Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w14 8/1 k. 7
  • UNkulunkulu Uzenza Atholakale Kuwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UNkulunkulu Uzenza Atholakale Kuwe
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe UJehova Uyakukhathalela Ngempela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Usizo Lokuqonda IBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • UFiliphu Ubhapathiza Isikhulu SaseTopiya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Ukumemezela “Izindaba Ezinhle NgoJesu”
    ‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
w14 8/1 k. 7

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | NGABE UNKULUNKULU UYAKUKHATHALELA?

UNkulunkulu Uzenza Atholakale Kuwe

“Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumileyo emdonsa.”—JOHANE 6:44.

OKWENZA ABANYE BANGABAZE: Abantu abaningi abakholelwa kuNkulunkulu bazizwa bekude naye. UChristina, owesifazane wase-Ireland owayeya esontweni masonto onke, uyavuma, “Ngangimbheka njengoNkulunkulu owadala zonke izinto nje kuphela. Kodwa ngangingamazi. Angikaze ngizizwe ngisondelene naye.”

LOKHO OKUFUNDISWA IZWI LIKANKULUNKULU: Lapho siphambuka, uJehova uyaqhubeka ezama ukusisiza. Nawu umfanekiso owenziwa uJesu, obonisa indlela uNkulunkulu asikhathalela ngayo: “Uma umuntu eba nezimvu eziyikhulu futhi kuduke eyodwa yazo, ngeke yini ashiye ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye phezulu ezintabeni asuke ayofuna leyo edukile?” Isifundo? “Ngokufanayo akuyona into efiselekayo kuBaba osezulwini ukuba kushabalale noyedwa walaba abancane.”—Mathewu 18:12-14.

Bonke “kulaba abancane” bayigugu kuNkulunkulu. UNkulunkulu ‘ubafuna kanjani abadukayo’? NgokomBhalo ocashunwe ekuqaleni, uJehova udonsela abantu kuye.

OFakazi BaJehova edolobheni elikhulu baxoxa nendoda ethile ngeBhayibheli

Obani namuhla abaya emizini yabantu nasezindaweni zomphakathi ukuze baxoxe nabantu ngalokho okushiwo iBhayibheli ngoNkulunkulu?

Cabanga indlela uNkulunkulu athatha ngayo kuqala isinyathelo ukuze adonsele abantu abaqotho kuye. Ekhulwini lokuqala C.E., uNkulunkulu wathumela uFiliphu, umfundi ongumKristu, enqoleni yesikhulu esingumTopiya ukuze baxoxe ngencazelo yesiprofetho seBhayibheli esasifundwa yileso sikhulu. (IzEnzo 8:26-39) Kamuva, uNkulunkulu waqondisa umphostoli uPetru emzini kaKorneliyu, oyisikhulu esingumRoma, owayethandaza futhi ezama ukukhulekela uNkulunkulu. (IzEnzo 10:1-48) UNkulunkulu waqondisa nomphostoli uPawulu nayehamba nabo emfuleni ongaphandle komuzi waseFilipi. Lapho, bahlangana ‘nomkhulekeli kaNkulunkulu’ okuthiwa uLidiya futhi “uJehova wayivula kakhulu inhliziyo yakhe ukuba anake.”—IzEnzo 16:9-15.

Esimweni ngasinye, uJehova waqikelela ukuba labo ababemfuna babelithola ithuba lokumazi. Obani namuhla abaya emizini yabantu nasezindaweni zomphakathi ukuze baxoxe nabantu ngalokho okushiwo iBhayibheli ngoNkulunkulu? Abaningi bangaphendula bathi, “oFakazi BakaJehova.” Zibuze, ‘Kungenzeka yini ukuthi uNkulunkulu usebenzisa bona ukuze azenze atholakale kimi?’ Sikukhuthaza ukuba uthandaze kuNkulunkulu, umcele ukuba akusize udonseleke kuye.a

a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bukela i-video ethi Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli? engosini ethi www.pr2711.com/zu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela