Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w14 9/1 k. 16
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ziyini Noma Zingobani Izingelosi?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Zisithinta Kanjani Izidalwa Zomoya?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Izingelosi—Indlela Ezisithinta Ngayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Izingelosi​—“Imimoya Enikela Inkonzo Yomphakathi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
w14 9/1 k. 16

IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI

Ingabe izingelosi zingasisiza?

Ingelosi ivekela uDaniyeli emphandwini wezingonyama

Njengoba esikhathini esedlule izingelosi zasiza inceku kaNkulunkulu ethembekile uDaniyeli, namuhla zisiza abantu ukuba bazuze ezindabeni ezinhle

UJehova uNkulunkulu wadala izigidi zezingelosi kusasele isikhathi eside ngaphambi kokuba adale abantu. (Jobe 38:4, 7) Lezi zingelosi ziyizidalwa zomoya ezinamandla ezikhonza uNkulunkulu, ngezinye izikhathi uNkulunkulu uyazithuma ukuba ziqondise futhi zivikele izinceku zakhe emhlabeni. (IHubo 91:10, 11) Namuhla izingelosi zisiza abantu ukuba bazuze ezindabeni ezinhle ezishunyayelwa abalandeli bakaJesu.—Funda isAmbulo 14:6, 7.

Ingabe kufanele sithandaze ezingelosini sicele usizo? Cha. Umthandazo uyisenzo sokukhulekela ngakho kufanele sithandaze kuNkulunkulu kuphela. (IsAmbulo 19:10) Njengoba izingelosi ziyizikhonzi zikaNkulunkulu, zilalela iziqondiso ezivela kuye hhayi ezivela kubantu. Ngakho-ke, imithandazo yethu kufanele siyiqondise kuNkulunkulu kuphela ngegama likaJesu.—Funda iHubo 103:20, 21; Mathewu 26:53.

Ingabe zikhona izingelosi ezimbi?

Njengabantu, izingelosi zadalwa zinenkululeko yokuzikhethela futhi zingakhetha ukwenza okulungile noma okungalungile. Ngokudabukisayo, izingelosi eziningi zamlahla uNkulunkulu. (2 Petru 2:4) USathane uyingelosi yokuqala eyalahla uNkulunkulu, wabe eselandelwa ezinye ezaba amademoni. Ezikhathini zakamuva, uSathane namademoni akhe baye baxoshwa ezulwini baphonswa phansi emhlabeni.—Funda isAmbulo 12:7-9.

Ukwanda okubabazekayo kobubi nobudlova kusukela ngo-1914 kuwuphawu lokuthi maduzane uNkulunkulu uzobopha uSathane namademoni akhe. Ngemva kwalokho uNkulunkulu uyobuyisela umhlaba esimweni esifanele.—Funda isAmbulo 12:12; 21:3, 4.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 10 sale ncwadi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?, enyatheliswa oFakazi BakaJehova

Iyatholakala nasengosini ethi www.pr2711.com/zu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela