Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w14 8/1 k. 16
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ungayibona Kanjani Inkolo Yeqiniso?
    Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
  • Zithini Izindaba Ezinhle Ngenkolo?
    Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
  • Ungayibona Kanjani Inkolo Yeqiniso?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Inkolo Eyamukelwa UNkulunkulu
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
w14 8/1 k. 16
OFakazi BakaJehova abavela emaqenjini ezizwe ezihlukahlukene bahlangene eHholo LoMbuso

IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI

Ingabe zonke izinkolo zidumisa uNkulunkulu?

Lapho ulalela izindaba kungenzeka uye waphawula ukuthi ngezinye izikhathi izinto ezimbi zenziwa egameni lenkolo. Akuzona zonke izinkolo ezivela kuNkulunkulu weqiniso. (Mathewu 7:15) Impela, abantu abaningi badukisiwe.—Funda eyoku-1 Johane 5:19.

Noma kunjalo, uNkulunkulu uyababona abantu abaqotho abathanda okulungile neqiniso. (Johane 4:23) UNkulunkulu umema abantu abanjalo ukuba bafunde iqiniso eZwini lakhe iBhayibheli.—Funda eyoku-1 Thimothewu 2:3-5.

Ungayibona kanjani inkolo yeqiniso?

UJehova uNkulunkulu uhlanganisa abantu abavela ezinkolweni eziningi ngokubafundisa iqiniso nangokubafundisa ukuthandana. (Mika 4:2, 3) Ngakho, abantu abasenkolweni yeqiniso ungababona ngendlela abathandana ngayo.—Funda uJohane 13:35.

UJehova uNkulunkulu uhlanganisa zonke izinhlobo zabantu ngokukhulekela kweqiniso.—IHubo 133:1

Abakhulekeli beqiniso basekela ukholo lwabo nendlela yabo yokuphila eBhayibhelini. (2 Thimothewu 3:16) Baphinde badumisa igama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Bafundisa nokuthi uMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwethemba labantu. (Daniyeli 2:44) Balingisa uJesu ngokuvumela ‘ukukhanya kwabo kukhanye,’ ngokwenza okuhle komakhelwane babo. (Mathewu 5:16) Ngakho, amaKristu eqiniso angabonakala ngokuvakashela abantu emizini yabo ukuze akhulume nabo ngezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.—Funda uMathewu 24:14; IzEnzo 5:42; 20:20.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 15 sale ncwadi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?, enyatheliswa oFakazi BakaJehova

Iyatholakala nasengosini ethi www.pr2711.com/zu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela