBhayibheli ngoNkulunkulu? Ingabe ukufunda iqiniso ngoNkulunkulu kungakusiza ukuba umthande?

a Mathewu 22:37, 38.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela